Now Reading
Umthetho wokuqikelela ubunye nokuvimbela ubandlululo
Dark Light

Umthetho wokuqikelela ubunye nokuvimbela ubandlululo

Yize ungaqondisiwe kwezokuqashwa kuphela, lo Mthetho nawo uyagamanxa ebudlelwaneni bezokuqashwa. Okubuhlungu wukuthi abamele abasebenzi nabaqashi abakunakile ukuthi ugamanxa ubavikele kuziphi izimo abasebenzi nabaqashi, ikakhulu aboHlanga. Abaningi abasebenzi nezinyunyana nezinhlangano zabaqashi bona bagxile kuphela emithethweni eqondiswe kubasebenzi ngqo. Lokho kushiya izikhala ekuvikeleni amalungelo alabo athinteka kwezokuqashwa njengamalunga omphakathi ophila ngaphansi koMthethosisekelo.  Isibonelo ngesomqashwa owahlukunyezwa yikhasitoma elamchapha ngenhlamba esabekayo esemsebenzini esitolo sakwaShoprite, iNkantolo yathola ukuthi akudokwe ligayelwe umqashi ukuvikela abasebenzi kulolu laka, futhi angeke aboshiswe umqashi ngalesi senzo. Kodwa iNkantolo yakuchaza ukuthi umqashwa unelungelo lokuthathela ikhasitoma izinyathelo ngaphansi kwalo mthetho esikhuluma ngawo lapha. Nomqashi naye akasithandanga isenzo sekhasitoma kodwa wazithola engenampendulo yokubhekana nalesi senzo.

Sinqampuza kuphela mayelana nezigaba ezibalulekile, futhi ezigamanxayo ezindabeni zabasebenzi.

Inhloso yalo Mthetho ukuqinisekisa ubunye nokuvimbela ubandlululo nenzondo yokucwasana okusukela ekwehlukaneni ngokobuzwe, ubuhlanga, inkolo noma ubulili. Lo Mthetho uyakunqabela ukuphehla inzondo emphakathini noma ngabe lokho kwenziwa ngenkulumo, ngezenzo noma izimpawu ezithile ezincike enkolweni, ebuzweni, ebuhlangeni noma ebulilini. Unqabela lonke ubandlululo olungenabulungiswa bese uqagula ikakhulukazi ubandlululo olwenziwa ngezizathu zobuzwe, ubuhlanga, ubulili noma ngenxa yokukhubazeka. Enye inhloso yalo Mthetho ukufundisa umphakathi ngobunye nokusungula imigudu okumele ilandelwe ukunqanda nokumangalela izenzo ezinqatshelwe yilo Mthetho. Awungeni ezindabeni ezilawulwa nguMthetho Wezobulungiswa Emsebenzini uNombolo 55 we-1998.

Inkulumo enenzondo ayivumelekile futhi iyicala ngokwalo Mthetho. Akukho muntu ovumelekile ukushicilela, asakaze, asabalalise noma ashumayele amazwi agxile emaphuzwini anqatshelwe (obuzwe, ubuhlanga, ubulili, ukukhubazeka) okungamazwi azwakala sengathithi anenhloso yohlevane oludala inzondo, ayahlukumeza ehlise noma alimaze isithunzi somunye umuntu okuqondiswe kuye lawo mazwi.  Lokho kwenza kuyicala eligunyaza ukuba lithathelwe izinyathelo zokumangalelwa yilowo muntu ohlukumezekile nokuboshwa (ukugwetshwa) ngumbuso njengesenzo esephule uMthetho. Isibonelo yisinqumo seNkantolo Yezabasenzi esikhishwe zili-18 kuNdasa kophezulu ecaleni uNombolo J2219/14 likaJuda Dagane obeyiphoyisa embuthweni weSAPS washicilelwa kuFacebook kaMhlonishwa uJulius Malema amagama enzondo anohlevane ewabhekise kwabamhlophe. Waxoshwa ngalesi senzo kodwa akangeneliseka wamangalela umqashi wakhe uNgqongqoshe Wezamaphoyisa.

UKhomishana owayethetha lelo cala wamchitha okaDagane wanquma ukuthi ukuxoshwa kwakhe kube nobulungiswa ngenxa yesenzo sakhe. Waphikelela eNkantolo Yezabasebenzi uDagane esephikisana nesinqumo sikaKhomishana. Kodwa neNkantolo imchithile yavumelana noKhomishana ukuthi isenzo sakhe sephula imibandela nemithetho yokuqashwa kwakhe. Ayigcinanga lapho iNkantolo kodwa yabuye yathi isenzo sikaDagane sephule lo Mthetho esikhuluma ngawo lapha ngoba ushicilele inkulumo enenzondo. Lokhu kusho ukuthi ngaphandle kokuxoshwa emsebenzini usengaboshwa ngaphansi kwaloMthetho njengoba sichazile ngenhla. Umqashi okanye abanye abasebenzi abamhlophe banelungelo lokumbopha uDagane ngaphansi kwalo Mthetho

Ukuhlukumeza nakho kunqatshelwe yilo Mthetho. Kuchazwa ngokuthi yisenzo esingadingekile esibeleselayo esiqonde ukuqonela nokwesabisa omunye umuntu ngokumthembisa okubi okumzomvelela uma engavumeli lesi senzo esingadingekile. Leso senzo esingadingekile sibe sincike ebulilini, kwezocansi, nokuziphatha kwezocansi nasekuzibandakanyeni komuntu emphakathini ohambisana nokuziphatha okuthile kwezocansi, ubulili noma ukukhubazeka.

See Also

Ngokwalo Mthetho kungumthwalo kaHulumeni, umphakathi wonkana nabo bonke abasebenzela umphakathi (ngaphansi kukaHulumeni) ukuba beqikelele ubunye begweme ubandlululo, inkulumo enenzondo nokuhlukumeza okuchazwe yilo Mthetho. Lokhu kuyinselelo enkulu kubasebenzi bakahulumeni eminyangweni eyehlukene nasemazingeni ahlukene. Isibonelo: kusekhona abasebenzela umphakathi ngaphansi kweminyango kaHulumeni abakhuluma amazwi anohlevane ngabokufika kulelizwe, ngezinhlanga ezithile, ngobulili noma ngokuziphatha okungejwayelekile kwezocansi. UMtheto unoHla lwezenzo ezingenabulungiswa ngokwalo Mthetho.

Okuthinta ngqo ezokuqashwa kulolu luHla yilokhu: ukubeka izithiyo nemibandela yokuvimbela abathile ekutholeni amathuba amahle mayelana nokuqashwa; ukusebenzisa imibandela yokuqashwa ukubandlulula abathile; ukwehluleka ukuholela imiholo elinganayo ngemisebenzi elinganayo; ukuholela imiholo engalingani okunobandlululo lwakudala.

UHla luyaqhubeka luqagula ukubandlulula ekubeni yilunga lesikhwama sempesheni noma emihlomulweni yempesheni; ubandlululo olungenabulungiswa ekuxhaseni ngezindlu noma kubolekomali lokusiza ekwakheni izindlu; ubandlululo olungenabulungiswa olumayelana nomshwalense noma umhlomulo womshwalense; ubandlululo olungenabulungiswa olumayelana namalungelo osizo lwemali noma olumayelana nokucosha amathuba omsebenzi wamathenda.

  • UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi. Ubuye abengumahluleli nomxazululi emacaleli ngaphansi kweCCMA namaBargaining Councils ahlukene. Uyatholakala ocingweni, ku-imeyli nakuWhatsApp: 0828823067; bhekikhumalo102@gmail.com
Scroll To Top