Now Reading
Umthwalo wokuveza ukuxoshwa obunobulungiswa
Dark Light

Umthwalo wokuveza ukuxoshwa obunobulungiswa

Masikhumbuzane ukuthi uMthethosisekelo wezwe uthi ‘wonke umuntu unelungelo lokuphathwa ngobulungiswa ebudlelwaneni bokuqashwa’  kanti uMthetho Wezobudlelwana Bezokuqashwa iSigaba 185 uthi “Wonke umuntu ongumqashwa unelungelo lokungaxoshwa ngendlela engenabulungiswa, nokungaphathwa ngendlela enganabulungiswa ebudlelwaneni bokuqashwa”.

UMthetho Wezobudlelwana Bezokuqhashwa iSigaba 192 LRA uthi ngumqashi hhayi umqashwa onomthwalo wokuveza ukuthi ngempela ukuxoshwa kunobulungiswa. Umqashi kumele akuveza lokhu ngobufakazi obucacisa okokuqala ukuthi kunesizathu esiphathekayo sesenzo sokuziphatha noma sokwehluleka ukwenza umsebenzi noma sokudilizwa. Futhi kumele ubufakazi lobo buveze ukuthi leso sizathu noma lezo zathu azivezayo umqashi bezanele zifanele ukuthi zijeziswe ngokuxoshwa hhayi ezinye izijeziso ezinjengezexwayiso nokumiswa kwesikhashana ungakhokhelwa mholo. Umqashi kumele makalethe ubufakazi bokuthi ulandele inqubo enobulungiswa ekuxosheni umsebenzi.

Phela umthetho wona uthatha ngokuthi ngaphandle nje kokuxoshwa okuvele kungenabulungiswa (automatically unfair) konke ukuxoshwa komsebenzi akunabulungiswa uma umqashi ehluleka ukuletha lobu bufakazi esibushoyo lapha. Njengoba sachaza ngokwedlule, okomqhashwa ukuveza nje kuphela ukuthi uxoshiwe bese-ke umthwalo wonke ugudlukela kumqashi ukuba aveze lobu bufakazi esibushoyo lapha.

Umthetho ugcizelela ukuba makulandelwe indlela yokuqondisa izigwegwe ehlumelelisa isimilo sokuziphatha okuhle emsebenzini hhayi enonya lokuvele kuxoshwe umqashwa. Lokhu kulotshwe esibophezelweni sokuziphatha okuhle (Code of Good Practice: Dismissal) esashicilelwa ngaphansi kwawo uMthetho Wezobudlelwana Bezokuqhashwa . Futhi kwagcizelelwa yizona zonke izinqumo zezinkantolo ezinkulu emacaleni aphathelene nokuxoshwa okunhlobo nhlobo. Ngamafuthi kusho ukuthi ukuxoshwa kuyisijeziso sokugcina okungafanele kuqalwe ngaso uma onile umsebenzi. Kodwa-ke le nqubo yokuhlumelelisa izigwegwe akaphoqelekile ukuyilandela umqashi uma umsebenzi enze isenzo esikhulu futhi esijeziswa ngokuxoshwa ngoba ubudlelwana bakhe nomqashi bungeke busabekezeleleka. Izibonelo zalokhu yizenzo ezifana nalezi: ukulwa emsebenzini; ukushaya omunye umqashwa noma umqashi; ukweba nezenzo ezingenakwethembeka nokulimaza impahla ngamabomu. Kulezi zenzo umthetho uyaxegisa ekutheni uma sekulandelwe inqubo enobulungiswa, ukuxoshwa kunobulungiswa.

Inqubo yokuxoshwa emsebenzini: Umthetho uthi ukuze ukuxoshwa kube ngokunobulungiswa kumele kulandelwe inqubo nendlela enobulungiswa nelungileyo. Lokhu kusho ukuthi umqashwa kumele ukuba wephule umbandela noma umthetho othile wokuqashwa bese ethethiswa icala ngaleso senzo. Umthetho ugcizelela ukuthi makanikwe ithuba lokuziphendulela umqashwa ngaphambi kokuba kuthathwe isinqumo sokumxosha emsebenzini. Lona yiwona mbandela ongumgogodla wenqubo enobulungiswa yokuxoshwa emsebenzini.

Indlela yenqubo noma elungile yokuxoshwa yilena yokuthi: Umqashwa kumele anikezwe isaziso esichaza ukuthi umenywa esigcawini sokuqondiswa izigwegwe esizoba nini ngasiphi isikhathi kuyiphi indawo. Isaziso kumele sichaze ngokwanele ukuthi yimaphi amacala noma izinsolo abhekene nakho umqashwa. Kumele sisho ukuthi wenzeni, ngasiphi isikhathi nokuthi lokho kuphambana namuphi umthetho noma umbandela womqashi noma wenkampani aqashwe kuyona. Asiphelele isaziso uma singasho ukuthi umqashwa unelungelo lokuletha ubufakazi abize ofakazi noma ethule izincwadi ezinobufakazi uma sekuthethwa icala.

