Sebekhale kuMphathiswa abaseNdumeni ngezindlu


ITHEMBA lokwakhelwa izindlu owawuthenjiswe zona umphakathi waseDlamini Village kuWard 4 ngaphansi kukaMasipala waseNdumeni selishabalele njengoba sekuphele iminyaka emithathu uhleli nezinombolo zezindlu owabanjiswa zona, kodwa izindlu azibonwa.
Lo mphakathi wasuswa ezindlini owawuhlala kuzo wayofakwa kolindela kwathiwa uhlelo lokwakhiwa kwezindlu luzoqala kodwa kuze kube namhlanje abaphethe ezezindlu kuMasipala iNdumeni babika imbiba babike ibuzi. Zintathu izinhlelo zezindlu umphakathi okhala ngazo okuyiDlamini Village, iBuffer Street neForest Sate.
Ngeledlule umphakathi wakuWard 6 eCraigside uvale umgwaqo omkhulu ohlanganisa iDundee, Vryheid neNquthu ukhala ngezindlu. Umgqugquzeli wenhlangano yabahlali iNdumeni Civic Organisation uMnu uMzwakhe Sithebe utshele elaboHlanga ukuthi kumele engabe ukwakhiwa kwezindlu kudala kwaphothulwa kodwa kulokhu kuhlehliswa ngaphandle kwezizathu. Uthi okwenze abantu bathukuthela bavala umgwaqo ukunengeka kokungazi okwenzekayo. “Ngisho nangoMsombuluko esiphuma kuwo abantu bamashele emahhovisi kaMasipala iNdumeni beyofuna izimpendulo ngezindlu”.
Ukuvalwa komgwaqo bekungaqali ukwenzeka njengoba ngoNhlolanja umphakathi waseForest Estate wavala umgwaqo ohlanganisa iDundee noMsinga nawo ufuna izimpendulo kuMasipala.
Okwenzeka emphakathini waseBuffer Street kwehlukile ngoba khona izindlu zakhiwa kodwa umphakathi ukhala ngokuthi abantu bafakwa ngetiye. Abantu ababethenjiswe ukuthi bazothola izindlu kuqala ngabaseMzomusha okuyindawo eyimijondolo nezindlu zodaka.
“Umasipala awukwazi ukubhekelela ukuletha intuthuko kubantu. Njengoba ubona kunemibhikisho nje, yingoba abantu bayizwa ngendaba intuthuko okugcina nangokuthi kwande ubugebengu,” kubeka uSithebe.
Uthe imibhikisho isazoqhubeka uma uMasipala engahlangabezani nezidingo zabantu.
Izindlu ezingolindela okuhlala kuzo umphakathi seziqala nokudilika. Abahlali sebebhalele uMphathiswa Wezokuhlaliswa Kwabantu esifundazweni uMnu uRavi Pillay ukhala ngendlela uMasipala waseNdumeni owenza ngayo izinto.
ElaboHlanga linayo ikhophi yencwadi lapho umphakathi ubeka kuPillay zonke izikhalo zawo kusuka ngowezi-2015 lapho iMeya uMnu uSiboniso Mbatha nowayebambe njengeMeneja bazibophezela ekutheni bazosiza umphakathi.
UNkk uJulie Thaver Womnyango Wezokuhlaliswa Komphakathi empendulweni yakhe ayithumelele umphakathi uthe uMphathiswa uzibophezele ekubambisaneni nabo. ElaboHlanga lithole ukuthi emuva kokuba umphakathi uthumele incwadi ehhovisi likaMphathiswa kube khona umhlangano ababe nawo emahhovisi kaMasipala eDundee lapho kube khona nokuvumelana kwezinye zezinto mayelana nezinhlelo zezindlu.