Inkulumo yoMntwana kwethulwa iPrincess Magogo International Music Symposium


Ukubambisana phakathi kweKZN Heritage Foundation, iK-CAP kanye nabashicileli belaboHlanga, Ingabadi Media Group kufeze iphupho leminyaka lokhuhlonipha iqhaza lesinye sezigomagoma zaboHlanga
UMhlonishwa uMphathiswa Wezobuciko Namasiko uNkk uBongiwe uMaSithole Moloi; uMqondisi weKCAP, uMnu u-Edmund Mhlongo; uMqondisi weKZN Heritage Foundation, uMNu uMbuso Khoza; uDkt uGN Donda; uMnu uNhlanhla Mtaka; Amalungu omndeni wami; Izihambeli ezithandekayo kanye nabalingisi.
Ngizizwa ngithobekile yinhlonipho yokuba ngikhulume ngokuhlwa kwanamhlanje ngoMama wami, uMntwana Omkhulu uConstance Magogo Mantithi Sibilile Thombisile Ngangezinye kaDinuzulu. Igugu loMntwana Omkhulu uMagogo selilethe ugqozi ezizukulwaneni eziningi ezehlukene ukuhlonipha usikompilo lwethu, kanye nokwamukela ubuciko. Nginokuziqhenya ukwazi ukuthi, namhlanje, indodakazi eyisizukulwane sakhe, uToya Delazy, uliciko lomculo elidume umhlaba wonke jikelele. Ungomunye abathatha amathuluzi noma abaqala ukucula.
Umculo wawenza ukuba impilo yoMntwana igcwaliseke ngokuphelele. Nxa ngicabanga ngezingxoxo zemindeni yaseNdlunkulu kaZulu kanye nalezo zesizwe sakithi kwaButhelezi, bahlale besitshela njalo ngendlela ayecula ngayo amaZulu, akubiza ngayo Inkondlo ngosuku mhla egana uBaba. Iculo lakhe eliyinkondlo, alikhetha “Kawusidedele Singene KwaNongoma”, Iculo likayise iNgonyama yasoSuthu uMamonga kabulali uyasizila, elaqanjwa ngemuva kokulwa kwempi yomkhaya yaKwaNdunu phakathi kwamabutho oSuthu noMandlakazi impi eyayiholwa luqobo lwayo Inkosi yensizwa umathukuthela iNgonyama uDinuzulu.
Ngiyakhumbula futhi ekubekweni kwami njengeNkosi yeSizwe saKwaButhelezi, lapho uMama uMntwana ehlangana nemixhaka yamabutho kaBaba osekhotheme becula amahubo akudala eSizwe kanye namahubo akudala aseNdlunkulu kaZulu. Iphimbo loMntwana uMama lalingilethela ukwesaba cishe zonke izinsuku kwesinye isikhathi amehlo ami agcwale izinyembezi – ikakhulukazi lapho sicula amanye amaculo akhe, namanye amaculo ayevamise ukuwacula, lawo omdabu esiZulu kanye namaculo eSonto. Wayeyisimanga ngoba nakuba ayekhulele esontweni iSheshi, kwathi lapho evakashele umnewabo omncane, uMntwana Omkhulu uMshiyeni kaDinuzulu, endaweni eyayibizwa kudala ngokuthi kuseRandi, ukuyocimela, wanqwamana nomfundisi weBandla lamaSeventh Day Adventist, uMfundisi uLanga, owamtshela ukuthi iSabatha loqobo kwakunguMgqibelo. Wayesephendukela khona kuleli bandla lamaSeventh Day Adventist Church. Manje waye wacula amaculo aseSheshi. Wayecula amaculo aseSeventh Day Adventist Church. UMntwana wayengabandlululi ngoba wayecula namaculo ezinye izinkolo futhi, njengawamaLuthela kanye nalawo okungaweSonto lamaWeseli.
KuMntwana, umculo wawungabekelwe kuphela imicimbi. Ngiseyingane, ngangiphathwa ubuthongo kodwa ngiyovuswa ngumculo woMntwana. Ngimkhumbula edlala uphiyano ehlabelela ngekhanda amaHubo eNkosi uDavida. Kwakuyindaba nje eyejwayelekile empilweni yami ukuthi iphimbo lakhe yilo engilizwayo uma ngivula iBhayibheli bese ngifunda – “Ngenxa yokuba enamathele kimi, ngakho ngiyamkhumbula… Ngiyakuba naye esosizini, ngimkhulula… ngimdumise. Ngiyakumsuthisa ngobude bezinsuku, ngimbonise insindiso yami.”
