UMasipala usole umphakathi ngokuhlasela iMeya


UMASIPALA waseMdoni usola umphakathi waseMandawe ngokwehluleka ukuziphatha okugcine ngokuthi iMeya iphoqeleke ukuba ishiye phakathi umhlangano nawo kulandela ukujikijelwa ngamatshe kwagcina ngokuthi umhlangano ungaqhubeki.
Lo mphakathi ozibiza nge-Anti Deployment Association (ADA) ubunenhlabaluhide (imashi) ebibheke emaHhovisi eMeya uMnu uThabani Dube.
Phakathi kokunye umphakathi waseMandawe ukhala ngokungawatholi amathuba emisebenzi kuMasipala nokungabhekelelwa nangezinye izidingo zenhlalakahle yawo.
Imashi yomphakathi yangoLwesithathu igcine idungekile ngesikhathi iMeya nethimba layo bezama ukukhuluma nawo bezokwamukela nohlu lwezikhalo zawo
Elinye ilungu lomphakathi elikhulume nelaboHlanga elizibize ngoMnu uZabo Zama lithe sekukaningi bezama ukuxoxisana neMeya kodwa kube nhlanga zimuka nomoya. Lithe akuqali ukuba kumashelwe izinto ezifanayo bazidlulise izikhalo zabo kodwa ziphelele emoyeni.
“Bese sithi izinto sezihamba kahle ngoba nemashi yethu ibinokuthula kodwa simangele uma sesithelekelwa amaphoyisa sesihlakazwa sengenzanga lutho. Lena yindlela yokusivala umlomo, kodwa siyazi ukuthi bazosidinga uma sekumele kuyiwe okhethweni,” kuzikhalela uZama.

Omunye wesifazane uNks uSlindile Mazeka uthe ulimele ngesikhathi behlakazwa ngamaphoyisa ngesisi esikhalisa unyembezi.
“Thina besazi ukuthi sizomasha ngendlela enokuthula siyodlulisa izikhalo zethu, kusithusile uma sesihlaselwa ngale ndlela.,” kusho uNks uMazeka.
Naye uthe angeke baphele umoya bazoqhubeka nokufaka ingcindezi uMasipala uze ubalalele. Okhulumela uMasipala uMdoni uNkk uZime Gcaba uthe, “Yebo uMasipala unawo umqulu wezikhalo ze-Anti Deployment Association (ADA) edabuka endaweni yaseMandawe. IHhovisi leMeya yoMkhandlu, uKhansela uTW Dube lizamile ukuhlalisana phansi namalungu e-ADA kaningi esikhathini esidlule kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya.
UNkk uGcaba uthe iMeya uDube izamile ukuhlangana nomphakathi obumasha, kodwa kwagcina isimo sesimazonzo kwaphoqeleka ukuthi kungenelele abomthetho.
Ukuphikile ukuthi imashi ebihlelwe umphakathi idungwe uMasipala, kodwa wathi amaphoyisa enze umsebenzi wawo ngesikhathi umphakathi ujikijela iMeya esithangamini.
“UMasipala waseMdoni uzimisele ngokusebenzisana nomphakathi ukudala ukuthula,” kuphetha uNkk uGcaba.
Isitatimende samaphoyisa esithunyelwe ngesandla sikaLieutenant Colonel uThulani Zwane sithe ababhikishi bazame ukuvala umgwaqo ngokushisa amathayi endaweni yaseMagcino, eMandawe, naseScottburgh. UZwane uthi kube khona nomphakathi ongenelile waseMahlongwa kwamashelwa emahhovisi eMeya eScottburgh.
“Udungunyane lusuke ngesikhathi leli qulu elijoyine imashi kamuva sekutholakala ukuthi lihlome ngezibhamu. Sithole umbiko wokuthi phakathi kwabamashayo kukhona abahlomile, nokuyilapho obehlela lo mbhikisho eziqhelelanise nawo wathi akaseyona ingxenye yawo ngoba kukhona abahlomile,” kusho uZwane.
Uthi kuphoqelekile ukuba amaphoyisa awumise umbhikisho batshelwa futhi nabamashayo ukuthi imvume yabo yemashi isimisiwe ngenxa yokuthi abasaziphethe kahle njengoba sekukhona nabashise amathayi.
Kuboshwe abesifazane abali-14 namadoda ali-11 ngamacala okudala udlame emphakathini. Ngesikhathi sokuloba lapha izolo amaphoyisa abesasiqaphile isimo ngoba bekunezinsolo zokuthi umphakathi uzosusa udlame ngoba ufuna kukhululwe ababoshiwe.