Now Reading
Ubungozi bukaKhongolose obumbene KwaZulu-Natal
Dark Light

Ubungozi bukaKhongolose obumbene KwaZulu-Natal

Abaholi namalungu athile kabakunambithisi ukuthi uKhongolose uyeke ukuba yimpi yesongo

Lena yimpelasonto ephithizelayo emalungeni e-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal. Nokho akubona bonke abantu abeneme nabakulangazelelayo. Impelasonto izoqala ngomlenze wesibili wokulalelwa kwecala elithinta loyo owayenguMengameli wezwe nokaKhongolose uMnu uZuma.Njengokwejwayelekile kulindeleke ukuba uZuma aphelezelwe izinkumbi zabantu, bonke abasho ngazwi linye ukuthi lo ‘akanacala’. Okunye okulindelekile wukuthi icala lingahlali kepha kube nezethulo kanjalo nezicelo nhlangothi zombili.  Kuyozwakala kuyo inkantolo ukuthi kubuyelwa nini esitikini.  Nakulokhu ukuthi usingaye  okunguZuma ayoveza ubuso ezinkumbini zabalandeli abamesekayo. Nokho uvuthondaba luzobe lungekho eThekwini kepha luzobe lusesifundeni iKing Cetshwayo.

Kukulesi sifunda lapho kulindeleke ukuthi amalungu kaKhongolose azobe ehlangene khona ukuzokhetha ubuholi obusha besifundazwe kulandela isinqumo sobuholi obuphezulu bokuhoxisa ukhetho olwedlule lapho kwakhethwa khona uMnu uSihle Zikalala njengomholi eguqisa uMnu uSenzo Mchunu. Le miphumela yaguqula okuningi kule nhlangano hhayi kuphela KwaZulu-Natal kepha nakuzwelonke. Ngenxa yale miphumela okokuqala esikhathini eside isifundazwe saKwaZulu-Natal sahlukana phakathi kwakhona abeseka uMchunu nalabo abeseka uZikalala. Lokhu kwehlukana kwaye kwakapakela nasezinhlakeni zikazwelonke lapho lesi sifundazwe saphuma ekhaya siyimpi yesongo, kungezwanwa safika eNasrec  saphenduka inhlekisa ngesikhathi singatholi ngisho oyedwa umholi kubaholi abayisithupha kuzwelonke. Leli kwaba yichilo ngoba zombili izinhlangothi, olukaMchunu nolukaZikalala azizuzanga lutho, zabuya zilambatha.

Kwathi kusabatshazwa lokho kwabe sekuqala ichilo lokugetshengwa kwamalungu eqembu, kwanda nezinsolo zokuthi adlana wodwa ngakho ukungaboni ngasolinye okwasuka kubuholi. Sebebaningi abaholi, amalungu nezikhulu ezisenhlabathini, umkhonto wababulali kawukhethi ngoba ungena emfazini ungene endodeni kusale kukhalwa. Ukungezwani lokhu nosekwandise ukunukana sekwenza abaholi abathile bangakwazi ukuhambela imingcwabo yamanye amalungu njengoba labo abasuke befelwe basuke bekholwa wukuthi abenzi bobubi ngolunye uhlangothi olungaphakathi ku-ANC.

Okwenza isimo sishube wukuthi abaholi kuzwelonke nabo babukeka behluleka ukuhlangana babe munye. Lowo onguNobhala Jikelele uMnu u-Ace Magashule uke wasolwa ngokuthi izinkulumo zakhe zicheme nohlangothi lukaZikalala. Kanti abaholi abafana noMnu uBheki Cele kanye noBlade Nzimande bona basolwa ukuthi bahambisana nalabo ababeseka uMchunu.

Okunye okuhlukanisa phakathi amalungu nabaholi baleli qembu wudaba oluthinta loyo owayenguMengameli uZuma.  Kukhona abathi kukho konke okumehlelayo ‘ashule’, kanti abanye bathi uyahlukunyezwa. NgoNhlaba nonyaka iBAYEDE ibike ukuthi lolu tavatava lokungaboni ngasolinye selukapakele nasezinhlakeni zikaHulumeni nosekwenza kube lukhuni satshe ukusebenza.

Thokola themba

Ukufika komhlangano wale mpelasonto kudale ithemba kwabanye ekutheni uyisenzangakhona, njengoba izinhlaka ezingaboni ngasolinye zingahle zisengelana ilala. Leli phephandaba selingakuqinisekisa ukuthi akubona bonke abantu abaneme ngomhlangano wale mpelasonto. Okokuqala kukhona labo abakhala ngokungahambi kahle kokuqokwa kobuholi Nokho omunye weThimba elabe liqokwe ukuba lihlanganise izinhlanga ezalanayo uZikalala ukuchithile lokho.

“Onke amagatsha abephakamise izindaba alalelwa futhi anikezwa ithuba elanele lokuba akhiphe okusezifubeni zawo. Amakomiti adingida zonke izindaba. Kunamagatsha angakwazanga ukuhambisana nokubala futhi ngeke abe yingxenye yengqungquthela yesifundazwe ngempelasonto,” kusho uZikalala.