Ukholo lwami lwathuthukiswa ukukhulela emhlabathini ovundileyo wokucula koMntwana uMama; ngoba wayezibeka azisondeze empilweni yomuntu izindaba zeBhayibheli. Nginesiqiniseko sokuthi noma ngubani okhuliswe ngenkambiso yeSonto uwejwayele amahubo, “kuthi ukuthula njengomfula kugeleza, kuya ngasendleleni yami, kuthi lapho izinsizi zizungeza njengamafu; kukho konke enginakho, kunjalo ungifundisile ukuthi, kulungile, kulungile, emphefumulweni wami.” Lokhu sikucula singakucabangisisi. Kodwa uMntwana uMama wayekucula, iphimbo lakhe elinamandla laledlulisela lonke usizi lomhlabeleli owayelila ukulahlekelwa yizingane zakhe.
Bese kuthi lapho ayeseqhubeka nokucula futhi, ”kuNkulunkulu akube udumo, ngezimanga azenzile”, ukunqoba amandla kwamandla kaNkulunkulu kungubufakazi obuphatheka ngesandla, okusengathi umshungu wezingilozi ungagxuma udabule amafu uhamba uliqulo! UMama umculo wakhe wawukhuluma ngentokozo kanjalo futhi nangosizi, ubuhlungu nangokuphilisa, inkululeko kanye nokulahlekelwa. Wabe eyisimanga senkosikazi, wayehlakaniphe ngaphambi kwesikhathi sakhe ngezindlela eziningi ezingebalwe. Ngiyaziqhenya ngenzuzo ayithola nakho konke njengomqambi womculo, umculi nomhlabeleli, ngiziqhenye futhi ngakwenzile ukudlondlobalisa umculo wesintu. Empeleni ukuziqhenya kwami ngoMntwana Omkhulu uMagogo kaDinuzulu kwedlula okungaphezu kwalokho akwenza, ukuhlanganisa iqiniso elimsulwa ngaye ukuthi wayengubani. Wayeyinkosikazi enamandla eqinile eyisakhamuzi saseNingizimu ye-Afrika.
UMntwana uMagogo kaDinuzulu wazalwa lapho kugoqeka unyaka, lapho uthi kawuhlanganise ikhulu ngesikhathi sempi yamaNgisi namaBhunu, ngemuva kokuba iSilo sasoSuthu esinguyise, Ingonyama uDinuzulu ebuya ekudingisweni eSiqhingini saseSt. Helena. Wazalelwa ukungena emzabalazweni wenkululeko oyothatha isikhathi eside, hhayi nje ngomndeni wakhe kuphela, kodwa ngisho isizwe sakubo. Umzabalazo weSizwe samaZulu silwela inkululeko kwaba nomthelela emzabalazweni lapho iNingizimu ye-Afrika yaxhuma ekupheleni kwekhulu leminyaka.
UMntwana Omkhulu uMagogo wabe eseyingane lapho unina iNdlovukazi uSilomo okaNtuzwa ozalwa kwaMdlalose, ekhothama, emshiya ukuba anake abanewabo. Uyise iNgonyama uDinuzulu kaCetshwayo, wakhothama lapho umntwana eneminyaka eli-13 ubudala, kwase kuthi umnewabo, uMntwana uSolomon, wabekwa esihlalweni.
Wayeseminyakeni yakhe esiyehlela emashumini amathathu lapho iSilo uSolomon simnxusa ukuba ayogana uNdunankulu Womdabu, Inkosi uMathole Buthelezi. Inkosi uMathole wayeganwe ngamakhosikazi angama-20, kodwa ngosuku lomgcagco wabo, ngaphambi kweNgonyama uSolomon, Induna Enkulu uShameni Khumalo wamemezela ukuthi uMntwana kwakunguyena iNdlunkulu yeNkosi yaKwaButhelezi. Lokhu kwakuhambisana nesiko elingumthetho wesiZulu, njengoba uBaba wayekade ecele umndeni wonke kanye nesizwe saKwaButhelezi. Lokhu kuhambisana nomthetho wesiZulu, ukuba banikele ngezinkomo zokuyolobola uMntwana omkhulu. Lokhu kwakukhomba ukuthi indlalifa iyakuphuma eNdlini yakhe.
