Now Reading
Kubhuqwa aboHlanga ngesimemezelo sensangu
Dark Light

Kubhuqwa aboHlanga ngesimemezelo sensangu

UHulumeni waKwaZulu-Natal uthi uyakukhuthaza ukutshalwa kwensangu esifundazweni kodwa ngenhloso yokwelekelela uMnyango Wezempilo kuphela.

UNgqongqoshe Wokuthuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha Kanye Nemvelo esifundazweni uNkk uNomusa MaDube Ncube osabambe njengoNdunankulu, kulandela ukuhambela kukaNdunakulu uSihle Zikalala eSingapore ngenhloso yokuqinisa amaxhama phakathi kwalesi sifundazwe naleliya lizwe, ekhuluma ehholo i-Albert Luthuli International Convention Centre emcimbini wokufukulwa komnotho ngokutshwalwa kwensangu ngokhlelo lweCannabis Investment Protocol uthe akafuni leli thuba libashiye ngaphandle abatshali bensangu basemakhaya abasezindaweni ezifana no-Umsinga, Impendle, uMzimkhulu, Eshowe, nakwezinye izindawo.

Uveze elokuthi uHulumeni wesifundazwe ufi sa ukubakhulula labo ekade baqala ukuyitshala insangu kodwa bezithola bephambana nengalo yomthetho.

Ngaphansi kobuholi bukaZikalala, iKwaZulu-Natal ayikufi hli ukuthi ifuna ukuba isifundazwe esihamba phambili ekwenzeni kahle kwezomnotho njengoba selokhu kwaqala uHulumeni wenkululeko ilandela ngemuva isifundazwe iGauteng sona esinamathuba amaningi okwenza imali.

Ezinye zezibopho owazenza lo Hulumeni ukuthi uzolwa nokuntuleka kwamathuba nentuthuko ezindaweni zasemakhaya okudala ukuthi abantu bathutheleke emadolobheni bashiye imindeni yabo okuyinto eyenza izingane eziningi zikhule ngaphandle kokuhlala nabazali bobabili.

Izibalo zakamuva ziveza ukuthi ibhizinisi lensangu kuleli lizwe linomnotho oyizigidigidi ezili-R100. Inhlangano yamazwe omhlaba i-United Nations (UN) ithi leli lizwe likhiqiza amasaka esisindo esizi-2 300 njalo ngonyaka okwenza libe ngelesithathu ekukhiqizeni insangu kuwona wonke amazwe omhlaba.

UMaDube Ncube uthe amazwe ase-Europe ayilambele insangu yalesi sifundazwe kwazise wona asekuphasisile ukusetshenziswa kwayo kwezokwelapha kanti ngenxa yesimo sezulu lakhona abakwazi ukuyitshala ngendlela enganelisa izidingo zabo.

Nakuba okushiwo uNgqongqoshe kuzwakala njengoju olimini lwabatshali bensangu basemakhaya kodwa imigomo yokutshala ikhomba ukubashiya okuvuna omtakabani abatshala emadolobheni.

See Also

IMoses Kotane Institute iveza ukuthi imali yokuthola imvume yokutshala insangu yizinkulungwane ezingama-R23. Lokhu akukhona kodwa okudingekayo njengoba kufuneka indawo yokutshala ibiywe kanti nezokuphepha zibe khona ezizoqikelela ukungebiwa kwezitshalo okungaholela ekusetshenzisweni kwazo ngokungemthetho. Kuphinde kufuneke ukuthi indawo yokutshala ibenogesi ukuze nasebusuku abonakale ovuna ngokungemthetho.

Kuphinde kufuneke nezinsiza zokunisela ezizophasiswa nguMnyango Wezempilo ekubhekeleleni ukuthi akuchelelwa yini ngendlela ebulala umsoco wesitshalo. IMoses Kotane Institute ithi ngaphezu kwakho konke lokhu kuningi uMnyango Wezempilo noMnyango Wezemvelo Nezolimo abasaphikisana ngakho okungadala ukuthi kwengezwe imibandela yokutshala lesi sitshalo.

Ukubhekisisa kahle yonke le mibandela kuvela ngokusobala ukuthi imba ephaketheni okuyinto engeke yavuna aboHlanga abazitshalela emakhaya.

UNgqongqoshe akacacisanga ukuthi kukhona yini ukubalekelela okuzoba khona okuvela kuHulumeni wesifundazwe ngalolu hlelo njengoba kusobala ukuthi njengoba kwenzeka nasembonini yezitshalo ezidliwayo esaqhoqhobelwe abamhlophe besilisa, nakulokhu kutshala kusangaphinde kwenzeke okufanayo.

Scroll To Top