Uphekwe ngebhodwe elincane oweFacebook
Ugcine ungasanambithisiseki kwabaningi uFacebook emuva kokuvela kwamahlazo okusebenza ngokungethembeki
SEKUPHELE amasonto amabili umsunguli wenkundla yezokuxhumana edume kunawo wonke emhlabeni uFacebook, uMnu uMark Zuckerberg edonsa kanzima kulandela ukuvela kwezindaba ezithi, uFacebook uqole amalungu awo abalelwa ezigidini ezingama-87 idata usebenzisana nenkampani eqoqa imininingwane ngezepolitiki iCambridge Analytica.
Ngokwemibiko kuvela ukuthi inhloso ngqangi yalokhu kusebenzisana kwakungukuba uMengameli osephethe njengamanje e-United States of America (USA), uMnu uDonald Trump anqobe ukhetho, kushayeke ngesithende imbangi yakhe enkulu uNkk uHillary Clinton.
Konke lokhu kuholele ekutheni uFacebook, unganambithisiseki kwabaningi njengoba usolwa ngokwenzelela kuTrump, ekubeni amalungu kaFacebook eguga iphakethe kusetshenziswa idata yawo.
Ngokusho kwephephandaba laseMelika iWashington Post, inhlangano iFederal Trade Commission ingahlawulisa uFacebook imali elinganiselwa ku-7.1 trillion wamadola aseMelika ngezindleko zalabo abaqolwe idata.
Okubukeka kunamathuba amaningi okuba kwenzeke ukuthi uHulumeni waseMelika, kungenzeka uphasise imitheshwana uFacebook ozosebenza ngaphansi kwayo, nezomvimba ukuba lesi sehlakalo esenziwe uFacebook singaphinde senzeke.
Maphakathi nesonto ngoLwesibili nangoLwesithathu, uZuckerberg ubephekwa ngemibuzo kubuza abeZigele (Senators) ngalo mshophi wokubanjwa inkunzi kwamulungu kaFacebook.
UMnu uFrank Pallone oyilungu lamaDemocrat elizinze edolobheni iNew Jersey ushubise isimo zibekwa nje, ngesikhathi uZuckerberg ephekwa ngemibuzo.
“Akuzosiza ukuhlangana njalo ngalolu daba, kodwa kungenzeki lutho. Kuzofanele kube khona okwenzekayo ngoba akuyona into efihlwayo ukuthi kudlalwe ngabantu lapha,” kusho uMnu uPallone.
Okubukeka kungagojela uZuckerberg ukuthi ubonakala ehlulekile ukuvikela imininingwane yangasese yabalandeli baFacebook abazinze eMelika, njengoba kusolakala neRussia ukube ibe nesandla kulolu daba. Akuyona nakancane-ke into efihlwayo ukuthi iRussia neMelika ngamazwe angahoshelani.
Ngemuva kwamahora amahlanu ngoLwesihlanu, uZuckerberg ephekwa ngemibuzo ngabeZigele, uxolise into engapheli ngokuqolwa kwedata kubasebenzisi kubaFacebook. USigele uMnu uJohn Thune waseSouth Dakota, uveze ukuthi akayizwa eyokuxolisa kuZuckerberg kwazise sekuphele iminyaka eyi-14 exolisa, njengoba sekuke kwaba nezigameko lapho abantu bekhala khona ngoFacebook ezahlukene.
“Ngiyazibuza ngiyaziphendula ukuthi ngabe ukuxolisa kukaZuckerberg kwehluke ngani naseminyakeni eyedlule. Sekukaningi abantu benekela umhlaba ngamahlazo ale nkundla yokuxhumana kepha amaphutha asalokhu eqhubeke njalo kuFacebook, kanti ayophela nini?” kubuza uThune.
Ephendula kulokhu uZuckerberg uthe: “Impela sinamaphutha siyavuma ukuthi indlela esisebenza ngayo inokudala amaphutha”.
