Abanye bayazishewula, kukhona nabathanda amawigi


Kukhona abasusa zonke izinwele abanye bazishewule, kubhala uMuntu Xulu Ukugunda izinwele lokhu nje, nakho kukodwa kwenziwa ngezindlela ezithile. Ngisho noma umuntu esemdala uma efuna ukugunda uyaye agunde ngendlela ethile ngokulandela isiko elithile.
Abanye bazigunda bazishiye iziqhova phezu kwesiphongo, abanye bashiye unsinsi, abanye bashiye izinwele okhakhayini, abanye bazishiye esinquthu ngokuyela ngasentanyeni, abanye baliphuca lonke ikhanda njengoba abeSuthu bejwayele ukwenza nje, ngoba kubo kuphuca kuze kuphuce ngisho nabesifazane. Abanye-ke bagunda maqede bashiye umqhino owodwa olujojo ekhanda.
Namhlanje sekusebenza isimodeni phela, ngoba nakhu iningi selisebenza emadolobheni amakhulu, futhi alisanaki lutho nje ngokuthi uma ligunda kufanele ligunde kanjani, ngoba nazo lezo nwele ezigundiweyo, zilahlwa nje khona lapho abagundayo begundela khona ngemishini yabo nangezikelo. Lapha emabhabhashobho ufica kukhona imifanekiso yezinhlobo zokugunda izinwele. Uma uhlala nje esihlalweni sokugundela, umgundi ukubuza ukuthi ufuna ukugunda yiphi inhlobo kulczi ezifanekisiwe.
Nawe-ke ukhombe inhlobo oyithandayo. Abanye bathanda ukugunda bazisuse zonke izinwele ekhanda, abanye bathanda ukuba lapha emaceleni ngasezindlebeni bazigunde zicoyiseke, kuthi ekwenyukeleni okhakhayini bazinciphise nje ukuba zilingane ikamu, noma ibhulashi. Abanye bathanda ukuzisika ibhande lapha esinquthu. Konke lokho kuya ngokuthi umuntu uzibona emuhle uma egunde luphi uhlobo lapha ebhabhashobho. Abanye-ke kwala khona begunda emabhabhashobho, bayalilandela isiko lokushiya ezinye izinwele lapho kufanele bazishiye khona ngokuya ngesiko labo. Konke lokho-ke njalo, kuseyiyo indaba exoxwa yizinwele.
Izinwele lezi azifani, kukhona ezingamashoba nezingamaqokodo, nezifana nocwazi nobulembu kanye nenkoza yommbila. Kuya ngobuzwe nangokuthi umuntu ungumhlobo muni, noma ungasohlangothini lwabamhlophe noma abomdabu. Yiyo yonke leyo indaba exoxwa yizinwele ezize zikukhombise ukuthi ungumhlobo muni, ngisho nomntwana ozelwe ngabazali abayizinhlobo ezehlukene, uyombona ngazo izinwele.
Ngenxa yezizathu eziningi ezimaqondana nezinwele, njengokuqothuka kwazo kuze kusale impandla, nalapho ziqothulwa umbandama, noma zisuswe yingozi njengokusha ikhanda njeyaya, ngisho nanokufuna ukuhloba, noma ukuba ufune ukuba izinwele zakho zifane nezesizwe esithile, abanye-ke sebeyaye bathenge amawigi okuyizinwele zokwenziwa, bathwale wona. Nawo amawigi lawa azinhlobonhlobo. Kukhona azinwele zingamaqokodo, kukhona azinwele zingamashongololo, kukhona azinwele ziwubulembu nezisankoza yommbila. Lamawigi abizwa ngamagama ngamagama njengama-Afrowig njeyaya nama-R21, antengo enkulu. Amawigi-ke asebenza imisebenzi eminingi, njengakho ukuba ikhanda lihlale lifudumele kwabayizimpandla, nokuthi abantu bacabange ukuthi umuntu unezinwele zesidalo uma ngabe uhlushwa yiyo imibandama esiyehlule ngisho igcotshwa ngesitibhili senkukhu esimhlophe, kanti-ke abanye bawathwalela ukuhloba ngawo njengeningi elingathandi izinwele zalo zesidalo, elithanda zona lezi zokwenziwa, ngoba libalekela ukuhlala lizigeza, lizikama, noma lizeluka. Abanye-ke ngokwenqena amanzi sebephephela kumawigi.
Akhona-ke nalamawigi ethusayo, afakwa ngamajaji, owafica eshaywe impithi sengathithi ngamagagasi olwandle egibelana. Lezi zinwele zinesithunzi, ngoba zenzelwe khona ukuba wena ozothetha icala phambi kwamajaji uhelwe uvalo kwamancane uma selikugqolozela ngezibuko zikamazawathi, likuhlaba ngemibuzo. Wethuswa nje yizo uqobo lwazo ngisho nobumhlophe bazo, kungasaphathwa-ke ubude bazo obuze bushaye emahlombe, obulenza ijaji lesabeke impela. Iyaqhubeka