Siphendula imibuzo yabafundi ngezithinta ezabasebenzi


UKhumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi.
NAMUHLA sigxila ekuphenduleni imibuzo yabafundi.
Umbuzo: Inkampani engangiqashwe yiyona yavalwa. Yayingaphansi kwemboni yezimoto okuthiwa yiMIBCO. Yavalwa ngowezi 2014 saphelelwa ngumsebenzi sonke. Nginenkinga yemali yempesheli engaphumi kuze kube yimanje.
Impendulo: Akufanele kuze kuphele iminyaka engaka ungakayitholi leyo mali yempesheli. Kufanele ukuba uyaxhumana naboMkhandlu ukuze bekuchazele ukuthi ikuphi inkinga. Izinombolo zabo yilezi: 0861664226 noma 0861664226. Uma ungagculiseki ngempendulo yabo, usungathola isaluleko somthetho noma ufake isikhalo kuMahluleli Wezimpesheli (Pension Funds Adjudicator). Izinombolo zoMehluleli Wezimpesheli yilezi:0860662837 noma 0123461738.
Umbuzo: Ngisebenze isikhathi ngingumsizi womshayeli wamaloli athutha insimbi, ngaze ngathola imvume yokushayela engu Code 14. Ozakwethu bebengisiza ukunginika ithuba lokushayela iloli ukuze ngijwayele. Kodwa –ke lokho bekungagunyaziwe ngumqashi. Sengake ngathola isexwayiso ngisaqeqeshwa, sokuwisa inqola. Osekungixoshisile –ke manje ukushayela ngingagunyaziwe. Kube khona ongimpimpayo kumqashi ukuthi ozakwethu bayangebela ukuba ngishayele iloli. Nembala umqashi wangibhadama iloli linomthwalo. Ngathethiswa icala ngaxoshwa. Nozakwethu laba abangisizayo ukungebela ukuba ngishayele iloli nabo bathethiswa amacala bajeziswa ngezexwayiso zokugcina. Kasinayo inyonyana. Ngibona sengathi esami isijeziso kasibanga nabo ubulungiswa.
Impendulo: Masikuvume ukuthi ubenephutha elikhulu ngoba libeka engozini impilo yakho neyabanye kunye nempahla yomqashi. Kuyakunyundela futhi ukuthi sewake wathola isexwaiso ngephutha elifuze leli oxoshelwe lona. Umbuzo-ke ngothi bekufanele yini ukuba ujeziswe ngokuxoshwa ibe ozakwenu ababekusiza bekunikeza iloli ukuba ulishayele bona bejeziswe ngezexwayiso zokugcina. Kunzima ukubeka umbono ngalombuzo uma umuntu engalalelanga izinhlangothi zombili okungolwakho nolomqashi. Kodwa yize kunzima kunjalo, kubukeka sengathithi angeke asolwe umqashi ngokunijezisa ngezijeziso ezahlukene ninozakwenu.
Kuyacaca ukuthi ukona kwenu kakulingani noma kakufani ncimishi, ikakhulukazi ngoba wena usunaso vele isexwayiso sokona okufanayo nalokhu oxoshelwe khona. Kuyacaca ukuthi umqashi ukubuke njengokona okukhulu lokhu okwenzile. Nabehluleli kubukeka sengathi bayovumelana naye ngenxa yalezizathu engizibekile. Okunye abayokubheka abehluleli ukuthi lezizenzo ezinjena ubezijezisa kanjani umqashi esikhathi esingaphambili. Uma ebevele engakubekezeleli lokhukwenza umqashi, kukhona ubufakazi balokho, angiyiboni impumelelo uma ufaka icala lokuxoshwa. Kodwa kungocono uthole isaluleko nombono wommeli noma wenyonyana abawaziyo Umthetho Wezabasebenzi.
Umbuzo: Ngibekwe icala lokuhlukumeza ngokocansi okungelona iqiniso. Bangibophele amanqinenyathi; impela ngifunga ngiyagomela ukuthi angenzanga lutho kulowesifazane engixoshelwe yena. Ngingasizakala kanjani.
