Now Reading
Ubu-Afrika abungashabalali ngokuphela kokubungaza uNhlaba
Dark Light

Ubu-Afrika abungashabalali ngokuphela kokubungaza uNhlaba

UNHLABA waziwa ngokuthi yinyanga yase-Afrika.  Isiphelile-ke le nyanga eyaziwa ngokuthi yinyanga yase-Afrika.  Miningi imibuzo umuntu ayibuzayo njengoba sekuphele le nyanga.  Umbuzo ohamba phambili kuyo yonke le mibuzo uthi ngakube ukuphela kwale nyanga kuchaza ukuthi sekuphelile ngobu-Afrika bama-Afrika sekuyoze kubonakale ngonyaka ozayo ngayo futhi le nyanga?  Ukuphela kwale nyanga ngakube kuchaza ukuthi ama-Afrika awehlukane nokukleza azithokozise ngokwawo njengoba isiphelile le nyanga?  Abantu sekumele batholoze bangazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani ngoba sekuphele le nyanga?  Kusho ukuthini ukuphela kwale nyanga kumuntu ongum-Afrika futh ozigqajayo ngokuba ngum-Afrika?

Ngicabanga ukuthi uma kukhulunywa ngenyanga ebizwa ngokuthi ngeyase-Afrika lokhu kusuke kuyimizamo yokuthi abantu mabangazikhohlwa imvelaphi yabo.  Uma abantu bevuselelwa ukuthi bangazikhohlwa imvelaphi yabo kusho ukuthi leyo mvuselelo akufanele kube yinkethabakhona.  Lena kufanele kube yimvuselelo eguduza kuzo zonke izindawo lapho kuhlala khona abantu abazibiza ngokuthi bangama-Afrika.  Lena kufanele kube yimvuselelo efinyelela ngisho lapho kukhala khona inkankane ntambama lithi ngahamba.  Le mvuselelo akufanele kube yimvuselelo yalabo abafunde le mfundo kashoki kuphela.  Ukukhetha uhlobo oluthile lwabantu lokho kuyochaza ukuthi kade kusiniswa amahleza ngale mvuselelo.

Umuntu usengazibuza umbuzo othi engabe isize yaphela le nyanga ebizwa ngokuthi yinyanga yase-Afrika kade kwenziwani?  Noma lona kuwumbuzo ongabhekisiwe kumuntu othile kodwa sengingakusekela ukuthi noma yini ebikade yenziwa ngale nyanga ayizange ifinyelele emakhaya.  Imigubho ebiyenziwa ngale nyanga ibizungeza emadobheni amakhulu.  Ngapha ngakithi eNkumbeni lezi bekuba yizindaba abazizwa emisakazweni nakumathelevishini bese kuphela kanjalo.  Kulawo madolobha amakhulu obekwenzelwa kuyo le migidi ungathola ukuthi ibiyenzelwa ezindaweni eziphambili ezishweza umoya obandayo.  Ungathola ukuthi kulezo zindawo ezishweza umoya obandayo bekukhulunywa isiNgisi sodwa.

Njengoba kade kukhulunywa isiNgisi sodwa nje akukho noyedwa obeke azihluphe ngendaba yezilimi zomdabu zakuleli zwekazi lase-Afrika.  Okunye engingakusho ngingananazi ngakho wukuthi kuthe uma kuphethwa konke obekwenziwa emadolobheni amakhulu kwabe sekugoqwa kubekwa ethala.  Sekuyoze kuphinde kuvumbululwe ngonyaka ozayo ngayo futhi inyanga yase-Afrika.  Ugcina uzibuza ukuthi engabe yini ngempela inhloso yalaba bantu uma besebenza umsebenzi ofana nowenkukhu.  Akulula-ke ukuyiqonda inhloso yalokhu kusebenzisa okwenkukhu uma ungazange ube yingxenye yokwethiwa kwenkomo.

Izilimi zomdabu zona ziba kusiphi isimo eminxeni ehlukene yokuphila nokukuhlukana kwama-Afrika ngezigaba zawo?

Kudela owaziyo ukuthi njengoba kade kuyinyanga yase-Afrika nje ukhona yini oke waba nomcabango wokuthi zizothuthukiswa kanjani izilimi zomdabu.  Ngakube kukhona okuke kwafika kuye ukuthi izilimi zomdabu mazithelelwe umquba ukuze zisimame njengezilimi zezinye izizwe?  Kuke kwagxilwa yini endabeni yokuthi izothiwani indaba yezingane ezingama-Afrika ezingazazi izilimi zazo futhi ezingenandaba nazo?  Uma kukhulunyiwe ngengwadla yezingane ezingazazi izilimi zazo, kuthiweni ngabazali abangafuni nokuyizwa indaba yokuthi izingane zabo zifunde izilimi zazo zebele?  Uma kungashiwongo lutho ngale mpicabadala kanti kuyokhulunywa kuphi ngayo?

See Also

Kunesidingo sokuthi kubhekisiswe ukuthi umAfrika uqala kuphi ukuba ngumAfrika. Kukhona abanenkolelo yokuthi okuyikhona kubaluleke kakhulu ekubeni ngumAfrika yizwekazi i-Afrika.  Laba abakhuluma kanjena bathi asikho isidingo sokuzihlupha ngokuthi ikuphi inkaba yakho.  Okuyikhona kubalulekile yizwekazi okuhlala kulo ama-Afrika. Mina angivumelani nalaba abakhuluma kanjena.

Ngokwami kubalulekile ukuhlehla usho lapho kwasala khona inkaba yakho nabosendo lwakini.  Ukuqhamuka usuthi ungumZulu wase-Afrika ngibona sengathi kuthanda ukuphaphalaza.  AmaZulu agcwele lonke izwekazi lase-Afrika. Kukhona ngisho nalawo aseZambia ngisho nakoMalawi imbala.  Ngikubona kungagcwele kahle ukuqhakambisa izwekazi lase-Afrika ungabe usaveza ukuthi ikuphi inkaba yakho.

Laba bantu asebabizwa ngamaNdebele baseZimbabwe ngamaZulu lawo osendo lukaMzilikazi kaMashobane.  Akukwazi ukulunga ukugwema indawo lapho kwasala khona inkaba yakho. Kuyodingeka ukuthi ike ifakelwe izibuko eziwugqinsi le migubho yenyanga yase-Afrika.

  • UDkt uMpumelelo Mbatha ungumhleli weSichazamazwi SesiZulu, ungoti wolimi isiZulu nombhali.
Scroll To Top