Kuthiwa utavatava kuKhongoloselukapakele nakuHulumeni Wesifundazwe



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ukungaboni ngasolinye kwamalungu nezinhlaka zeqembu elibusayo sekuphazamisa ukusebenza kukaHulumeni kanti nakuSishayamthetho izinto zimapeketwane
IKWAZULU-NATAL ingesinye sezifundazwe ezimqoka kwipolitiki yomnotho waseNingizimu Afrika.
Lesi sifundazwe singesesibili ngamandla omnotho emuva kweGauteng. Umkhiqizo othelwa yiKwaZulu-Natal kumnotho wezwe ulinganiselwa kumaphesenti ayi-17 . Ichweba laseThekwini lihamba phambili e-Afrika ngokungena kwempahla ephuma emazweni. Kule minyaka eyedlule lesi sifundazwe besituswa ngendlela ebihlelekile ebesisebenza ngayo negcine ikwazi ukuginga iWestern Cape iminyaka cishe elishumi ilandelana njengesifundazwe sesibili esihamba phambili ngomnotho. Kule minyaka eyedlule iKwaZulu-Natal ibikwazi ukuzikhangisa njengesifundazwe esisebenza ngokubambisana obekwenza sibe linoni kubatshali zimali. Okunye uHulumeni waKwaZulu-Natal abetuswa ngakho wukukwazi ukwakha iqhingasu elihlelwe ngesinwe nxa kufika ekuthuthukisweni komnotho negqalasizinda. Uhlelo lukaHulumeni olwaziwa ngeWar Room lituswa kakhulu ngokukwazi ukuxhumana nokuqhakambisa izidingo zomphakathi.
Konke lokhu kubukeka kusengozini yokufadalala kulandela ukuqhubeka kokuklwebhana kwamalungu nezinhlaka zeqembu elibusayo. Ngokuthola koZulázayithole lokhu kungaboni ngasolinye kwamalungu nezinhlaka zikaKhongolose sekukapakele ngisho nakuHulumeni wesifundazwe, kwiSishayamthetho nakomasipala. Leli phephandaba lixoxe namalungu kaKhongolose nangathandanga ukuba kuvele amagama awo ngenxa yokusabela ukuzidonsela amanzi ngomsele. Kubo bonke okukhulunywe nabo kukhona ukuvumelana ukuthi izinto kazihambi kahle.
“Uyabona uma senze kahle ngokhetho oluzayo ngiyobona ukuthi abantu basayithanda i-ANC. Ngikusho lokhu ngoba akukho okubambekayo esizokudayisa kubavoti. Ngesikhathi sikaNdebele sakwazi ukufika koNongoma nasoLundi nohlelo olwabe luzofukula abantu. Ngalokho abantu basilalela sayikhipha Inkatha. Kulokhu singathini kubantu basoLundi, ngisho nje ezindaweni esazithatha ku-IFP, kubuza lo mholi ohlala eSishayamthetho sesifundazwe.
Ukhale nangokuthi aMakhosi ayaphunyuka kuKhongolose. “Olunye uhlaka esasebenza kanzima kusenoNdebele noMkhize wuBukhosi. Ngalokhu angisho ngenkohliso kepha sakwazi kakhulukazi ngesikhathi sikaMkhize ukuletha uhlelo olubandakanya uBukhosi kepha namuhla amanye aMakhosi mina engixhumana nawo abuza ukuthi sinjani uma sinje,” kusho lo mholi.
Omunye umholi osenzihlakeni zikaKhongolose esiFundeni iMusa Dladla uthe okwethusayo wukwanda kofa phakathi kwamalungu. “Eyi yona iyakhathaza lento manje. Yebo bekunomdonsiswano siya eNasrec kwaphumelela abaphumelelayo. Okubi manje wukuthi ukungaboni ngasolinye sekuphenduke ubutha bangempela. Amaqabane emazingeni aphansi azondana ngempela. Buka nje lokhu kwenzeka sekusele unyaka siye okhethweni, siyofika kunjani lapho?” kubuza lo mholi ngokukhathazeka.
Ngokuthola kweBAYEDE enye yezinto ezibhebhethekisa ukungaboni ngasolinye akuyona nje inkomfa le ebhekwe ngabomvu kepha wukuthi maduze nje kuzoba khona isikhathi sokwenza uhlu lwamagama abazongena eSishayamthetho nasePhalamende njengengxenye yokhetho lonyaka ozayo. Izinhlangothi zombili okuthiwa zisembangweni zinokwesaba ukuthi zingase zingangeni ohlwini.