Impendulo: Lubucayi icala lokuhlukumeza ngokocansi. Uma bekubeke lezonsolo futhi ubona ukuthi kawenze sono, kumele usukume ngazo zombili uthole ungoti ozokweluleka aphinde akumele. Isijeziso sokuhlukumeza ngokocansi ukuxoshwa. Umqashi naye usuke ebalekela ukuboshwa nokuhlawuliswa uma engakuthatheli izinyathelo ezifanele. Ngakho-ke, ngithi thola usizo lukangoti ngokushesha, umbikele konke okwenzekile. Kufanele futhi uqoqe bonke ubufakazi obukuvunayo ukuze ulekelele lowommeli oyomthola ukuba akumele.
Umbuzo: Uma ulove emsebenzini ngenxa yokugula futhi ubuyise incwadi kadokotela engubufakazi, kulungile yini ukuthi lezo zinsuku zithathwe kwezelivu yonyaka eyizinsuku ezingama-21 onyakeni? Yilokho okungivelele mina.
Impendulo: Ilivu yokugula kayihlangani neyonyaka. Akukho emthethweni ukusebenzisa ilivu yonyaka uma umqashwa egulile kunobufakazi balokho.
Okungenzeka ukuthi uma eseziqedile izinsuku zelivu yokugula umqashwa, enganikwa ilivu yokugula engakhokhelwa ngoba akasenansuku zelivu yokugula. Kodwa, akunakuthathwa ezinukwini zelivu yonyaka. Uma esenikwe ilivu yokugula engakhokhelwa ngenxa yokuthi akasenazo izinsuku zayo, umqashwa engabuza futhi kwa Department of Labour mayelana nemali yokugula engumhlomulo weSikhwama Sabantula Umsebenzi (UIF). Kuyenzeka futhi ukuthi abanye abasebenzi bezicelele bona, noma bevumelane nabaqashi ukuthi kuthathwe ezinsukwini zelivu yonyaka uma sebengenazo izinsuku zelivu yokugula. Kodwa ngiyangabaza ukuthi lesosivumelwano sisemthethweni, okungathi uma sekuxatshenwe sidale inkinga.
Umbuzo: Ngisebenza enkampanini ekhiqiza amaqanda. Kungumthetho wezokuphepha, nowezempilo kule mboni ukuthi sigeze kumashawa uma sizoqala ukusebenza. Siyakwazi futhi siyakwemukela lokho. Kodwa engikhala ngakho ukugadwa yindoda eMhlophe elokhu isiqgolozele uma sigeza. Lokho ngibona ukuthi kuyasehlisa isithunzi sethu, futhi kutshengisa ukungasethembi thina basebenzi boHlanga ngoba phela siyawazi umthetho asidinge kugadwa ukuthi siyageza yini noma qha.
Impendulo: Ngiyavumelana nawe ukuthi kungukuhlukumeza ukugadwa ngowesilisa uma nigeza. Okungenani makube ngowesifazane ogada abesifazane kanjalo nabesilisa begadwe ngowesilisa uma sikhona isidingo sokugadwa. Ngibona ukuthi ngokuxoxisana nomqashi nokufaka isikhalo lungaxazululeka lolu daba. Kufanele ukuba ikhona indlela umqashi angaqinisekisa ngayo ukuhlanzeka nokuphepha embonini yakhe ngaphandle kokuthi enibekele umqaphi. Umthetho udinga ukuthi nimbikele umqashi ngaphandle kokunanaza (nibe nobufakazi balokho) ukuthi isenzo sakhe kanisifuni ngoba sinehlisa isithunzi soluntu. Phela ngokomthetho umqashi uphoqekile ukuthatha izinyathelo ngalokho ngoba uma ehluleka, engabhekana namacala ahlukene ngalesi senzo sisodwa. Uma ninganeliseki ngezinyathelo noma ngokwehluleka kwakhe ukuthatha izinyathelo, seningayobonana nongoti bomthetho wezabasebenzi.
- UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi. Ubuye abengumahluleli nomxazululi emacaleli ngaphansi kweCCMA namaBargaining Councils ahlukene.