Kwahlukana inhloko nesixhanti ozalweni lwakwaNdosi


Ngenkathi uMagaye ebuya kwaQwabe, wayephethe izinkomo ezintathu nezimvu ezimbili. Wedlula eduze komuzi waseMfeni lapho kwakuhlala khona uMande. UMande wayehleli ethunzini esangweni lomuzi wakhe. Wahamba wayolala endlini ngaphambi kokufika kukaMagaye kodwa ibandla lasala lihlezi. UMagaye wafika ebandla elababaza ubuhle bakhe. Ngenkathi esuka kwaQwabe ekhabonina, uMagaye wayelulekwe ukuthi afike esizweni sakwaCele ngesinyenyela kodwa yena wancamela ukubamba inkunzi ngezimpondo ngokuphikelela eMfeni. Wafike wema ethunzini lapho kwakuhlala khona uMande. Kwathi uma uMande evuka ekucambalaleni wabikelwa ukuthi uMagaye wedlulile. Wabuza ukuthi: animlethanga ngani kimi na? Ibandla laphendula ngokuthi belingeke likwenze lokho ngoba uMagaye wayephethwe ngumkhuhlane. UMagaye wagcina efike kuyise emzini waseNyenyezini. Umuzi waseNyenyezini uDibandlela wayewakhe ngemuva kokwehlulwa nguMande nokuhlanyukwa yisizwe sakwaCele. Watshela uMande ukuthi nomuzi wasoNikela wayesemnika wona, yena wabe eseyozakhela umuzi waseNyenyezini. Kulapho-ke uMagaye afica khona uyise ebuya ekufihlweni esizweni sakwaQwabe. UMagaye wayempofu ngebala emude, ethunge isicoco ekhanda. Wayemuhle kakhulu enogazi.
Isigubudu somntungwa onzima! Ozosibona uzosibalekela; Utitima Mdlazi asilale phansi; Sikhulekel’ ingonyama. UVico kagezanga unyakamisile, Ukhuphuke nensila eTete (umfula endaweni osekuthiwa yiTete). Ubuye nensila emfuleni, uMadlamula kaNonyanda; Udladlamel’ iziga (imizi kaMande) noCayiso (umuzi kaMande). UNdosi umabukwa ngabavuki bokusa, uNdaba yaseNgudwini bamcoyisa; Bamthela ngezinyongo njengabayeni, Isithole sikaGcwathibe waseMkhithi Isilwane esishobalide, Esadl’ uMabuyasangeni (kudlalwa ngegama: umabi waseSengeni). Ithol’ elakhwela ngamandl’ eNgingakwa, Usicunga sakwallombedu, Esihl’ amazinyan’ amasakabuli.
UMgungub’ ufana-nolwandle, Kuze kus’ ulwandle lugubelana. Indos’ ebonwe ngabavuki bokusa, Yabonwa uMnyathi kaSiza oSwanini. Imbabal’e shaya abantu ngomoya (ethethisa). USihlwathika singahamha ngendlela, Koba konakele, uMaswezisel’ uMande ngesibumbu, Kwaze kwas’ umthond’ uqaqamba, uSigubh’ esiMntunga lo-nzima (onzima), Ongasaziyo angasibalekela. Isigubudu soMntungw’ onzima, Ozosibona uzosibalekela, Uthi thina Mdlazi (umuzi wakhe) asilale phansi, Sikhulekel’ ingonyama. uMadlamela kallonyanda, Odladlamel’ izingci nochayisa (isilwane esifana nenja esinukayo).
