Amasonto namahholo ayelekelela emfundweni yaboHlanga


Kwakunezikole nezakhiwo ezimbalwa eNingizimu Afrika ezabamba iqhaza zihlinzeka ngemvume yokufunda kuzona aboHlanga, abadala, ababesebenza ebusuku, ababengabafundi ababengalitholanga ithuba lokubhalisela ukufunda ezikoleni emini. Kwakunababezoqedela imfundo, kwakunababezoqala imfundo yabo kugcine ebangeni leshumi nambili. Kwaze kwafika emabangeni athe thuthu ngaphambi kokuba kube noHulumeni wedemokhrasi.
Kwakufundisa othisha ababehlukahlukene ngokwamazinga, ababefundisa emini abafundi ababesebancane basezikoleni ezazehlukahlukene. Baningi aboHlanga abazuza ngokufunda kanjalo kuze kube manje. Kanti futhi kuningi okuhle asebakwenza nasebakwengeza yize babefunda ebusuku. Abanye baphumelela babangabahlonishwa ezintweni ezahlukene, babayizincithabuchopho nokunye ngokufunda ebusuku, bevela kosebenza ezindaweni ezazehlukahlukene. Bayabalula uGG Massdorp no ASB Humphreys emakhasini okungelama-98 kuya lwele-101, asebhukwini labo iFrom Shantytown to Township: An Economic Study of African Poverty and Rehousing in a South African City. Baveza kwelama-98, imephu ababeyidwebile enezikole ezazikade zingama-26 KwaMashu.
Kwezemfundo benaba ngokuthi kwakunezikole ezaziyisishiyagalolunye okwakuthiwa amaNight School, okwakufundwa ebusuku aboHlanga ababebadala. Zaziyisikhombisa izikole eMlaza. Sasisinye isikole KwaMashu naseLamontville sasisinye. Kafushane eMlaza yize ziningi izikole, singabalula isikole i-Ogwini Comprehensive High School kwa-P, okwakufundwa ebusuku. Singasesontweni emaRomeni, ngakubo kwaBongani Thomas Miya, kwaThemba Sydney kaMakhasi Ngcobo. Isikole esaziwa ngemiphumela emihle yebanga leshumi nambili.
Abadala ababefunda ebusuku esikoleni KwaMashu, esingakubo kaBaba noThami Ntuli, kwaVincent Khoza, esasibizwa ngeThandukwazi Higher Primary School, idume ngeHP2 kwa-F, manje sekuyiThandukwazi Senior Primary School. Abafundi basebusuku eThandukwazi babethuthwa ngamabhasi akwa-Public Utility Transport Corporation, uPutco ukuya ezindlini. Njengamanje kukhanya ebusuku e-Isibonelo High School ngoba kufunda abafundi bakamatikuletsheni.
Kanti eLamontville kwakunesikole okwakufundwa ebusuku, iBantu Vukani Senior Primary School, okwakuyiBantu Vukani Higher Primary School, eyayidume ngeBV, ngakwaMnu uMandlenkosi Sydney ‘Sdaks’ Radebe. Kwaqhutshekwa eLamontville kwafundelwa esikoleni iPhindangene Primary School, eNtuthukweni Primary School. Kwafundwa ebusuku esikoleni iSondelani Primary School, yaselokishini iNtuzuma. Isikole esingakubo kaMapapa Mkhize, ngakwaMnu, uSthembiso ‘uKamu” Magwaza. Kwakufundisa uthisha uThemba Mlawu waKwaMashu kwa-G, owayefundisa eMzuvele High School emini, izifundo zomnotho. Amabhasi kaPutco aqhubeka nokuthutha ababefunda ebusuku eSondelani.
Babe bonakala ababesuka emalokishini nasezindaweni ezehlukahlukene beyofunda ngasese ebusuku emadolobheni, ikakhulukazi esikhungweni esasiyihholo noma esasiyisakhiwo sesonto i-Emmanuel Cathedral, eThekwini. Ababengabafundi wawubezwa bethi “hheyi mngani, ngifunda ebusuku eCathedral ukuqedela izifundo zami.”
Lesi sakhiwo saqala ukusibona sesakhiwa kabusha kusukela ngowezi-2012. Saqanjwa kabusha ngoDenis Hurley owayenguSobaba, kwathiwa iDenis Hurley Centre, emgwaqweni uDenis Hurley (Queen Street) eThekwini. IDenis Hurley Centre ingumakhelwane weJuma Musjid okuyiMosque yabenkolo i-Islam. ICathedral yaba indawo yokuphephela, yokuthola usizo kwabantu abahlukahlukene ngezindlela eziningi.
Kwabe sekwengezwa eDenis Hurley ngezinsiza eziningi zokusiza umphakathi, njengeklinikhi yezempilo ebizwa Usizo Lwethu Afrisun Clinic. Kwelashwa izifo ezilula njengomkhuhlane. Abaningi bayibiza ngeklinikhi yaseCathedral. KunoMnu uZamani Maphumulo, waseMlaza, umdayisi osemncane nozimele, odayisa eCathedral ngasemihubheni uMadressa Arcade no-Ajmeri Arcade. BangabaseMzinto kweseNkosi uDlamini, eHlokozi, baphuza umfula uMfulamkhulu. UZamani ubamba iqhaza, ngokupha abantu okuncane mahhala okuya emlonyeni besalindele emigqeni ukuthola okuya ngasethunjini eDenis Hurley Centre.
Kwakufiwa inhlonipho, wubukhali bengqondo eyayingakhathali yabafundi ababebadala, ababengabazali nababeyazi into ababeyizele ezikoleni. Babebazisa othisha ababebancane ngeminyaka yokuzalwa. Hhayi le nto esesiyibona kubafundi abasha abanobusakabuli. Okudalwa yithina abazali ngokwesaba izingane esizizeleyo, ngokukhuluma amanga njalo. Ngokungaxwayisi izingane ngobungozi bokugxila kakhulu komaselulafoni kuze kweqe kakhulu, kungazuzisi emfundweni, bese kukhathala ingqondo besebancane. Ingakho ingemihle imiphumela yabafundi. Kodwa kuzolunga. Ithunga liyogcwala ngomphehlu. Imiqondo yabanye abadala, abazali isikhathala kalula, bethi abasakwazi ukufunda imisho enamagama angama-250. Besezibonela nezingane zethu ukukhathala, phambilini okwakungenzeki.
Njengamanje ukufunda ebusuku sekwabizwa nge-Adult Basic Education and Training, Abet emva kowe-1996, phambilini kwakubizwa nge-Adult Education. Izinkampani ezahlukene ezweni zagcina seziqasha othisha ababezofundisa izisebenzi, sekufundwa u-Abet, emagcekeni. Isakhumbuleka eyakwaNampak Tissue, eMobeni nezinye ezazinezifundo zezilimi zaboHlanga, ezazifundwa ngezinye izinhlanga ngowe-1992.
Ngesishozi aboHlanga babangamagwala, bazingabaza, bazenyeza, besaba, sesaba ukuqhakambisa izilimi zethu zebele ngendlela. Ngabe sikhuluma ukuthi izilimi zethu ziwumnotho njengaseChina, eJapan, eGermany, ukubala ambalwa.