Now Reading
Bathwele kanzima ngebhuloho eMahlabathini
Dark Light

Bathwele kanzima ngebhuloho eMahlabathini

UFUNA izimpendulo kuMasipala wasoLundi naseMnyangweni Wezokuthutha KwaZulu-Natal umphakathi waseDlebe, eMahlabathini mayelana nezinhlelo zokulungiswa kwebhuloho lezimoto osekuyophela unyaka laguguleka ngezikhukhula zangoZibandlela wezi-2016.

Leli bhuloho lisemgwaqeni omkhulu osuka eDlebe uya eMhlahlane uze uyophumela eStetema. Ngaphambi kokuguguleka kwaleli bhuloho impilo yomphakathi ibilula uma uya kwaCeza, kwaMabeka naseNsukazi. Umphakathi ukhala ngokuthi kusukela ngonyaka owedlule laguguleka, kwenza isimo sokuphila singabi sihle ngoba kuyabaphoqa ukuthi basebenzise imigwaqo ejikelezayo, bayohamba ngaseMadanyini nangaseZikoleni.

Into eyinkinga kakhulu ngalokhu kujikeleza ukuthi umphakathi waseDlebe uma unezimo eziphuthumayo okufana nokubizwa kwama-ambulense ukuba azothatha umuntu ozithwele eseteta noma kukhona abalimele, usizo lufika emva kwesikhathi, balinde kuze konakale nobekungeke kube kubi ngaleyo ndlela nokuthi uma beya emsebenzini kumele bajikeleze okugcina kubafikise emuva kwesikhathi kumosheke nophethroli. Naso isimo somgwaqo lo osetshenziswayo umphakathi uthi asisihle neze.

ElaboHlanga lithintwe umphakathi okhathazekile ngalesi simo. Omunye okukhulunywe naye wacela ukuba igama lakhe ligodlwe ngoba esabela ukuphepha kwakhe uthe, “Sekunesikhathi eside leli bhuloho laguguleka emuva kwemvula. Silubikile udaba ekhanseleni lendawo kodwa akukho esikubona kwenzeka. Uyaphela manje unyaka kodwa lutho izimpendulo eziqondile mayelana nokulungiswa kwalo. Sizwe ngandlebenye ukuthi lo mgwaqo ungaphansi koMnyango Wezokuthutha, yibo okumele balilungise. Ngisola nendlela ikhansela elisebenza ngayo, alifuni ukulalela izikhalo zomphakathi alisisizi ngalutho.”

Elinye ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa nalo likhale ngeMeya kaMasipala wasoLundi uMnu uWilson Ntshangase ngokuthi uyazazi izikhalo zawo ngaleli bhuloho futhi sebeke bayikela ngazo kodwa ayenzi lutho. “IMeya ihlale ihamba kule ndawo iyisakhamuzi sendawo kungani ingakuboni ukubaluleka kokuthi kulungiswe leli bhuloho. Sekungaze kuphele unyaka kungekho mnyakazo. Sikhathele manje sesihlonipha uMtwana wakwaPhindangene kufanele ngabe kade sangena emgwaqeni samasha ngoba sekungaphezu kwethu manje.” Kuzikhalela ilungu lomphakathi.

Okunye okuvezwe umphakathi ukuthi iMeya ayiyinakile indawo yaseDlebe njengoba okwebhuloho sekwenze izinto zazimbi kakhulu. ElaboHlanga lixhumane nekhansela lakuWadi 6 uMnu uBonginkosi Mncube le ndawo engaphansi kwakhe ovumile ukuthi lolu daba lwebhuloho lukhona. “Sekukaningi ngibika, ngiqale ngabika eHhovisi lezokuThutha Olundi ngedlulela kwelesiFunda sengibuya ngisho esifundazweni lutho ukusizakala. Lo mgwaqo njengoba ungunombolo P701 ungaphansi kwesifundazwe. Basethembisa ukuthi lizolungiswa zingakapheli izinyanga ezintathu kodwa kuze kube manje akukho okwenziwe ngalo. Mayelana nalabo abakhala ngokuthi angisebenzi ngendlela kule wadi ngithi labo ‘bayangihlanyela’ bakhuluma into engekho ngoba abezi emihlanganweni yomphakathi. Ngiyibiza inyanga nenyanga, kumanje ngibizwe abantu abasha eMlovu kulowo mhlangano.” Kuphetha ukhansela uMncube.

Iphendula ezinsolweni ezibhekiswe kuyo iMeya yoMkhandlu wasoLundi uMnu uWilson Ntshangase uvumile ukuthi iyalwazi lolu daba yagxeka uMnyango Wezokuthutha esifundazweni ngokuya emphakathini ufike ubethembise into engekho uhambe ungabe usabuya ukuyofeza izethembiso. UNtshangase naye uphinde wakugcizelela waqinisekisa ukuthi lo mgwaqo ungaphansi koMnyango Wezokuthutha okuchaza ukuthi yiwona okumele ulungise ibhuloho.

See Also

Ephawula mayelana nesikhalo somphakathi othi indawo yaseDlebe ayinakiwe uthe kungamanga lokho ngoba baqeda ukuhambisa isikhungo esinazo zonke izidingo zomphakathi esidle izigidi ezi-R5 kule ndawo ezothuthukisa abantu abasha. “Ngeke ngihambe ngiphendula amawunguwungu eniwezwa ngabantu abangomanalaphosikutshele,” kuphetha iMeya uNtshangase.

Okhulumela uMnyango Wezokuthutha KwaZulu Natal uMnu uKwanele Ncalane ukuqinisekisile ukuthi lo mgwaqo owuP701 ungaphansi kwawo uMnyango. “Udaba lokulungiswa kwalo mgwaqo lukhona ezinhlelweni zoMnyango ngoba kumanje kusaqedelwa ukulungiswa uP700 umgwaqo osuka Olundi uya eMpangeni ozophothulwa kulo nyaka wezimali. Kuzothi uma kuqala lo ozayo bese kuqalwa lona obandakanya leli bhuloho okukhulunywa ngalo.

Uqhube ngokuthi uMphathiswa uMnu uMxolisi Kaunda kade ehambele isifunda saseZululand eyohlangana naMakhosi nezinduna ukuyozama ukubheka izinto ezithinta intuthuko emphakathini kanye nakho ukubhekwa kwesimo sawo lo mgwaqo okukhulunywa ngawo.” kubeka uNcalane.

Scroll To Top