Ukwanda nokusabalala kwabakwaNzuza kwelakwaZulu
USolwazi uMaphalala ungungoti womlando kaZulu nama-Afrika nombhali wamabhuku.
Nzuza! Nongweni! Mthila, Ndlovu, Ndlovu Mbekelo, MGIDI Nondumo, Sodubo, Nonhlangano, MAHLOBO Mshazi, Msongane ozala uQwabalanda, NONDUMO Ndosi, Mago, Shoba [inkosana] , SHADU, Majiya, Ngunyangunya, Sondoda, Zeze [iNgobamakhosi], Mathizela, Ngwenya, Dubankomo [iNgobamakhosi], Pita, Mnyameni [ibambabukhosi esemncane uSisilasophindo], Ngwenya, Sisila [Vukayibambe], Walandelwa uZwelibanzi inkosana kaSisila. Amakhosikazi: uMaSibiya, uMaMkhwanazi. uMaShandu, uMaNtanzi unina kaZwelibanzi, Nyongwana, Myeza! Bhacela! Thinsila!
Abantu bakwaNzuza badabuka esendeni likaNdebele yena ongenye yamadodana eNgonyama uMnguni kaNtu. Iningi labo naliya esifundazweni saseMpumalanga. ithuna likaNdebele lingasezintabeni zoKhahlamba. Nokho-ke ngokuhlakazeka kwabantu kugcine kunesizwe sakwaNzuza esizinze ezifundeni zaseShowe naseMthunzini. Enye ingxenye yabakwaNzuza yendlu kaNozishada yona izinze eNkandla. Kuyinto eyaziwayo ukuthi kwaZulu abantu kade beganwa yisithembu kunezindlu eziningi ezahlukene esendeni lendoda. KwaNzuza umuntu wokuqala! esizwa ngaye nguye uNzuza owazala uNongweni yena wazala uMthila ozale oMgidi, Nongogo IZIBONGO ZIKANDLOVU. Ndlovu! Odl’ uMnakaza kaMahlabiso lesilo, Kamgawuli wezibonda, Angazibiyi.
KaLukhokhothi lungamfunda kaSabela, LukaNdlovu, Odl’ uMnakaza wadl’ uNteshana. LukaNomo bethi ziwel’ amaTiki, [umfula] Kanti ziyabuya zithwel’ amagula nangezimpondo. LukaGobobabayo umunga ubunga woNtuli, [isizwe] Ubeseme lithe liyozalel’ olwandle, Liyabuy’ amazinyan’ asesuka. Ubesinikiniki singa mpongo, Ube sishiphathi samaNgwane. [kaMatiwane kaNasumpa]
Amadodana kaMgidi: uNondumo, uSodubo ozale uMnkabi indlunkulu kaSenzangakhona, Nonhlangano. Amadodana kaNongogo: KaMshiza, Mahlobo. Amadodana kaKaMshiza: uMadla. Amadodana kaMadla: uMyeza, uBhacela, uMnxuswa, uTilo. UTilo wazala uNongena, uThunda nabanye. UNongena wazala uMathenyoni, uNdlandlama [indlalifa] uMasonkehli noMvuyamanzi. UMnxuswa wazala uThinsila, uQothu nabanye. UQothu wazala uNkomana owabekwa waba yinkosana ngokohlelo lomndeni. Waye uMavalana ibutho lakhe wazala uLoyi noThainsanqa Michael owaba yinduna yeSILO uZwelithini. UMahlobo wazala uMshazi, uMsongane yena owazala uQwabalanda. UNonduma wazala uNdosi, uMago, uShoba [indlalifa] uNtuku, uMqalana. Amadodana kaMaqhoboza nabanye: uShadu [indlalifa], uNozishada, uMatshekana, uSilasha, uNosijila, uNozintombi owagana uHhamu kaMpande, uNomaphela. UNdlovu wazala uMbekelo yena owazala uMaqhoboza ozala uNozishada noMashekana. UNozishada washona engakaganwa.
UMashekana wazala uMgundeni, uPhindulimi owayenguFelaphakathi nabanye. Enye indlu okuyiyona enkulu nezinze ngaseGingindlovu naseShowe ngekaNondumo ozala uNdosi okunguyena owaqala impi kwaNomvemve okhalweni olusuka eNtumeni luyophelela ezibukweni laseMhlathuze, kubhekwene nempi yakwaNdwandwe yeNkozi uZwide kaLanga. Enye yamadodakazi akhe yayigane iNkosi uManqondo kaMazwana Magwaza. UNdosi uzala uShadu ozala uMajiya yena azale uNgwenya owazala uSisilasophindo inkosana yakhe okwakunguZwelibanzi ozala uThemba inkosi ebusayo njengamanje. Ubuhlobo neNdlunkulu yakwaZulu buqale ngenkathi iNgonyama uSenzangakhona eganwa nguMnkabi kaSodubo Nzuza. Kuthe ngenkathi iNgonyama uShaka isizokulwa noZwide yathumela oMqalana Nzuza noMbekelo ukuthi bayofaka izikhonkwane zabo emzini kaZwide ukuze nxa sekuliwa naye aphelelwe ngamandla iNgonyama uShaka imnqobe. Bafika kwaNdwandwe bathi baxoshwe nguShaka, uZwide wakukholwa lokho wabemukela ngezandla ezimhlophe wabagcina emzini wakhe kanti sebezofaka izikhonkwane zabo wonke umuzi wakhe: emthonjeni, ezindlini zakhe nasegcekeni. Kwathi sebezenelisile ukuthi sebeqede konke babuyela kwaBulawayo esigodlweni sikaShaka, behamba befaka izikhonkwane zabo endleleni esuka kwaNdwande ibheke kaBulawayo. Umuzi omkhulu kaZwide kwakuseMgazini lapho kwagcina sekwakhe uZiwedu kaMpande, uMntwana waseMatheni. Bafika bamchazela uShaka konke ababekwenzile haze bagcizelela ukuthi ngokwezintelezi zabo ababezisebenzisile impi kaZwide uma isizohlasela kwaZulu yayiyoqhamuka kwaGcongco phezulu eNdundulu igudle iphikelele eMpandleni lapho sekulidolobha laseNkandla. UMbekelo waqhubeka wazala uMaghoboza yena owazala uNozishada owayelanywa yintombazane uNomaphela. Yena welanywa nguMashekana owashonela eMtshezi kwaNobamba. Wayelwe ngakuMntwana uMbuyazwe empini yaseNdondakusuka. Indodana yakhe eyayinduna yeNkosi uMpathesitha Magwaza ngowe-1918.
Enye indodana kaMaqhoboza kwakunguSilaja, Ibutho Iakhe kwakungaMaphela isigaba esasaziwa ngokuthi uMsikaba. USilaja singawovemvane! UGade phonseka kubafo, uZilimana zisemuva kanti uDlozi umathethwa ngempi. Amany’ amadloz’ ethethwa ngezinkomo. Wen’ ubumuzwe ngembuzamathe ebazalwa uJuba, ebehlanganyel’ umuntu, BenoMvenyane kaManyosi. [kaDlekezele Mbatha]. Ube Mandondo, obizwe izintaba. UbeLuju lukaMthantatho, ube utshani band’ entabeni, Ubenhlalunhlalu yawoNomaphela. [udadewabo olam’uMatshekana].
– Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe zaMakhosi AkwaZulu, Umqulu III. Uma ufisa ukutholale ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi Maphalala kule email: maphalalajs@vodamail.co.za; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.