Futhi ngokuyalela kwesiko lesiZulu, ngemuva kosuku lwesibili ngemuva komgcagco wabazali bami, abasekhaya koMama bahlala phansi nabomndeni wakithi ukuzodalula isimo sempilo yakhe. Lokhu kubizwa ngobulanda. UMama, bathi, ungumqemane – ngaphandle kwehlaya nje elilodwa; akakaze anqamuke ekuculeni! Lokhu kwathathwa njengenjwayelo, ukuze ukucula kwake kwamukeleke njengengxenye yezivumelwano, njengoba owesifazane osanda kugana kavunyelwe ukuthi acule. Ngendlela ayecula ngayo ngicabanga ukuthi kwakungeke kwenzeka ukuba bamthulise.
Lesi siphiwo sakhe sazeka semukeleka, kakuphelanga sikhathi wagqama njengomculi onesiphiwo nenyosi, wathandelwa umqondo wakhe wokukhumbula izehlo kanye nokukhumbula abantu abagqamile asebedlula. Wayazi, futhi eqamba, amahubo esiZulu eSizwe saKwaZulu. Ngaphandle kophiyano, wayedlala ugubhu kanye nohabhu futhi edlala isiqomqomana.
Izifundiswa eziningi ezaziphuma umhlaba wonke zazifika KwaPhhindangene ukuzokwethekela ulwazi lomlando wabantu baKwaZulu. Ngikhumbula ukuvakasha kwezifundiswa njengoSolwazi Eileen Krige kanye nomyeni wakhe, naye owayenguSolwazi uKrige. USolwazi u-Eileen uyakukhunjulwa ngomqingo wencwadi yakhe The Social System of the Zulu People. Bobabili babengoSolwazi eNyuvesi yaphambilini eyayibizwa ngeNyuvesi yaseNatali.
Ngikhumbula ukuvakasha kukaSolwazi u-Otto Raum, owayeqokwe njengoSolwazi weSocial Anthropology e-University of Fort Hare. Wamvakashela uMntwana izinkathi eziningi. Ngikhumbula uSolwazi uTrevor Cope we-University of Natal. Ngikhumbula uSolwazi uJohn Blacking of the University of the Witwatersrand owathandana nesifundiswa somdabu wohlanga lwamaNdiya kwathi ngenxa yomthetho Immorality Act kwaphoqeka ukuba babaleke kuleli lizwe. Sasihleli sithintana nomfelokazi wakhe kwaze kwaba sekugcineni lapho edlula khona emhlabeni enyakeni odlule. Izimpande zakhe zisEshowe.
Ngikhumbula uDkt uDavid Rycroft weSchool of African and Oriental Studies in London owaba nengxoxo noMntwana isikhathi eside. Ngikhumbula futhi ukuvakashelwa kukaMama nguDkt uHenry Weman, umdlali we-ogani eCathedral of Uppsala waseSweden. Kwathi uSobaba weSwedish Lutheran, uMfundisi Ongcwele uHelge Fosseus, ezwa ukuthi ngangihambela eCanada, noMnu u-Oliver Tambo kanye nomkakhe u-Adelaide Tambo, njengethimba le-Anglican Congress, wenza amalungiselelo ukuba umkami Indlunkulu uMaMzila ahlangane nami ukuze sikwazi ukuvakashela eNorway naseSweden. Saba nesikhahi senjabulo eLondon endleleni eya eCanada, kanye nabanye ababesekudingisweni njengoMnu u-AB Ngcobo.
Nokho kwathi lapho sivakashela eSweden, uDkt uHenry Weman wasilungiselela ukuba mina neNdlunkulu uMaMzila simvakashele eCathedral ngalokho kuhlwa. Ugesi wawucinyiwe kukhanya kuphela amakhandlela. UDkt Weman wasidlalela i-ogani, into esingeke sayikhohlwa, uDkt waloba incwadi lapho ebhala kabanzi ngomculo woMntwana uMama.
Kwathi eminyakeni yawo-1930, uDkt uHugh Tracey owayeyisazi somculo esebenzela ukwenza ubugugu bomculo ngobubanzi bawo e-Afrika ukuze wazeke kangcono uthandeke futhi. Wahambela izindawo eziningi kakhulu, iMpumalanga kanye neMaphakathi ne-Afrika, nase-Afrika eseNingizimu. Wachitha isikhathi esiningi kabi neSizwe saKwaButhelezi, eqopha umculo woMntwana Omkhulu. Ngisolokhu ngibongile kuye njalo ngokwenza lokhu, kanti futhi ngokugcina lokho kuqopha kuvikelekile ku-International Library of African Music.
