Limelwe ukuphila ledlule izizukulwane ibhizinisi
UDhlomo ungungoti wezamabhizinisi nombhali wamabhuku ehlukene ngokwakhiwa nokuphathwa kwamabhizinisi
Indaba enkulu akusikho nje ukubhalisa ngokomthetho noma ukusungula ibhizinisi, kodwa isekusebenzeni kwalo laziwe liphile ledlule umsunguli walo ngokweminyaka. Akusiwo nje umdlalo odlalwa ngumuntu ngoba esaphila, iphele ngokubuyela kwakhe koyisemkhulu. Uma ngicabanga umsunguli wesiphuzo esithile esidumile, esasingesinye ezibalulekile eminyakeni yokhokho bethu, kuyangikhanyela ukuthi nomsunguli waso akasekho emhlabeni, kodwa sona siyaqhubeka siyaphila futhi sisaphuzwa njengesiphuzo esisha.
Uma kuqala unyaka yisikhathi esihle kusomabhizinisi ukuba abheke kabusha ikusasa lebhizinisi lakhe bese ezihlela ngendlela evumelana nesikhathi akuso nesizayo.
Kujwayelekile ukuba sibone imibhalo echaza izinto ezibulala amabhizinisi. Kulesi sikhathi sokuqala konyaka ngithanda sike sibuke enye yezinto ephilisa ikhulise amabhizinisi agcine ephila izizukulwane ngezizukulwane.
Kunamabhizinisi asephile iminyaka engaphezu kwekhulu, kodwa nanamuhla asengamabhizinisi ahamba phambili futhi angagugi. Ngamanye amazwi ibhizinisi linakho ukuthi liphile ledlule izizukulwane zabasunguli balo. Yini leyo eyenza ibhizinisi liphile ledlule iminyaka yomsunguli walo? Leli elakho liyophila yini uma sewungasekho wena njengomsunguli walo? Kubiza ukuhlela nokuzihlela, kanye nokucabanga wedlule kuwe wedwa kodwa ulicabange ibhizinisi njengento ephilayo. Umuntu uphila ngokuxilongwa ukuthi impilo isekhona noma seyidinga ukwesekelwa yini. Linjalo nebhizinisi. Ukuze ibhizinisi libalwe naphumelelayo kumele libe nesisekelo esiqinile esizokwenza lowo nalowo msebenzi azibone enomsebenzi omkhulu wokukhulisa ibhizinisi, futhi alibone lisemqoka iqhaza alibambile.
Ungifikele lo mcabango ngibona abasebenzi besemakhaya abanye besemaholidini ukuze baphumule babuyele emsebenzini benamandla avuselelekile. Ngicabanga ngijula ngalesimo, kungifikele ukuthi iningi labasebenzi liyoqala lapho ligcine khona kuvalwa ngoZibandlela, liqhubeke njengoba belisebenza ngenkathi kuvalwa. Bambalwa abaqashi abazozinika ithuba lokuhlangana nabasebenzi babanekele umqondo inkampani ephezu kwawo kulonyaka omusha. Iningi labasebenzi liqhuba usuku, liqhuba unyaka uphele lisebenza ngendlela efanayo unyaka nonyaka likhipha imiphumela efanayo. Ukuqala konyaka omusha kuhle kuhambisane nemigomo emisha.
Kuhle ukusebenza ngendlela efanayo unyaka nonyaka uma kuletha imiphumela emihle eletha inzuzo enkampanini, kodwa akuyibeki esimweni sokukhula inkampani uma kungabuyekezwa izindlela zokusebenza. Kuyadinga ukuba emva kwesikhathi okungenani esingangonyaka umqashi noma umsunguli wenkampani azinike isikhathi sokubhekisisa ibhizinisi lakhe, ahlolisise ukuthi lisenezisekelo eziqinile yini kulesikhathi somnotho oguquka usuku nosuku. Uma kunezimeneja emikhakheni eyahlukene enkampanini kumele zichaze amasu amasha ezizimisele ukuwasebenzisa onyakeni omusha, ukuze ikhule inkampani. Kumele umnikazi-bhizinisi azinike isikhathi sokubuyekeza umkhiqizo wakhe, ezwe nangabathile ukuthi yiziphi izimo ezilawula ukuphuma komkhiqizo nokwamukeleka kwawo. Okukhulu kunakho konke kumele ahlolisise izindawo angakhulisa kuzo ibhizinisi lakhe lingene kwelinye izinga ngaphandle kwezinkinga. Eminye yemibono ephusile ingaqhamuka ngakubona qobo abasebenzi, bakujabulele ukuthi imibono yabo ithathwa njengebalulekile. Noma angayithola imibono kulabo asebenza nabo, akulisusi ijoka phezu komsunguli nomnikazi wenkampani lokuthi ukuwa nokuvuka kwebhizinisi lakhe kulele kuye.
Isikhathi esinjengalesi sokubheka kabusha ukusebenza kwebhizinisi izinkampani zisibiza ngethuba lokwenza iStrategy esizokhulisa ibhizinisi. Iningi lezinkampani ezikhulayo nezinkulu zikhetha ungoti kulo msebenzi ukuba ahole izingxoxo zokubuka kabusha inqubomgomo yenkampani. Imibono iphuma kalula uma umqashi engazibuzeli yena imibuzo kodwa kungungoti othize olekelela ukutholwa kwamasu azokhulisa ibhizinisi. Kuyaye kusize ngokuthi noma umnikazibhizinisi ecabanga ukwenza izinguquko ziyaye zesekelwe wukuxoxisana esingakubiza ngohlelomgomo lokusebenza kwenkampani. Ziningi izinto ezenzekayo ziguqule inkundla okwasungulelwa kuyo ibhizinisi, bese kuphoqa kuthi nebhizinisi liguqule indlela yokusebenza. Lokhu akwehlukile ukulungisa imoto isemgwaqweni.
Uma lungekho uhlelo olufuze lolu lokubheka kabusha ukusebenza kwenkampani, yinkulu ingozi yokuthi abasebenzi baqhubeke lapho begcine khona, abanye bedukuza emswanini, benza lokho abakucabangayo, kodwa bengenaso isithombe sokuthi abakwenzayo kumele kwenze muphi umehluko ebhizinisini futhi kuzokuba namthelela muni empilweni yabo njengabasebenzi.
Kunezinto ezibalulekile ezingenza ibhizinisi lichume likhule, kodwa abasebenzi abakaze bathole ithuba lokwazi ukuthi abanikazi benkampani bacabangani. Kuyamsiza umsebenzi ukuba akhunjuzwe imigomo yenkampani ukuze azibone ukuthi usahamba kuyo yini. Ingozi angabhekana nayo umnikazibhizinisi ongabuyekezi indlela yokusebenza angazithola ethengisa umkhiqizo abangasawudingi abantu, ligcine liwile ibhizinisi. Angazithola egcine abasebenzi ebaholela bebe bengasafanele ukuba emsebenzini abangenabuchwepheshe bawo.
Uma sicabanga ngezinhlobo zamabhizinisi, singacabanga inselelo ababhekana nayo abanikazi benkampani kamentshisi ngenkathi kwanda ukusebenzisa ugesi. Ezinye izinguquko ezenzeka emhlabeni zenzeka ngenyanga eyodwa ziphoqe inkampani ukuba ibuyekeze indlela yokusebenza ngokushesha. Uma-ke sikhuluma ngesikhathi esingangonyaka, sikhuluma ngesikhathi eside kakhulu, okufanele kube nethuba kuhlalwe phansi kubhekisiswe lapho kudingeka kubuyekezwe khona ukwenziwa komsebenzi.