AboHlanga sebengamalulwane ngezilimi nangokuziphatha
NGELEDLULE zingama-27 kuMbasa bekuwuSuku lweNkululeko eNingizimu Afrika. Ngalolu suku aboHlanga bathola ithuba lokuthi nabo bavote okokuqala ngqa kade bengavunyelwe. Ukuvota kwaboHlanga kwabe kuhambisana namalungelo. La malungelo enza ukuthi aboHlanga bashayele phezulu nabo sebezibona bengabantu njengezinye izinhlanga. Lolu suku okufanele ukuthi lukhunjulwa ngokuhlonishwa selwavele lwaphenduka usuku lokuzithokozisa kwabaningi. Iningi labantu seliba nemicimbi yokuzithokozisa ngalolu suku ingabe isaphathwa nokuphathwa eyokuthi makuhlonishwe lolu suku kungabi wusuku lokuzithokozisa kwabantu.
Baningi abangasazi nokwazi ukuthi njengoba iNingizimu Afrika yathola inkululeko ngalolu suku, kwachitheka igazi labantu. Ukutholakala kwale nkululeko kungenxa yabantu abadela impilo yabo beyidelela ukukhulula laba ababecindezelwe. Inkululeko eyatholakala ngalolu suku kwabe kuyinkululeko yezepolitiki. Ayibukeki le nkululeko yenaba kwaba yinkululeko eyenabela nakweminye iminxa yempilo. Izilimi zaboHlanga zibukeka zingazange zizuze lutho ngale nkululeko. Kunokuba kube nokuthile okuzuzwa yizilimi zaboHlanga ngale nkululeko, kubukeka zavele zaphoswa enzolobeleni yomgodi. Kule nzolobela yomgodi akukho nokuncane ukuthuthuka okwenzekayo kuzo.
Akugwinyisi mathe okwenzeka ezilimini zomdabu emveni kwenkululleko eyatholakala mhla zingama-27 kuMbasa ngonyaka we-1994. Le nkululeko yabe ikhulula abantu boHlanga okwathi uma sebekhululekile bavele bazishaya indiva izilimi zabo. Kwavele kwaba sengathi abantu boHlanga bathi sibonwa yini begijimela ulimi lwesiNgisi bekhohlwa yizilimi zabo zebele. Indlela okwenzeka ngayo zibukeka zizulelwa amanqe okushabalala izilimi zaboHlanga uma kunjena. Uma uphosa iso ubheka ukuthi kuyokwenzekani eminyakeni engamashumi amabili ezayo kusukela manje, uvele ugcwale amanzi emadolweni. Okuyikhona kubukeka kuyokwenzeka wukuthi uma ziyobe zisakhulunywa izilimi zaboHlanga kuyobe sekuyisishalambombo esixakile.
Le nkululeko eyatholakala eNingizimu Afrika ngalolu suku sengathi kukhona eyakwenza ezingqondweni zaboHlanga. Le nkululeko sengathi yafaka inkoleloze ethi kubantu abansundu khohlwani yilo mbhedo wezilimi zenu enizikhulumayo. Kuthe uma isingenile yathi ntshi kubantu emakhanda le nkoleloze kwase kuba lukhuni kakhulu ukuyikhipha kubantu. Ukukhululeka kwaboHlanga kubukeka kwaba wukubakhulula ekuthandeni isiNgisi bazonde izilimi zabo zebele. Ulimi lwesiNgisi lubukeka lwachonywa uphaphe lwegwalagwala yile nkululeko kwase kuthi ezomdabu zona zadodobala zaba otondo abayisimanga. Yibo uqobo lwabo njalo abomdabu abachoma isiNgisi uphaphe lwegwalagwala.
Inhloso yenkululeko eyatholakala lapha eNingizimu Afrika kwabe kungeyona eyokudodobalisa izilimi zaboHlanga nokundlondlobalisa ulimi lwesiNgisi. Indlela okwenzeka ngayo izinto usucishe uyihumushe ngale ndlela indaba yenkululeko eyatholwa yiNingizimu Afrika. Akugcini ngezilimi zethu kuphela ezibukeka zizoshabalala. Kwandlela esesiphila ngayo kuze kubukeke sengathi asisafuni nhlobo ukubizwa ngokuthi singabomdabu. Kukhona isizwe esithile esingaqondakali ukuthi sizwe sini abantu bomdabu abalobizela ukuba yiso. Njengoba belobizela ukuba yilesi sizwe nje, indaba yobubona abasayingeni nhlobo. Kugcina sekulukhuni sekuyitshe ukusho ukuthi umdabuka lona ohlangana nawo uma uhlangana nomuntu.
Enye insizwa yahlangana nesiphalaphala sentokazi esisho ngamashoba ezinwele afika emahlombe. Kwakungekho nokuncane ukungabaza ukuthi intokazi yomlungu lena azohlangana nayo. Uma kuyintokazi yomlungu lokho kwabe kuchaza ukuthi kufanele ayibingelele ngesiNgisi njengoba abe enesifiso sokuyibingelela le ntokazi. Yalungisa isiNgisi sayo-ke le nsizwa ukuze ibingelele le ntokazi yomlungu. Okumangaza le nsizwa wukuthi mlungundini uvuma ngesiZulu njengoba ubingelelwa nje. Uma beqhubeka bexoxa nale ntokazi insizwa isithola ukuthi lo mlungu embonayo umZulu phaqa. Lo mZulu yilona ongakaze avakashele ngisho naseNgilandi.
Uma sebehlukene nalesi siphalaphala sentombi, insizwa yanikina ikhanda yagcina isikhuluma yodwa ithi: “Sazalwa nabanye siyofa nabanye.” Konje kufanele sikhale ngenkululeko yini uma isimo sinjena kwaboHlanga? Singadlali nakancane ngenkululeko ehambisana namalungelo. Okuyiyona ngqikithi yalokhu okwenzekayo wukuthi ohlaba eyakhe akalelwa.
- UDkt uMpumelelo Mbatha ungumhleli weSichazamazwi SesiZulu, ungoti wolimi isiZulu nombhali.