IBAYEDE ikhulume namalungu kanye nabaholi abazobe beyingxenye yomhlangano wangempelasonto, bonke abangathandanga ukuthi amagama abo avele. Okucacile kubo bonke wukuthi basahlukene phakathi ngalokho okumele kwenzeke nokungaba yisixazululo. Phezu kwalokho kubo bonke kukhona ukwamukela ukuthi i-ANC KwaZulu-Natal nakuzwelonke ishiywa yisikhathi sokufika esiphethweni odabeni laKwaZulu-Natal. Kuzwelonke ababaningi abafisa KwaZulu-Natal kube yisimo esifanayo naseNorth West. “ Njengoba wazi angimuzwa uZikalala  kepha ngicabanga ukuthi sekufike isikhathi sokuthi siyeke ukubuka iziqu zabantu sicabangele inhlangano. Ngalesi sikhathi singakasitholi isixazululo ngabantu bethu okuwuSenzo Mchunu noBuffallo (Ramaphosa) ababa senkingeni. Buka nje manje isithombe esesivela wukuthi thina esaseseka uRamaphosa sesiyesaba ukuya okhethweni. Asiyeni silungise nje ukuthi kube nezivumelwane ezithile,” kusho lo mholi owayeseka uMchunu. Kanti omunye uzakwabo uthe ukukhuphukela kukaMchunu kuzwelonke nokuvela kwezinsolo zenkohlakalo ezibhekiswe kuMabuyakhulu zibalimazile.

“Thina sivele ngenxa kaSenzo. Sasinethemba lokuthi uzoba nguNobhala Jikelele nokuyinto engenzekanga. Yebo uComrade uMike ubephakanyiswa kepha iqiniso lithi akayena uSenzo. Kwabanye bethu akasasimele thina usegade nje ukuthi yena uzotholani. Yikho ngithi uma ngempela sifuna yena ngoba angimboni uJames Nxumalo noma uCyril Xaba bephakama, kumele sisebenze ngamandla ngoba angevotelwe ngisho nangabethu,” kusho umholi wesibili.

Okugqamile kulolu hlangothi wukungabaza ukuthi uma uma kuba nesivumelwano sizohamba sigcinenphi ngoba ezinyangeni ezimbalwa nje ubuholi obusha kuzomele kuhlanganise uhlu lwamagama aya ePhalamende nakuziShayamthetho.

“ Cha ngeke phela savuma ukuthi kube nesivumelwano sale mpelasonto kuphela. Sizophela nguSihle nezakhe bazosikhipha ohlwini lwabaya ePhalamende. Uma kuba nesivumelwane kumele siqhubekele nasohlwini lwabaya ePhalamede.“ kusho umholi ovela eThekwini nokwamukele ukuthi okwamanje “ezikaZikalala” zinezinombolo ngoba ezakhe aziphelele.

Omunye umholi ovela esifundazweni iMpumalanga uthe nabo lo mhlangano bawubheke ngabovu. “Uyabona okwenzeka eNasrec kwasithusa nathi. IKwaZulu-Natal yaphelelwa yisithunzi eyabe inaso ngoba wonke umuntu ofuna ukuba ngumholi wayazi ukuthi kumele aqale esekwe yiKwaZulu-Natal. Manje ukungenzi kahle kwayo abanye bethu kuyabajabulisa ngoba cabanga uma isibumbene futhi, izoqala ngoDD. Laba baseGauteng nase-Eastern Cape bazicabangela bodwa. Yize sabeseka kubona iMpumalanga isengekaNDZ noMabuza uhleli ngesinqe esisodwa,” kusho lo mholi.

Le nkulumo ihambisana nalezo ezithi ukugula kweKwaZulu-Natal kuyinto enhle kwabanye abaholi abanezinhloso zabo. Ngokuthola kweBAYEDE laba baholi basabela ukuthi ukubumbana kwayo kungaququla umdlalo kuzwelonke.

“Eyi bazobuya laba baKwaZulu-Natal. Nathi njenge-ANC senza izinto ezizobahlanganisa, buka nje udaba lukaZuma siyekela oBlade basho izinto abazithandayo. Naba noMotlanthe nabo basho okwabo. Bazobuya futhi uma bebuya uRamaphosa kumele abe ngasohlangothini oluhle, abe ngumholi ngoba angahle abe ngumengameli wehlandla elilodwa,” kusho omunye umholi we-ANC owayeseka uRamaphosa.

