Now Reading
Izivumelwano zokwehlukanisa ukuqashwa zisemthethweni
Dark Light

Izivumelwano zokwehlukanisa ukuqashwa zisemthethweni

KASISEBENZI emshadweni wabaganene kuphela isivumelwana sokwehlukanisa. Kodwa siyasebenza naphakathi komqashi nomqashwa. Ilukhulumile lolu daba iNkantolo Yomthethosisekelo ecaleni likaGbenga-Oluwatoye v Reckitt Benckiser South Africa (Pty) Limited and Another (2016) 37 ILJ 2723 (CC). Kafuphi okwenzeka kuleli cala ukuthi umqashwa waba namanga ngenkathi eqashwa wathi usebenzela enkampanini i-Unilever kanti sewayeka kudala. Ngesizathu salawo manga, le nkampani eyayimqasha yakwa Reckitt Benckiser yabe isimnikeza umholo omkhulu nemihlomulo ngoba becabanga ukuthi bayamheha. Leyo mihlomulo  kwaba yisibonelelo, ibhonasi, engu-US$40 000, umhlomulo womxhaso wendlu, nemvume eluliwe yokusebenza eDubai. Kuthe eselithola iqiniso umqashi, wathatha izinyathelo zokuqondisa ubugwegwe ngesizathu sokuthi umqashwa wayenze ukungethembeki eqonde ukuqola umqashi.

Esebona ukuthi uzoxoshwa futhi angabi nandlela yokumangalela umqashi wakhe, umsebenzi wabe esecela ukuxoxisana nomqashi ngesehlukaniso. Kuleso sivumelwano esaba ngesokuqeda yonke ingxabano phakathi kwabo, umqashi nomqashwa bavumelana ngokuthi: umqashwa uyavuma ukuthi uziyekele yena ngaphandle kokuphoqwa, nangaphandle kwengcindezelo.  Kuso leso sivumelwano umqashwa wavuma futhi ukuthi udela ilungelo lakhe lokumangalela umqashi mayelana nalolu daba. Emuva kwesikhathi, umqashwa wazisola wabona ukuthi wayesedayise ubuzibulo bakhe, okuyilungelo lokumangalela umqashi. Wafaka icala elaphelela eNkantolo YoMthethosisekelo. Ayekhala ngakho eNkantolo ukuthi wayekade ephoqiwe, wacindezelwa ukuthi asayine leso sivumelwano kanti sephula ilungelo lakhe loMthethosisekelo.

INkantolo yalucubungula lolu daba yathola ukuthi isivumelwano leso kasephulanga ilungelo loMthethosisekelo ngoba umqashwa wayazi kahle futhi eqonda ukuthi isivumelwano sisho ukuthini. INkantolo yanquma ukuthi kwakungenabufakazi obuthi waqonelwa umqashwa ukuba asayine isivumelwano.

INkantolo yathola ukuthi umqashwa wayengumuntu ofundile futhi eqashelwe isikhundla esiphakeme. Izivumelwano zalolu hlobo zokuqeda ingxabano zijwayelekile futhi ziqeda konke ukuxabana ngokusho kweNkantolo YoMthethosisekelo. Isivumelwano sicacile, inhloso yomqashi nomqashwa wukuqeda ubudlelwano ngokugcwele nokwesiphetho igqamile. Ngakho –ke lesi sivumelwano kasiphambene nezimiso zoMthethosisekelo.

Isifundo esibalulekile kulesi sinqumo seNkantolo Enkulu ukuthi abavumelanayo, umqashi nomqashwa, kufanele babe sezingeni elilinganayo lokuqonda udaba abavumelana ngalo. Phela uma kunobufakazi bokuthi kunolunye uhlangothi olwaqonela olunye kulezi ezimbili, lokho kwenza singabisemthethweni isivumelwano.

Okwesibili, isivumelwano leso kufanele sicacise yonke imibandela nezibophezelo okuvunyelwana ngazo.

See Also

Uma singacaci isivumelwano, kuthiwa asinamqondo ngakho-ke angeke savunyelwa ukuba sigudluze ilungelo lomqashwa eligunyazwe nguMthethosisekelo. Kuyaqapheleka futhi ukuthi isivumelwano salolu hlobo emthethweni sivumeleke njengezinye nje izivumelwano.

Umbuzo ovelayo lapha ngomayelana necala elisezithebeni zayo iNkantolo YoMthethosisekelo likaMnu uNxasana owayeyisikhulu sophiko loKlebe. Kuzokhumbuleka ukuthi naye washiya umsebenzi ngaphansi kwesivumelwano sesehlukaniso nomqashi wakhe futhi wahlomuliswa ngesamba samarandi ayizigidi ezili-17. Osekubangwa manje ukuthi ngoba sekwatholakala ukuthi leso sivumelwano sasingekho emthethweni kufanele yini ukuba asibuyisele leso sizumbulu semali. Siyazi ukuthi iNkantolo isasigodlile isinqumo kuleli cala, ngakho-ke, asikwazi ukugeqa amagula okwamanje. Sizinika ithuba lokusihlaziya isinqumo saleli cala uma sesikhishiwe.

  • UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi. Ubuye abengumahluleli nomxazululi emacaleli ngaphansi kweCCMA namaBargaining Councils ahlukene. Uyatholakala ocingweni, ku-imeyli nakuWhatsApp: 0828823067; bhekikhumalo102@gmail.com
Scroll To Top