“Ukhetho lolu oluzayo aluthi shu, kuzophumelela ophumelelayo indaba Chief isekuthini amaqabane azongena yini eKapa (ePhalamende) naseMgungundlovu (eSishayamthetho). Indaba isekutheni ngubani ozoba nguNdunankulu emuva kokhetho. Ungabona wena ubona uquqaba lolu olumashayo kepha abakhuzi bempi yibo abahlonishwa,” kubeka omunye umthombo.
Konke lokhu akukhathazi kuphela amalungu kaKhongolose KwaZulu-Natal kepha nobuholi bukazwelonke bukhathazekile. Ekhuluma ngaphandle komhlangano owawuseThekwini muva nje lapho uMengameli weqembu uMnu uRamaphosa ayebonisana nezinhlaka zeqembu, ilungu lesigungu esiphezulu uMnu uZizi Kodwa wacashunwa ethi ikhona inkulumo engahle iphethe ngokuthi kwelulwe ukusebenza kwekomiti lesikhashana elisingethe izindaba zaKwaZulu-Natal kulandela ukumiswa kweSigungu sesiFundazwe esabe siholwa nguMnu uSihle Zikalala. UKodwa kakufihlanga ukukhathazeka kobuholi ekutheni lolu tavatava lungahle luphazamise izinhlelo zokuzilungiselela ukhetho lwangonyaka ozayo.
Useyinomfi
Uphenyo lweBAYEDE luthole ukuthi kukhona asebethi ake kubanjwe amatomu ahlale uNdunankulu uMchunu kuze kube kuba nokhetho ngonyaka ozayo. Lokhu kuthiwa kugwema isimo lapho kungahle kuphathe uZikalala noma umuntu onjengoMabuyakhulu nokuthiwa emuva kokuhamba kukaMnu uSenzo Mchunu ubesezoba ngubuso balabo abaphikisana nobuholi bukaZikalala. Ukuphatha komunye walaba bobabili kungakayiwa okhethweni lukazwelonke kuthiwa kungahle kwenze imikhonto icije kakhulu. Lo mbono awusho ukuthi uMchunu (onguNdunankulu) kathathwa njengochemile kepha kuthiwa ungu “sathane ongcono”. Kuthiwa uMchunu useyinomfi ehlanganise lohulumeni nowakha isithombe esingcono kunehlekelele engavela.
Yize kunjalo kukhona ukukhononda kokuthi uNdunankulu wenzelwa phansi yihhovisi lakhe njengoba kungezwakali ukuthi wenzani, kuphi, nanini. Isithombe esivelayo ngesokuthi uhlale engekho, ebanjelwe.
“UComrade uWillies unamava futhi unesithunzi salesi sikhundla akuso. Buka emuva kwakhe uma ngahle asuke manje singanqumana sodwa. Kodwa ngeshwa akanamuntu lapha ehhovisi lakhe. Mina ngibe nenhlanhla yokusebenza nabo bonke oNdunankulu bakaKhongolose kusuka kuNdebele. Ngiyazi ukuthi sasi sebenza kanjani ukugqamisa ukusebenza kukahulumeni. Wonke amasonto, zonke izinsuku sasi kwabezindaba ngezinto eziphathekayo. Manje sekumoshwa imali nje ngezikhangisi ezingathi shu. Kusizani ukukhangisa ngezithombe kungekho into ephathekayo,” kusho omunye umholi.
Ebuzwa ukuthi inkinga ilelephi nokuthi isiphi isixazululo kananazanga: “Uyabona mina ngiwuMchunu ngingaxosha bonke laba bantu abaholela amahhala ehhovisi lakhe. Laba bantu bahluleka wukuveza okungenzeka ukuthi yimisebenzi emihle kaHulumeni. Isizathu salokho wukuthi nabo laba basebenzi bathe ntshi ezingxabanweni zikaKhongolose. Empeleni yonke iminyango inalaba bantu abangasebenzi, abangenzi abakuqashelwe , kunalokho bangena ezindabeni zeqembu. Isibonelo nje ozibanibani (amagama agodliwe) benzani, kuthiwa baphethe ezokuxhumana, yini nje oyizwile ngeminyango yabo ngenyanga edlule ngaphandle kwezikhangiso ezingasho lutho.
Akuyena uMchunu yedwa osenkingeni kepha uHulumeni wonke, neqembu lethu lisenkingeni. Siholela abantu ukuthi bakhangise ukusebenza kukaHulumeni kunalokho baphenduka amaComrade amakhulu nonontandakubukwa,” kusho umthombo obubonakala ukuthi okukhulumayo sekuyawunenga.
Kulabo abakhulume noZul’azayithole kukhona ukuvumelana ukuthi uHulumeni waKwaZulu-Natal ucwilile ngenxa yotavatava lombango. Kunokuvumelana ukuthi isithombe esikhona ngesamalungu eKhabhinethi asebenza ngawodwa, nabathe lesi sithombe kumele silungiswe kungekudala ngoba naso ngandlela thizeni sibhebhethekisa utavatava.