Impambakwici enguZuma abayihlanganyela ihleka

Namuhla ngesinye isahluko empilweni yalowo owayengumengameli wezwe

Esimweni esejwayelekile kumele ngabe kuphelile ngaye. Kumele ngabe osopolitiki kanye nabezindaba sebekhohliwe ngaye kepha akunjalo. Lona ngumfo kaZuma, ontangayakhe nebutho lakhe abambiza ngoMhlangayelwa noma uGedleyihlekisa.  Wakhe esifundeni iKing Cetshwayo ngaphansi koMkhandlu omncane Inkandla. Igama lomuzi wakhe kukwaDakwúdunuse ngaphansi kweNkosi yesizwe sakwaNxamalala. UZuma ubenguMengameli waseNingizimu Afrika noKhongolose amahlandla amabili. KuKhongolose uphume kulandelwa inqubo yangaphakathi yokukhethwa kabusha kukamengameli kanti lapha kuHulumeni uphume phakathi kwamabili esesula ngenxa yengcindezi.  Ethula inkulumo yakhe yokusula uZuma wathi: “Sekwazi noma ubani ukuthi iSigungu Esiphezulu Sikazwelonke se-ANC sithathe isinqumo sokungihoxisa njengoMengameli wezwe. Ngithole nokuthi, ngaphambi kokuthi ngiphendule esinqumeni sokuqala, sekunesinqumo esisha esithathwe yi-ANC, sokuthi manje ngiphoqelekile ukuba ngesule ngoba ngingasethenjwa, okubekelwe umhla zili-15 kuNhlolanja wezi-2018, okuyikusasa.”

Waqhubeka uZuma wathi: “Ngithanda ukusho ukuthi ezinkalweni ngezinkalo lapho abantu bakithi bekhona, ngokuzithoba okungenamkhawulo kusemqoka ukunazisa ukuthi angidaze nkani okweselesele.  Kunjalo nje angexwaye kwehla esikhundleni sobuMengameli waleli lengabadi. Angingenanga emzabalazweni ngoba ngigaqele izikhundla. Yinye nje into engiyicelayo kini sizwe sakithi, ukuthi nokho angiphume ngomgudu woMthethosisekelo okuyiwona engabekwa ngawo. Angikwesabi ukulahlakelwa amalungelo nopoyinandi oza nesikhundla sobuMengameli. Angingenelanga lezo zinto kuHulumeni, kunjalo nje azithi shu lapha kimi.

See Also

“Ngifuna kuphela ubulungiswa nokuhlonishwa koMthethosisekelo kanye namalungelo ami. Uma kwenzeke njalo, ngiyophuma ngokuzithoba nokuhlonipha. Ngiyakholelwa ukuthi ngiwenzile owami umsebenzi enaningibekele wona. Uma kukhona la ngingenzanga kahle, bakwethu akukho soka elingenasici.” kuphetha uZuma.

Njengedangabane

Esimweni esejwayelekile le nkulumo kwakumele ivale isahluko. Lokhu akwenzakalanga njengoba nanamuhla udaba olungalo mholi lusadonsa amehlo nemibono eyahlukene, kuleli nangaphandle kwezwe. Ngisho izitha zakhe zepolitiki ezabe zinenhloso yokuqeda ngaye zibukeka seziphelelwa ngumdlandla njengoba unede waphuma esikhundleni zona zacwila kepha yena waqhubeka nokuba sematheni emithonjeni yabezindaba nakubantu jikelele.

NgoLwesibili iNational Prosecutorial Authority (NPA)  ngomlomo weNhloko yalolu Phiko uMnu uShaun Abrahams wenqaba isicelo salowo owayenguMengameli uJacob Zuma sokuba icala lenkohlakalo lihlale linjalo kuze kube inkantolo iphothula ngokukhokhwa kwemali yamacala.

OwayenguMengameli kumanje ubhekene nokungazi ngesimo sokukhokhelwa kwamacala njengoba iDA ilokhu igqigqa ezinkantolo izama futhi ifuna kusulwe isivumelwano sangowezi-2016 phakathi kukaZuma neHhovisi likaMengameli ukuba kukhokhwe izindleko zamacala akhe. Isivumelwano sithi kuzofuneka eyikhokhile le mali uma elahlwa amacala.

Namuhla lo mholi uzobe evela okwesibili eNkantolo ngamacala  ali-16 athinta inkohlakalo.

Evele okokuqala ngoMbasa wayephelezwela zihlwele okubalwa abamabandla, izinhlangano zomphakathi kanye nalabo abazwelana naye ngaphakathi kuKhongolose. Ukubonakala kwezinkumbi nokuphakama kwezwi lalabo abamesekayo kudala inxushunxushu nodungunyane ngaphakathi kuKhongolose. Enye inhlangano edlelana noKhongolose iSouth African Communist Party (SACP) iveze ukungenami ngoZuma. UNobhala Jikelele weSACP uMnu uBlade Nzimande uthe: “OwayenguMengameli uJacob Zuma, ngezindlela eziningi, uyinhliziyo yalokhu kuphindiselela ebambisene nedlanzana eliqhubulushiwe, iningi lalo elibhekene nokuthi lingahle lishushiswe.

“Isifundazwe iKwazulu-Natal siyisidleke sokuqhuba lokhu kuphikisa, futhi senabele nakwezinye izifundazwe,” kusho uNzimande.

Zonke lezi ziwombe ngempilo kaZuma zikhomba into eyodwa eyokuthi ungumafavuke nokuthi umlando we-ANC neNingizimu Afrika ungephelele ngaphandle komlando othinta yena. Abaholi be-ANC okubalwa noMnu uRamaphosa bayabazi ubuhle bokusondeza uZuma kanjalo nobungozi bokumqhelisa. Yikho iqembu okwamanje lisanyathela ngobunono.

Scroll To Top