Nyakenye, ngavakashela uMnu u-Andrew Tracey, indodana kaDkt uHugh Tracey. Wayesaqeda wathatha umhlalaphansi njengoMqondisi we-International Library of African Music, okumanje igcinwe eRhodes University eGrahamstown. Weza nabanye yonke indlela besuka eGrahamstown ukuzonginikeza amakhophi okuqopha kukayise. Kwangimangaza ukuzwa iphimbo likaMama futhi ezwakala ngendlela engehlukile kuleyo engangimuzwa nayo ngiseyingane.
Ngesikhathi lapho ezami izingane sezizelwe, umculo woMntwana uMagogo wase waziwa kahle kakhulu nokuqoshwa kokucula kwakhe edlala ugubhu kwakudlalwa nguSABC, udlalwa kude kuze kuyofika eGermany, udlalwa yiWest German Radio. Wayesephenduke umqambi womculo onedumela emhlabeni, ecula futhi engumhlabeleli. Wayesevulele umhlaba indlela yokulalela umculo wama-Afrika e-USA kuze kuyoshaya e-England kwelamaNgisi.
Esinye sezifundiswa esaqopha umculo woMntwana kanye nalowo wesizwe saKwaButhelezi kwaba nguYvonne Huskisson. Okuqoshiwe okuningi kwaSABC kwathunyelwa kimi ngendlela yakudala kunamapuleti. Ngomculo woMntwana uMama wanikeza iphimbo ukuveza umbiko wokujula kothando, ukuhlonishwa, ingxabano, ithemba nobuhlungu sekube liva enyameni yabo izizukulwane ngezizukulwane wagcwalisa ubugugu besikompilo ngesithunzi esingethathelwe phansi.
Emqondweni wami, lokho kwaba ngumnikelo emzabalazweni wethu wenkululeko. Kodwa uMntwana uMagogo kaDinuzulu wayembandakanyeke nezindlela eziningi ezahlukile. Ngonyaka we-1957 wayenenhloso yokuhola abasifazane besizwe saKwaButhelezi ukuba bamashe bebhikishela ukuphatha amapasi bawuphikise lapha esifundeni semantshi yaseMahlabathini. Niyakhumbula ukuthi wathukuthela kangakanani lapho imantshi ithi kwakungamfanele yena uMntwana ukwenza lokho. Ngiyangabaza ukuthi wayengalalela kulokho, kodwa uHulumeni ePitoli wasongela ngokugodla ukubekwa kwami njengeNkosi yesizwe saKwaButhelezi uma ngiqhubeka nalokhu.
UMntwana wayeselwe kanzima isikhathi eside elwela ukubekwa kwami esihlalweni. Impi yakhe yokuqala kwakuyikubuyisa mina lapha eMahlabathini ukuzothatha isikhundla sami njengeNkosi yeSizwe saKwaButhelezi. Ngaleso sikhathi, ngangimanqikanqika, njengoba ngangiseThekwini ngihlose ukuqhuba ukugogotha kwezomthetho ngaphansi kukaMnu uRowley Arenstein. INkosi uLuthuli nabanye abaholi be-ANC beza ukuba bazomtakula. Ngokuvumelana kanye nabaholi be-ANC. INkosi uLuthuli yayingumeluleki wami owethembekile futhi yabe ingumhlobo wami. Ndawonye nabaholi be-ANC, wanginxenxa ukuba ngifeze okwakungumsebenzi wami esizweni. Nakhoke ngabuyela eMahlabathini.
Kodwa uHulumeni wabe emanqikanqika ukungibona njengeNkosi, nakhu babengibona ngiyinhlekelele kwezombusazwe. Lokhu kwakwenziwa yikuthi ngangixoshiwe eNyuvesi yaseFort Hare ngoba ngangihehe ezinye izitshudeni ukuba zidube amakilasi, ndawonye namacomrades amanye ami e-ANC Youth League. Lokhu kwakuphehlwe yisenzo sokuvakasha koMbusi Omkhulu waleso sikhathi Ngangilahliswe okwensimbi ephilayo enokusetshenziswa kodwa etshingwe esikhotheni ukuze ithombele khona inganakiwe. Futhi ngangingaphuthi ukwethamela amarali amakhulu ayeba seNichols Square.