UNdosi! uMabukwa ngabavuki hokusa. Indab’ egudwini bayicoyisa (lapha kubhenywa khona), Bayifak’ izinyongo njengabayeni. Okhab’ ivuso umntakaDibandlela, Izinkomo zabaleka; Abantu babaleka; Abantu babaleka bamlandela; Inkos’ eyayikhaba eyayichubusha (yayicubuza yam ngumcaba). Uteku lwabafazi, Betekula behl’ eNgomezulu (intaba), Bethi’ uVico kasayikubusa kasayikuba nkosi, uVic’ omuhle_wakoNozigeje, Omaha? azizinge ngath’ abekiwe. Ugway’ obomvu wasenhlazeni (indawo ecatshiwe lapha kulinywa khona ugwayi). Engimbheme qede wangizulisa; Wadl’ uSowini nendodakazi, Wad’ uMxokozeli waseMnyembezini, Wadl’ uMnyathi kaSizwa oSwanini, Wadl’ uManyande obezalwa nguSoboyi.se.
Igatsha lensangu emaHlazayiya, Izinkoyotsha zayilabalabela (abathanda insangu, zayihahela). Ohas’ amakloloba asakhangelene. Ebesiyosiswa kuNgcombi, WaseManhlokweni, Owahla ngoMbiza, wehla ngoHlongwa, Wehla ngoNgudwini Kwathi abafazi abanezisu bapuluza (phunza), Imhlan’ emihle, Ngeyamadoda kayi ngeyabafazi, Eyabafuze ibeleth’ abantwana. Umuthi osiyenge osentabeni; Wad!’ uGweqe ekufeni kukaNqasha, Wadl’ uMabi waseNgeni, Wadl’ uZincawuncawu eNgeni. Igatsha yensangu emahlazayiya, Izinkoyosha (abathandi bensangu) ziyoyabayabeya (fisa), Obasamakloba asaka ngeyene.
Inkomo eya ikhaba, eya icubusha, Uteku lwabafazi betekula, Behlez’ eNgomezulu (intatshana), Beth’ u Vico kasayi kuba nkosi uVico omuhle wakwaNozigeje, Amabala azingi angath’ abekiwe, uMaswezisela wakwaNozigeje, Uswezisel’ uMande ngesibumbu. Kwaze kwasa umthond’ uqanqatheka, Ugwaye obomvu wasenhlazeni, Engimbone qede wangizuswisa. Udl’ uMabi waseNgeni, Wadl’ uMxokozeli waseMnyembezini, Samudl’ uMncandi kaNdwendwe eMnyembezini, Wadl’ uMangamande obezalwa uSoboyise, Wadl’ uMnyathi kaSizwa soSwanini.
INkosi uDibandlela yabikela isizwe sakwaCele ukuthi: “nansi inkosi yenu isifikile. Abantu baseMfeni kuzodingeka baqhwage ubukhosi ngezikhali. Uma benehlula ngezikhali bazobuthatha ubukhosi kini.” UMagaye wayempofu emude ethunge isicoco. Kwathi-ke esebekiwe njengenkosi nguyise uMagaye waphikelela ehlathini ukuze abone ukuthi impi eyayingakuye yayingakanani. Wathola ukuthi wayesekelwa yimizi emithathu: eMgwazi, oNikela nasoLwasi okwakuhlala kuwo uMpolazi kaDibandlela. UMande ezwa ukuthi uMagaye wasebekwe waba yinkosi waqala ukumhlasela. Impi kaMagaye yadudulwa. UDibandlela wabiza amakhosi amabili ayezibandakanye nomuzi kaMande waseMfeni. UDibandlela wabiza ibutho iNkungu kaJokazi kaDibandlela waphinde wabiza amaBola kaMziboneli kaDibandlela. Waqale wathumela kuJokazi noMziboneli ukuthi bafike kuye. Wababuza ukuthi wathini kubo uma ethi bangoyise bakaMagaye. Wase ebaphonsa umbuzo wokuthi babeqonde ukwenzani uma beshiya umuzi wasoNikela bayozimbandakanya nontanga yabo na? Wathi wena Jokazi womuzi wami omkhulu iNkungu uMagaye ngamnika wena. Kusho ukuthini ukuziphatha kwakho na? Bezwa lokhu oMziboneli noJokazi bamhlonipha uyise babuya. Ngenkathi impi kaMagaye yehlulwa ngekaMande abafana ababelusa izinkomo zasoNikela, oLwasini naseNgwazini, oKwefunga Cele nabanye, bagawula izinduku bazicija bazenza izimboko bayidudula impi kaMande bathumba izinkomo zemizi kaMande iZigqi nasoCayisweni baziletha kuMagaye. Kwathi uma uMagaye ebuza ukuthi ngobani laba ababedle umhlanganiso empini yakhe watshelwa ukuthi kwakungabafana abase bekhulile beSokamlilo. UMagaye wathi akulethwe izithole zanikezwa abafana beSokamlilo ukuthi bayokwakha umuzi wabo owaqanjwa ngokuthi kuseSokeni. Inkosikazi enkulu yaseSokeni kwakunguMasongcase owazala uMelaphi kaKwefunga kaMagaye. Ngemuva kwalokho uMziboneli noJokazi babuyela kuMagaye isimo sashuba kakhulu phakathi kukaMande noMagaye. Saqhubeka isimo sishubile iminyaka eminingi kodwa uMande wagcina ehluliwe uMagaye ebe yinkosi yesizwe sakwaCele.