“Kumele sisilungise isithombe ngoHulumeni we-ANC KwaZulu-Natal. Yebo ngeke sifane nakoNorth-West okwamanje kepha isithombe sithi sixabene ngaphakathi ku-ANC nakuHulumeni. Uma uDkt uDhlomo esabukwa njengomuntu ongekho okhahlambeni lukaZikalala, noma uma uComrade uNomusa Dube esabukwa njengomuntu owadayisa ngoComrade uSenzo wamjikela sekuyovotwa ngoba elandela isikhundla kwezikaZikalala ngeke siye ndawo.
Uma izisebenzi zikahulumeni sezingena shi kwipolitiki yethu kunokuthi zenze umsebenzi ukuze abantu babone ukusebenza kukaKhongolose kasiyi ndawo. Asizilungise lezi zinto, luyeza ukhetho izobuya iNkatha noma labelungu beDA,” kuphetha umthombo.
ElaboHlanga selingakuqinisekisa ukuthi ukungathembani nokwehlukana kumalungu eqembu elibusayo eSishayamthetho kusobala okwekati elimhlophe ehlungwini. Ngokuthola komthombo welaboHlanga osebenza eSishayamthetho nocele ukuba ligodlwe igama lakhe, lokhu kusuka kubaphathi baso iSishayamthetho okunguSomlomo uMhlonishwa uLydia Johnson kanye neSekela lakhe uMhlonishwa uMeshack Hadebe okuthiwa bazazelene. “Uyazi umama lo onguSomlomo noBhungane ababhekani nokuyinto ehlukanisa izisebenzi phakathi.
Ungakhohliswa wubunewunewu nobukhazikhathi uma kuvulwa iSishayamthetho ucabange ukuthi konke kuhamba kahle, akunjalo. Uma uSomlomo engekho emhlanganweni uncamela ukuthi awuhlehliswe aze abe khona kunokuthi usingathwe yisekela lakhe. Konke lokhu umsuka wakho usembangweni kaZuma noRamaphosa,” kusho lesi sisebenzi.
Ngokwalo mthombo uMhlonishwa uHadebe ongakufihli ukuthi uyofa lapho kufa khona uZuma kuthiwa usakwamukela ukuthi ‘izinhlelo zeHhovisi lakhe’aziqhakanjiswa: “Uma ungabheka nje ngisho kusizindalwebu seSishayamthetho uBhungane kabonwa nguSomlomo nje kuphela,” kusho lo mthombo nokho othe naye uBhungane akekho msulwa.
“Kungayiphutha ukuthi uBhungane umsulwa. Naye uyakhuluma kwabathile nakubo abasebenzi. Uzibeka njengomgilwa ngenxa yepolitiki ye-ANC ahlale ethi ilwa naye noZuma,” kusho umthombo.
Amaqembu aphikisayo
Phezu kwalesi simo ishwa eliphawulekayo wubuthaka bamaqembu aphikisayo nokubonakala engenzi mehluko noma esebenzisa ithuba lobuthakathaka beqembu elibusayo.
Ebuzwa ngalokhu lowo ongumholi we-Inkatha Freedom Party uMhlonishwa uGwala uthe: “Thina njenge-Inkatha sakhiwe ngendlela eyehlukile. Kuke kuthi noma sibona ukuthi kwamakhelwane kunomlilo bese singaqoqi igalane likaphethiloli ngenhloso yokwenza isimo sibe sibi kakhulu. Yebo siyathanda ukuhola njengawo wonke amaqembu kepha asifisi osuke ephethe ehluleke ngoba phela ukwehlukela kwakhe kunomthelela esizweni. Kulokhu nje okwenzeka eSishayamthetho okunye esikubone namuhla (ngoLwesine) sidumele ukubona ukuthi uNdunankulu akasahlonishwa ngisho kwabo. Uthe ekhuluma kwaphuma wonke umuntu kulandela iSekela Ndunankulu, uMhlonishwa uZikalala,” kuphawula uGwala.
Ebuzwa okufanayo umholi weDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal, uMhlonishwa uZwakele Mncwango uthe isimo sibi kakhulu.
“Esimweni esejwayelekile uNdunankulu nguye owelusa ukusebenza kweminyango eyehlukene. Lapha kithi uMacingwane akakwazi ukukwenza lokho ngenxa yezinxushunxushu ze-ANC. Lokhu sekwenze wehluleka ngisho ukulungisa isimo esesiyinhlekele eMnyangweni Wezemfundo, kwaCogta kanye noWezempilo kumapeketwana. UNdunankulu uhluleka ngisho ukushaya isitswebhu eminyangweni ethize ngoba ukhubazwe yizimpi zangaphakathi. Akusebenzeki,” kuphawula uMncwango.