La marali kwakukhuluma kuwo, Inkosi uLuthuli, abaholi bakaKhongolose kanye nabe-ANC Youth League, njengoMnu uMasabalala Yengwa, be-Indian Congress njengoDkt uMonty Naicker, uMnu u-Ismail Meer ongumyeni kaSolwazi uFatima, uDkt Yusuf Dadoo owayephuma eJohannesburg. Kwakuyiminyaka emihlanu ngaphambi kokuthi uHulumeni aqinisekise ukubekwa kwami esihlalweni njengeNkosi yeSizwe saKwaButhelezi. UMntwana wayengeke avume ukucekela phansi lelo thuba. Ngaso sonke isikhathi wayelwela izimfuno zami. UBaba wakhothama, ngisemncane, ngangineminyaka eli-14, wayememezele ukuba ngifunde kakhulu. Kwaba nguMntwana uMama owaqinisekisa ukufezekiswa kwaleso sifiso. Kuleyo mihla imfundo kwakungesiyo into eyayivulelekile kwaboHlanga baleli lizwe. Ukuba ngangifune ukuzihlalela ekhaya ngeluse izinkomo lokho kwangemukeleka.
Kwathi ngenhlanhla intshisekelo yoMntwana yokuba ngifunde yanqwamana neyami ngoba ngangizimisele ngakhona. Ngisho nalapho ngisengumfana osakhulayo ngangimhlupha ngokuthi ngifuna ukuya esikoleni. Wasukuma yena uqobo ukuyokhuluma nothisha omkhulu wasoSuthu Primary School eduze naseSigodlweni KwaDlamahlahla. Ngavunyelwa ukungena kuleso sikole, kodwa uthisha omkhulu wayedonswe ngendlebe ukuba angixoshe nxa ngilibele ukudlala noma ngehlulekile ukwenza noma yini.
Empeleni, kwaba nguye uMntwana uMagogo owaqalisa imfundo Esigodlweni saKwaDlamahlahla. Waqala ngokufundisa izingane zaseNdlunkulu o-ABC. Ngiyakhumbula ngibona iziqeshana zamakhalibhodwe ezibhalwe bona labo ABC ngesandla sakhe uMntwana. Umnewabo omncane, uMntwana Omkhulu wakwaSokesimbone uMshiyeni kaDinuzulu, wezwakalisa ukubabaza ukuthi udadewabo wayezoguqula izingane zaseNdlunkulu ukusuka eSheshi ukuba ngamalungu eSeventh Day Adventist Church. Lokhu kwenzeka ngesikhathi lapho uMntwana oMkhulu uMshiyeni eliBambabukhosi ngemuva kokukhothama komnewabo iNgonyama uSolomon Maphumzana kaDinuzulu. Ngakhoke uMntwana uMshiyeni wavula isikole esontweni Esigodlweni esabizwa ngokuthi Usuthu Primary School. UMntwana wayevamise ukuxoxa ngakho; ngoba kwakumthokozisile kakhulu lapho umnewabo omncane evula lesi sikole.
UMntwana uMagogo ngokwemvelo yakhe wabe enguthisha. Ngisakhasa ngafunda ngomlando weSizwe. Wayexoxa ngeNgonyama uShaka, iNgonyama uCetshwayo, nangeNgonyama emzalayo, iSilo uDinuzulu, ngempi phakathi kukaZulu namaNgisi nanempi yaseSandlwana, kube sengathi lezi zinto bezenzeka izolo nje. Wayevamise ukungitshela mayelana nosuku lapho, ayeneminyaka eyisithupha, ukuthi amasotsha afika oSuthu Esigodlweni ukuzobopha iNgonyama uyise. Wasitshela indlela amasotsha ayebapha ngakhona amabhisikithi.
INgonyama uDinuzulu yaba ngumsolwa ecaleni likaBhambatha, njengoba wayefihle iNkosikazi kaBhambatha uSiyekiwe (uMaZuma), kanye nendodakazi uKholekile. Lokho kwenza ukuba iSilo uDinuzulu agwetshwe udilikajele. Leso yisikhathi esinzima emndenini weSilo. Eminyakeni emine elandelayo, uJenene uLouis Botha waba nguNdunankulu wokuqala we-Union of South Africa. Njengoba uPrime Minister uBotha wayengumngani weNgonyama uDinuzulu wathi akakhululwe ejele; nakuba ayengezukubuyiselwa eZululand. Ngiyayibuka ingcindezi phezu koMntwana uMagogo owayesemncane ngaleya ndlela.