Ngenkathi uMagaye elwa noMande umfowabo kubangwa isikhundla sobukhosi, iNgonyama uShaka yayingakasinqobi isizwe sakwaQwabe esasibuswa nguPhakathwayo. Nokho yagcina isinqobile. Ngaleso sikhathi yonke indawo eyayisuka eThekwini ize iyofika oThukela yayingaphansi kukaMagaye kaDibandlela Cele kwazise abakwaLuthuli ababakhe ngaseBluff nabo bagcina bekhonze kuye uMagaye Cele. INgonyama uShaka seyisinqobile isizwe sakwaQwabe ngaphansi kukaPhakathwayo, yathumela indoda eyayiphelekezelwa ngenye kwazise izithunywa zaziba mbili, kuwo wonke amakhosi ayeseningizimu yoThukela nombiko owawuthi iNgonyama uShaka iyeza. Le ndoda yaqala emzini waseMfeni yethula umbiko kaShaka kuMande. UMande washaya phansi ngesidunu somkhonto waphendula wathi: “ Wewu! Liza kithi lapha? INtungwana elincweda ngeqabunga lesithelo?” Izithunywa zaqhubekela entshonalanga zazisa amanye amakhosi. Zafika enkosini yakwaNdlovu uNzala kaMangcashi eyayibusa isizwe sakwaNdlovu. Ngemuva kwalokho izithunywa zaqhubekela kuMagaye Cele. UMagaye wabuza ukuthi amakhosi ayenzani ngaphesheya koThukela kwazise uShaka wayeza eningizimu yoThukela? Wabuza futhi ukuthi kwakwenzekeni esizweni sakwaQwabe ayehlala kuso? Isithunywa saphendula sathi uPhakathwayo wayethunjwe yiNgonyama uShaka sathi amabutho akhe ayengazange azame ukumvikela. Awazange ajikijele ngisho induku yodwa lena. Ezwa lokhu uMagaye wakhipha inkomo wathi mayihlatshelwe isithunywa seNgonyama uShaka. Sesiqedile ukubona wonke amakhosi eningizimu yoThukela isithunywa seSilo uShaka saphindela kwaBulawayo esigodlweni sikaShaka, sachaza konke okwakwenzeke enkosini ngenkosi lapho kuthulwa umbiko. Isithunywa sachaza impatho enhle esasiphathwe ngayo nguMagaye Cele nokuthi sasihlatshiswe ngisho inkomo. Ingonyama uShaka yathi uMagaye nguye owakithi obonile ukuthi isithunywa sasivela engonyameni. Isithunywa sabika ukuthi uMande Cele wayetheni.
– Lo mlando ucashunwe encwadini: Umlando Wamakhosi Esifundazweni saKwaZulu, Umqulu II. Uma ufisa ukutholale ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi Maphalala kule email: maphalalajs@vodamail.co.za; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.