Kubiza ngokwemali nesithunzi ukudlala kungenabalandeli
NGESONTO eledlule kwenzeke okungejwayelekile ebholeni laseNingizimu Afrika ngokuthi iqembu elihlonishwa njengelinye lamakhulu ngaphansi kweNhlangano Yebhola iProfessional Soccer League (PSL) lidlale umdlalo weligi ngaphandle kwezinkumbi zabantu abalandela leli qembu lasePhefeni. Lokhu phela besekungukuqala kwesigwebo esanikezwa iqembu iKaizer Chiefs yiLigi ngenxa yobuhlongandlebe nokucekelwa phansi kwenkundla iMoses Mabhida ngabalandeli balo emdlalweni elashaywa kuwo yiFree State Stars kudlalwa eyomkhumulajezi wakwaNedbank ngonyaka owedlule. Sekusele umdlalo wayo neChippa United oyodlalelwa phambi kwezihlalo ezingenamuntu eMoses Mabhida ziyi-10 kuLwezi onyakeni ophezulu bese kuyaphela ngesigwebo.
Ubukhulu bomonakalo owenziwa ngabalandeli nokulinyazwa okungenasidingo kwabantu ababezozithokozisa kwenza wonke umuntu okwenyanyayo ukuziphatha kwabantu ngobudlwembe obunjengalobuya obaboniswa ngabazibiza ngabalandeli be “Mpofana” (isiteketiso seKaizer Chiefs) avumelane nababethi leli qembu lalifanelwe yisijeziso esiyoba yisifundo nakwabanye ukuthi akugcwanekelwa enkundleni. Isigwebo esakhishwa yiLigi njengesijeziso uma sibukeleka kude ungacishe ungasishayi mkhuba. Yini imidlalo emibili kungenazibukeli uma isizini isaqala nombango wesicoco seLigi ungakafiki kuvuthondaba? Omunye ubengazibuza lokho.
Nokho kulabo abasondelene neqembu usuku nosuku lesi sigwebo bazi kahle ukuthi sichaza ukuthini. Okokuqala nje, ukujeziswa kweqembu ngenxa yokungaziphathi kahle kwabalandeli kuyasehlisa isithunzi salo emehlweni abantu. Isibonelo esincane esokuthi eminyakeni eyedlula iqembu laseSoweto iMoroka Swallows Big XV, lake lathelwa induku yiqembu iZulu Royals e-Orlando Stadium. Kwangena amagoli amahlanu umdlalo ungakayi nasekhefini. Abalandeli beSwallows bezibona bethelwa ngehlazo enkundleni yabo yasekhaya bavuka umbhejazane kwasuka isidumo e-Orlando Stadium, kwalimala abantu kwagcwala amadramu enkundleni.
Leso senzo asibenzanga amaqhawe abalandeli beSwallows kunalokho siyisigameko esingasuki olimini lwabalandeli bebhola lezinyawo abasebezibona izinto kwenzeka leso sigameko futhi asikhunjulwa kahle. Ukwenza kwabalandeli kwathunaza isithunzi seqembu elinomlando omude kabi kwezikanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika. Nabo-ke kulokhu abalandeli beMpofana babethi balungisa okonakele eqenjini kanti sebezigwaza ngowabo balimaza isithunzi seqembu.
Okwesibili okufanele kukhunjulwe yinoma yimuphi umlandeli weqembu elidlala esigabeni esikhulu wukuthi laphaya akudlalwa kodwa kusebhizinisini. Umdlalo nomdlalo izikhulu zisuke sezinaso isithombe sokuthi zizokwenza malini, ngingasayiphathi eyeqembu elikhulu njengeKaizer Chiefs elilandelwa yizinkumbi. Uma singake senze isibonelo sokuthi okungenani emdlalweni obandakanya iKaizer Chiefs, kungakhathaleki ukuthi usekhaya noma ekuhambeni, udonsa abantu abayizi-10 000 umdlalo ngamunye, uma ithikithi lokubuka umdlalo libiza amarandi angama-40 kusho ukuthi iqembu lingenisa amarandi ayizi-400 000 umdlalo umunye, ayiphathwa-ke imidlalo yomkhaya kubhekenwe ne- Orlando Pirates noma owombango wesicoco iKaizer Chiefs ibhekene neMamelodi Sundowns lapho abalandeli bekhandana kuhle kukaZulu ey’eMakheni. Kusobala ukuthi kulahleka izigidi. Ukulahleka kwezigidi kusho ukungakwazi kweqembu ukuthenga abadlali abanohlonze abazoliphakamisa ngokomdlalo.
Okushiwo ngasenhla cishe kubeka isithombe esicace ngokusobala ukuthi ukuziphatha ngokungendlela kwabalandeli kulilimaza kangakanani iqembu ngokwesithunzi nangokwemali. Ngeshwa iqembu iKaizer Chiefs laziwa njengeqembu la “Bafana bokuthula noxolo”. Umbuzo uthi kuphi ukuthula kulokhu okwenziwa ngabalandeli? Lokhu kuziphatha kwabazibiza ngabalandeli kwenza kusolise ukuthi akubona kahle abantu abawazi ngokugcwele umsuka nomlando weKaizer Chiefs laba abalimaza inkundla iMoses Mabhida.
Umyalezo olethwe yilesi sigwebo owokuthi kuhle abalandeli baye enkundleni ngokuyokwesekela iqembu hhayi ukuyolithunaza ngezigameko ezifuze esaseMoses Mabhida nyakenye. Indawo lapho abalandeli bedlulisela khona izikhalo zabo kwabaphethe yisemihlanganweni yamagatsha abalandeli. Uma sekusenkundleni kusuke sekuzobonakaliswa ukuthi iqembu liwulungiselele kanjani lowo mdlalo. IsiZuluke sithi, “induku ishaya imviki” okuchaza ukuthi ungazilungiselela kodwa umphumela uliphike iqembu lakho enkundleni. Lokho akusho ukuthi sekufanele udubele ezakhiweni noma ushaye abantu abebenenhloso yokuzozithokozisa bengezele yona impi enkundleni. Isigwebo sokudlala kungenazibukeli silibulala ngezindlela eziningi iqembu njengoba nomphumela womdlalo iKaizer Chiefs ewudlale nePolokwane City ukhombisile.