UMntwana uMagogo wakhuliswa ngenye yoNdlunkulu beNgonyama uDinuzulu. Indlunkulu uBangwayo Buthelezi, okaSonkeshane ozala uMntwana uPeter Matholegwaqa kaDinuzulu. Lokhu kwakuyisinqumo seNgonyama uDinuzulu uqobo, lapho unina woMntwana ashiya eSigodlweni kulandela ukungezwani phakathi kwakhe nomyeni wakhe, iSilo uDinuzulu.
Ngiyakuhlale njalo ngikhumbula njalo isibindi soMntwana uMama. Wayekholelwa enkululekweni, hhayi nje kuphela ngokwesiqu somzimba, kodwa nangokukamoya. Ngomculo wakhe, wayezwakalisa inkululeko njengesimo umuntu okufanele ahlale yena ngokwakhe ekuso. Kuthi konke okuba ngumgoqo kuleyo nkululeko kubusiswe.
Ngonyaka wezi-2003, bese kuphele iminyaka eli-19 akhothama uMntwana uMagogo kaDinuzulu, wahlonishwa ngomklomelo engasekho iNational Order of Ikhamanga in Gold, ngokuzuza kokongiwa nokuthuthukiswa komculo womdabu. Ikhono loMntwana lokushaya ugubhu, nohabhu olushintshayo kanye nopiyano kwakhumbuleka, njengamathalente okuqamba amaculo nothando lwakhe lomculo weclassic nomculo wamakhwaya. Umlando womfanekiso wezinyawo zakhe lapho ayibhudule khona le ndlela emkhakheni obuwaziwa ngokuba ungowamadoda kuphela, okwenza ukuhalalisa kube ngaphezulu kokwenza.
Khona ngaphezu kosekubalulwe ngaphezulu, umlando ngempilo yoMntwana waba yindaba izekwayo lapho kukhishwe khona okokuqala ngokugcwele ku-African Opera, lapho uqhutshwa khona ngobuhlakani bukaSolwazi uMzilikazi Khumalo eshashalazini lesiteji e-African Opera oculwa nguSolwazi uSibongile Khumalo uMntwana Omkhulu uMagogo kaDinuzulu. Lo mdlalo usuhambe udlalwa umhlaba wonke lapho uSolwazi uSibongile Khumalo ecula khona amaculo oMntwana. Isihloko sithi Princess Magogo kaDinuzulu.
Njengamanje kuningi osekwaziwa ngoMntwana uMagogo. Izingqweqwe kwezemfundo nabaculi sebefundile ngaye futhi, ngokuhlonishwa engasekho, useklonyeliswe kakhulu. Ngakhoke ngokuhlwa kwanamuhla ngicabange ekhethekile okungenzeka ukuthi kayakaziwa kangako. Sesicele iPlayhose Ethekwini ukuba iphinde ishicilele lokho uDkt uDavid Rycroft ayesekwenzile. Sicele ukuthi lezi zithengiswe ukuze sikwazi ukumelana nezindleko zokuphrinta. Kukhona futhi ne-album mayelana nempilo yakhe uMntwana.
Kwathi ngonyaka we-1963, umqondisi kwezengqayi nomethuli uSir Stanley Baker beza lapha eZululand ukuzokwenza ingqayi ebizwa nge“Zulu”, elalilingisa ngempi yowe-1879 phakathi kukaZulu namaNgisi. Bacela usizo lwami ukufaka izinkulungwane zezijobelelo zamabuho kaZulu. NjengeNkosi yesizwe esikhulu saKwaButhelezi futhi nanjengoNdunankulu woMdabu weNgonyama neSizwe sikaZulu, ngangisezingeni elihle lokusiza.
Indima yeNgonyama uCetshwayo kaMpande kwase kuhleliwe ngayo. Yayizodlalwa ngumsakazi weZulu Radio, uMnu uHubert Sishi. Kwathi kodwa lapho befika bezongibona u-Endfield kanye noBaker KwaPhindangene, bashaqeka intswebu ngokufana ngokobundeni okwenza ukuba kube yimi engidlala indawo kaJininindi esikhundleni sikaMnu Sishi. Ngazizwa ngihloniphekile ukucelwa ukuba ngikwenze lokhu.
