Ngabe abeDowns bazoseka iZimpofana kusasa


Umphumela walo mdlalo uzoshubisa kakhulu umbango wesicoco sePSL njengoba amaqembu esibhekile
ESIKHATHINI esiningi uma kudlala iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kwejwayelekile ukuthi abalandeli balamaqembu baklolodelane ngemiphumela abayilindele, abadlali abakholelwa ekutheni bengenza umehluko ngosuku lo mdlalo kanye nemiphumela abasuke beyilindele eqinjini labo abalilandelayo.
Kusasa ngoMgqibelo lezi zinkunzi zaseSoweto, zizodudulana emdlalweni we-Absa Premiership, eFNB Stadium eNasrec, ngehora lesithathu ntambama. Okuqaphelekayo ukuthi kunabalandeli belinye iqembu abazobe beseka iChiefs ngenxa yobungozi iPirates engabenza emjahweni wesicoco seligi.
Ngenxa yalo mbango oya ngokuya ushuba, abalandeli beMamelodi Sundowns bazobe beseka eZimpofana kusasa kwazise iNdoda eMnyama ize kabi kulezi nsuku.
ISundowns ezihola phambili kulogi kuzothi namuhla (ngoLwesihlanu) idudulana noSuthu, eKing Zwelithini Stadium eMlaza. AmaBrazilians azofisa ukuzenzela umsebenzi ube lula ngokuqoqa amaphuzu amathathu, ngethemba lokuthi iChiefs izoguqisa eziMnyama, noma zidlale ngokulingana.
Le midlalo emibili ebandakanya iSundowns, iChiefs nePirates kungenzeka ikhombe ukuthi ngabe isicoco seligi sizogcinaphi kule sizini njengoba kucaca ukuthi iBidvest Wits akuselula ukuba ivikele lesi sicoco esinqobe ngesizini eyedlule.
Ilogi ikhomba ukuthi Abafana Ba Style bazihola phambili ngamaphuzu angama-40, emidlalweni engama-22, iPirates isendaweni yesibili ngamaphuzu angama-36, kuthi iChiefs ibe sendaweni yesithathu ngamaphuzu angama-35.
Ukuqhuzuka kweSundowns namuhla, kungasho ukuthi omabili amaqembu aseSoweto asethubeni lokuvala igebe, nakuba iPirates kuyiyona engasondela kakhulu kumaBrazilians uma inganqoba kuChiefs njengoba izosala ngephuzu elilodwa (uma iSundowns ishaywe uSuthu), noma isale ngamaphuzu amabili uma idlale ngokulingana.
Umdlalo womkhaya baseSoweto usuhleze unduvanduva njengoba emidlalweni emine yakamuva uphele zidlala ngokulingana, kungekho efuna ukugoba uphondo. Nokho kule mpelasonto kubhekwe abadlali abambalwa abazobe bevela okokuqala kulo mdlalo wezinkunzi zaseSoweto. Phakathi kwalaba badlali sibala uLeonardo Castro, uSiphelele Ntshangase beChiefs kanye noJustin Shonga weBhakabhaka abasefomini muva nje. “Akusavumi ngilinde usuku lwangoMgqibelo lapho sizodudulana khona nePirates. Ngifuna ukuzenzela igama kwazise sengiyijwayele indlela iChiefs edlala ngayo. Lukhulu abalandeli abalulindele kithina njengabadlali kule sizini ngakho kuzofanele sidlale ingcwenga yebhola ngoMgqibelo,” kusho uNtshangase weChiefs etshela izintatheli ngoLwesithathu eGoli.
IPirates iyona eya kulo mdlalo ithwelwe ngeqoma kwazise isanda kushaya kabuhlungu iChippa United ngamagoli amane kwamabili ngeledlule. UHappy Jele oyisitobha seziMnyama uthi nakuba besefomini kodwa kungenzeka ingabasebenzeli kusasa.
“Akufanele siye kulo mdlalo sinokuzethemba okweqile. Engikubona kuzosisebenzela ukuthi sinabadlali abaningi abanesipiliyoni sokudlala imidlalo yomkhaya. Abanye babo uMpho Makola, u-Issa Sarr noThabo Matlaba esibheke ukuba benze izimanga kusasa. Bakhona nakuChiefs abanesipiliyoni njengoSiphiwe Tshabalala, u-Itumeleng Khune noBernard Parker, kepha cisho bonke abanye bazobe beqala noma bevele kambalwa kulo mdlalo. Sibheke ukuba kube isipiliyoni esicacisa okuzokwenzeka osukwini lwakusasa,” kusho uJele etshela izintatheli esithangamini sabezindaba eGoli.
Mayelana nokuthi iPirates iyona ebonakala ingathwalisa kanzima iSundowns embangweni wesicoco seligi, uJele uthe: “Ithimba labaqeqeshi lisinike umyalelo wokuthi kufanele senze kangcono uma kuqhathaniswa nesizini eyedlule. Ngakho sifuna ukuzwena ngcono njengoba besho abaqeqeshi, okunye kuyozenzakalela”.
- dladlan@ingabadimedia.com