Okunye okwenze kwagqama ukuthi isimo sishubile ukuthi uZuckerberg ubegqoke isudu ephekwa ngemibuzo, kwazise udume njengensizwa ezigqokela izikibha nezikhindi namateki.
Akubuzwa ukuthyi igama likaFacebook lenza abantu bakhulume umhlaba wonke muva nje, futhi bekhuluma ngalo ngezizathu ezingezinhle. Nakuba evumile uZuckerberg ukuthi isimo kulamasonto amabili asisihle, kodwa uthe kukhona okuhle okudalwe yilesi simo.
“Isimo sibi impela, futhi iningi aleneme ngalezi zindaba. Nasezimakethe sishayeke kakhulu ngalokhu okwenzekayo. Kodwa okuhle ukuthi ukudliselana kwabantu imibiko nezithombe kukhuphuke ngamaphesenti angama-4,5 ngoLwesithathu. Lokhu ngikushayela ihlombe kakhulu ngoba kugcine ukwenzeka eminyakeni emibili eyedlule,” kuchaza uZuckerberg oqale wadonsa kanzima ngoLwesithathu ekuseni ephekwa ngemibuzo nokuthe uma kuphakama ilanga waba nokuzethemba.
Ukuphendula ngobunyoninco kukaZuckerberg ngesikhathi ebuzwa imibuzo kucace bha. Bekuthi nxa esevaleleke ekhoneni ngemibuzo ezwakale ethi: “Sineqembu lami sizoqinisekisa ukuthi lokhu okubuzayo Sigele siyakulandelisisa, bese sibuyela kuwena ngakho”.
Okunye uFacebook osolwa ngakho ukuthi wanikeza inkundla amaRashiya ukuba agiye aqephuze akhulume kabi ngowayebanga esokuba nguMengameli noTrump, uNkk uClinton. Kuthiwa kunezikhangiso ezazisabalele kuFacebook, zifakwe ngabaseRussia, zeseka uMnu uTrump.
UZuckerberg utshele oSigele ukuthi ubudlelwane beFacebook nenkampani eqoqa iminingwano ngezepolitiki iCambridge Analytica sekuphelile. Uveze ukuthi sekumcacele ukuthi “kwaba yiphutha elikhulu” ukuvuma lesi simo esenzeka. Ube eseqinisekisa ukuthi isimo esifana nalesi asiseyokuphinda senzeke ngokuzayo.
Phakathi koSigele ababeke uvo lwabo uMnu uLindsey Graham othe: “Imitheshwana ibalulekile kule mboni kaqeda isizungu ngoba izovika izinkinga eziningi. Uma udaba lufaka imininingwane yangasese okubalwa kuyona izinombolo zikamazisi, izinsuku zokuzalwa kanye nezindawo okuhlalwa kuzona kusuke sekunzima kakhulu lapho. Ngakho impela imitheswana kufane iphasiswe”.
UMnu uJohn Cornyn onguSigele waseTexas yena uthe: “Lolu wudaba olubucayi kakhulu. Futhi lusifaka ingcindezi yokuba kube khona esikwenzayo, njengoba abantu belindele ukuba sithathe izinyathelo”.
Uqhubekile nokucasha ngesithupha uZuckerberg ngemva kwemibono yoSigeli.
“Asizange siqinisekise ukuthi konke ukusebenza kukaFacebook kuyabavikela abantu. Lokhu kube yiphutha elikhulu. Ngiyakuxolisela lokhu. Yimi umsunguli kaFacebook, yimi oqinisekisa ukuthi konke kuhamba ngendlela. Ngifisa umhlaba wazi ukuthi yimina okufanele asolwe ngalolu daba,” kusho uZuckerberg obe eseqinisekisa ukuthi useqashe inkampani ezokwenza uphenyo ukuthi ngabe yikuphi okunye okwenziwa “izinswelaboya” zisebenzisa imininingwane yangasese yamalungu kaFacebook.