Osingaye bashiywe ngaphandle embizweni


INGQUNGQUTHELA kaHulumeni ekhuluma ngemisebenzi eNingizimu Afrika iJob Summit evulwe ngokusemthethweni izolo ezosongwa namuhla iqale ngegiya eliphansi njengoba abantu abangasebenzi bengavunyelwe ukuba ingxenye yayo nomfelandawonye wezinyunyana iSouth African Federation of Trade Unions (Saftu) yaqoma ukungabambi iqhaza kuyo.
Le ngqungquthela ibizwe uMengameli uCyril Ramaphosa ngesikhathi lapho iNingizimu Afrika isesimweni esibi ngokulahleka kwemisebenzi. Umbiko wangasekupheleni kwenyanga edlule uveze ukuthi kulahleke imisebenzi engama-69 000 phakathi kukaNdasa noNhlangulana nonyaka ezweni.
AbeStatistics South Africa bebesanda kukhipha izibalo ezikhombisa ukuthi phakathi kukaNdasa noNhlangulana imisebenzi yehlile isuka ezi-9 817 000 yafinyelela ezi-9 748 000.
Imisebenzi elahleke kakhulu ngeyasezimbonini naleyo yomphakathi esikhathini esiningi esuke ingekaHulumeni. Umkhakha wezimayini nezokuthutha kuyo kulahleke imisebenzi eyizi-4000.
Okhulumela inhlangano yabantu abangasebenzi uMnu u-Ayanda Kota uthe baphoxekile ngokuthi bavinjwe ekubeni ingxenye yale ngqungquthela.
“Kwenzeka kanjani ukuthi kukhulunywe ngathi kodwa sivinjwe ukuthi sibe yingxenye yengqungquthela,” kubuza uKota.
Uthe ababoni kukhona okusha okuzokwenzeka ngezinqumo ezizothathwa kule ngqungquthela ngaphandle kovo lwabo.
Khonamanjalo iSouth African Federation of Trade Unions (Saftu) ithi le ngqungquthela akukho okuhlukile ezokwenza ekwehliseni izibalo zabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika.
ISaftu isichithile isimemo seNational Economic Development and Labour Council (Nedlac) sokuba ingxenye yale ngqungquthela.
Esitatimendeni ithe iNingizimi Afrika iyizwe lesithupha emhlabeni emazweni ahamba phambili ngokuswelakala kwamathuma emisebenzi. Lo mfelandawonye wezinyunyana uthi uHulumeni neziNhlaka ezakha iNedlac abakuboni ukubaluleka kokuba kusetshenziswane kudalwe amathuba emisebenzi.
UNobhala weSaftu uMnu uZwelinzima Vavi uthe ukungabikhona kwemisebenzi into ebucayi kunazo zonke ebhekene nezwe.
“Izinombolo aziqambi amanga, izinhlangano ezithintekayo azikuthathi ukuswelakala kwemisebenzi ngendlela okumele engabe zikuthatha ngayo. Njalo ngekota sibona isimo siya ngokuba sibi ngokwezibalo ezikhishwa abe Stats SA,” kusho uVavi.
Ngesikhathi kuqala le mbizo amakhulu abantu abangasebenzi abebhikisha endaweni ebuqamama nalapho ibanjelwe khona ngoba bebengavunyelwe ukusondela eduze.
Naphezu kwezingqinamba eqale ngazo le mbizo, kodwa uNgqongqoshe Wezabasebenzi uNkk uMildred Olifant uthe banethemba lokuthi imbizo izothela izithelo ngoba ekugcineni inhloso yabo ukuthi kwaneliseke zonke izinhlangothi kudaleke imisebenzi kuvikelwe naleyo ekhona.