Kwakungesimi kuphela owabe eyisizukulwane seNgonyama uCetshwayo owacelwa ukuba asize. Umzukulu weSilo sasOndini, UMntwana uMagogo kaDinuzulu wacelwa ukuba afundise abalingisi amahubo esiZulu. Njengoba uMntwana engucwhepheshe emasikweni nesikompilo lethu, waba ngumeluleki ongaqashiwe ngesidumo. Ngakhoke kwaba nguMama nami esasebenza ndawonye esithombeni sengqayi.
Nginokubonga kuMama wami ngezinto eziningi. Wangakhela isisekelo sokholo lwami. Wangitholela wangongela amathuba okufunda kwami. Wangifakela ugqozi ngomuzwa wobuhlanga bami. Wanginika isibonelo somuntu wesifazane onamandla nonesibindi. Kodwa ukubonga kwami ngaphezu kwakho konke okunye kukodwa; yindlela aphatha ngayo umkami Indlunkulu uMaMzila waKwaPhindangene, eyintombazane ezalelwe phakathi edolobheni engazi lutho ngokufuthwa yintuthu yezinkuni zasemakhaya, emfundisa ukuthi kufanele aziphathe kanjani kulesi simo esisha kuye engasazi.
Indlunkulu uMaMzila wayengunesi osaqhuba izifundo zakhe ehlala enkabeni yedolobha laseGoli. Kwathi lapho sishada ngonyaka we-1952, kwafuneka ukuba enze uguquko ukusuka empilweni yasesilungwini, ukuba yiNdlunkulu yeNkosi yasesijwini samakhaya KwaZulu. Kwaba nguMntwana uMama owathambisa leso simo wasenza saba ngesejwayelekile. Bezwana ngendlela eyayisimanga esingachazeki, uMama wayehlala ebonga njalo futhi emnene kumalokazana wakhe. Kukho lokhu, futhi, uMama wagoba umuthi owagobeka.
Ngiyadumala kulo mcimbi ukuthi empeleni umkami akakwazanga ukuhlanganyela nathi, ngoba engasakwazi ukuhamba ngokukhululeka ngoba uyaye ngesinye isikhathi asebenzise iwalker okumenza angakukhuthaleli ukuhamba nami njalo.
UMntwana uMagogo kaDinuzulu wayeyinkosikazi enobuhlakani obehlukile. Kwathi ukukhothama ngonyaka we-1984, Inkulumo ngomlando wempilo yakhe yashicilelwa nguDkt Rycroft ephephandabeni “The Times of London”. Yingoba wayesechithe naye isikhathi eside benenkulumompendulwano. Nginokuziqhenya ngokuhlwa kwanamhlanje ukukhuluma ngobugugu boMntwana Omkhulu njengoba sethula iPrincess Magogo International Music Symposium. Ngethemba ukuthi lo mcimbi uyakudlondlobala, ekuhlonipheni labo abagqamisa beqhakambisa igugu lamasiko akithi obala. Bafanelwe ihlombe lethu sonke.
Ngithanda ukubonga uMnu uMbuso Khoza, emqondweni wakhe okuhlume umcabango wokubamba le nhlanhlathela yomculo. Ngibonga uMhlonishwa woMnyango Wezobuciko kanye Namasiko kulesi sifundazwe, uMhlonishwa uNkk uBongiwe uMaSithole Moloi. Ngiyaqhubeka ngibonga izakhamuzi zalesi sifundazwe sakithi ezimqoka ngothi lwazo azenze iminikelo kule simpoziyami. Ngibonga uMnu u-Edmund Mhlongo Umqondisi weKCAP. Ngibonga uMnu uNhlanhla Mtaka we-Ingabadi Media Group. Ngibonga uDkt uDonda. Ngifisa ukubonga bonke abalingisi, okuxube oMnu uMbuso Khoza. Ngengeza namagama oNks uTu Nokwe, uMnu uThemba Mkhize, kanye nabeKZN Heritage Ensemble.
Ngifisa nokubonga, uNkk uMaggie Laganparsad wasePlayhouse Studio, ngendlela ahlele ngayo izithombe ezibonisa ngempilo yoMntwana uMagogo kaDinuzulu.
Ngiyathokoza.