Isaziso kumele simnikeze isikhathi esanele umqashwa sokuba azilungiselele ukuza ecaleni. Ngamanye amazwi umqashwa unelungelo lokuthi athole aphinde akhulume nofakazi bakhe bonke kungakafiki usuku lwesigcawu. Umqashwa unelungelo futhi lokufuna imininingwane ethile kumqashi ezomsiza uma sekuthethwa icala. Umqashi akumele amncishe leyo mininingwane ngaphandle kokuba enelungelo lokuyithatha njengemfihlo futhi iyinto yangasese anelungelo lokuyigodla umqashi.

Ukuthethwa kwecala kumele makuqikelele ukuthi uyanikwa ithuba lokubuza aphikise bonke abafakaza okuphambene naye umqashwa. Okukhulu wukuthi anikwe ithuba lokuziphendulela abeke olwakhe uvo mayelana nezinsolo abekwa zona. Futhi unelungelo lokumelwa ngomunye umsebenzi noma isitshuwadi.  Uma sekudluliwe kukhona konke lokhu, ongusihlalo wesigcawu usengathatha isikhathi ecubungula konke okwethulwe phambi kwakhe abese ethatha isinqumo sesijeziso yena asibona sifanele.

Inqubo elandelwa uma kuxoshwa umsebenzi ibaluleke kakhulu ngoba uma sekuthethwa icala enkantolo noma kwaCCMA iyacutshungulwa inqubo ukuthi ibe ngenobulungiswa yini.  Noma ngabe kunesizathu esinobulungiswa sokuxoshwa, kodwa uma inqubo ingenabulungiswa uyajeziswa ahlawuliswe umqashi, noma kuthiwe makamubuyisele emsebenzini. Sesichazile ngenqubo enobulungiswa ekuxosheni umsebenzi. Ake sibheke izibonelo zezinqumo zezinkantolo emacaleni amayelana nalolu daba lwenqubo yokuxoshwa.

Isinqumo esingumhlahlandlela kulolu daba sathathwa ecaleni elisihloko esithi: Avril Elizabeth Home for the Mentally Handicapped v/s CCMA & Others (2006) 27 ILJ 1644 (LC). Lapho iNkantolo Yezabasebenzi yanquma ukuthi umbandela omkhulu ngowokuthi ngaphambi kokuxosha, umqashi kufanele aphenye isenzo somqashwa, anike umqashwa noma ngomele umqashwa ithuba lokuziphendulela kuzona zonke izinsolo abhekene nazo. Bese ethatha isikhathi sokucabanga ngaphambi kokuthatha isinqumo sokuxosha umsebenzi. Ummongo walesi sinqumo uthi makanikezwe ithuba lokuziphendulela umsebenzi ngaphambi kokuba axoshwe.

See Also

Kwelinye icala okuthiwa Nitrophoska (Pty) Ltd v CCMA & Others [2011] 8 BLLR 765 (LC) umqashwa wayengumphathi omkhulu. Umkakhe umqashwa wakhwabanisela umqashi (inkampani) yalakuqashwe khona lo mphathi waboshwa watholakala enecala lokukhwabanisa. Umqashi wabe esemxosha lomqashwa (imenenja). Inqubo ayilandela lo mqashi kwaba yingxoxo nje lapho abuza khona umqashwa ukuthi ngabe yena ubona ubudlelwana bokuqashwa busebuhle yini futhi buzoqhubeka kanjani emva kwalesi sigameko somkamqashwa. Emva kwale ngxoxo waxoshwa umqashwa. Wafaka icala enkantolo umqashwa ekhala ngokuthi inqubo eyalandelwa ekuxoshweni kwakhe kayibanga nabo ubulungiswa. Kodwa inkantolo yanquma ukuthi leya ngxoxo ababa nayo ngaphambi kokuxoshwa yayenele ukuba yinqubo enobulungiswa. Inkantolo yamchitha umqashwa. Okusho khona ukuthi okubalulekile ngukuthi anikwe ithuba lokuzokhulumela ngaphambi kokuxoshwa kwakhe umqashwa.

Uma kujeziswa lowo okhethelwe ukuthi amele abanye abasebenzi (isitshuwadi) umthetho uthi makwaziswe inyunyana kuqala. Lokhu kutholakala kuSigaba 4(2) Sohla Lokuziphatha Okulungileyo Mayelana Nokuxoshwa (Code of Good Practice: Dismissal, Schedule 8 to the LRA) nakuCCMA Guidelines: Misconduct Arbitrations.

Kodwa kwelinye icala iNkantolo Yezabasebenzi Yokwedlulisa amacala yanquma ukuthi yize ehlulekile ukwazisa inyunyana umqashi ngaphambi kokujezisa isitshuwadi, lokho akuzange kwamhlukumeza umqashwa ngakho-ke akuphambananga nenqubo yokuxoshwa enobulungiswa njengokulawula komthetho.

Elinye le mibango ephathelene nalolu daba yiphuzu lokuthi unalo yini ilungelo lokumelwa ngummeli umqashwa uma ebhekene nesigcawu sokuqondiswa kwezigwegwe emsebenzini. Ngokujwayelekile akanalo ilungelo lokumelwa ngummeli umqhashwa esigcawini sokuqondiswa kwezigwegwe emsebenzini. Kodwa unelungelo lokumelwa ngomunye umsebenzi noma ngokhethelwe ukumela abasebenzi (isitshuwadi). Uma kodwa kunguyena luqobo lona omela abasebenzi obhekene nokujeziswa, unelungelo lokumelwa yizikhulu zenyunyana ayilunga layo.

Scroll To Top