Now Reading
Mude umlando wesizwe sakwaButhelezi kwaZulu
Dark Light

Mude umlando wesizwe sakwaButhelezi kwaZulu

Phungashe!

Mthwal’ uSolwalisa!

Mthwal’ usinda amadoda!

Wena kaMevana waseMcakwini!

Wen’ ongangenqe laseMbizankulu.

Nhlamvu kazimshayi!

Zishay’ abasemuva.

Nina bakaJokojo kaMgabhi!

Isizukulwane sikaBhahwana!

Isizukulwane sikaBunywana!

sakoCothamandla.

Isizukulwane sikaNdengezi ezimashumi!

uQhag’ elintamo ende!

Eliqhage lingathwele lutho.

uDumehlezi kaMbekwa.

Ogijimis’ ifana eliphezulu,

Umbokodwe yokugaya.

Eyagay’ abafazi bakoVumbuka.

Isizwe sakwaButhelezi esibuswa nguMntwana wakwaPhindangene, Inkosi  Mangosuthu Buthelezi, eMahlabathini, naleso esisebaQulusini, sinomlando omude embusweni wakwaZulu. UButhelezi wazala uNdaba, uNdaba wazala uShenge, uShenge wazala uNgwane, uNgwane wazala uPhungashe.

UPhungashe wayeyinkosi yesizwe sakwaButhelezi esasakhe eMcakwini, eBabanango. Kuthe ngesikhathi iNgonyama uShaka ihlanganisa izizwe zamaZulu, uPhungashe wanqotshwa isizwe sakwaButhelezi saba yingxenye yezizwe ezase ziyimbumba

ngaphansi kweNgonyama uShaka. Amanye amadodana kaNgwane ngoMpundulwana, uMvulane noShabeni. UMvulane wazala indlalifa yakhe uKhoboyela noNgqengelele ekhohlo. Indlalifa kaKhoboyela uKlwana:

UMjwaphun’ afune owazala uBantubensumo ozala uMshikila yen a azale uNkosiyenhliziyo. Ubukhosi besizwe sakwaButhelezi bawela endlini yaseKhohlo ezandleni zikaNgqengelele kaMvulane ngesikhathi sokubusa kweNgonyama uShaka. UNgqengelele othathwa njengoNdunankulu weSilo uShaka nguye owayekhulise abaNtwana beSilo uSenzangakholla unina okwakunguMthaniya kaZinge lwayo Sibiya. Ngakho-ke nguyena owaba yisifuba seNgonyama uShaka noma uNdunankulu wayo.

Nguyena owafika nomuthi wokuqeda izikelemu endlunkulu. Umehluko phakathi kukaNgqengelele kaMvulane noMdlaka kaNcidi Ntshangase owayakhe eNkandla engxenyeni yabakwaKhanyile abaziwa ngoLanga ukuthi uMdlaka wayeyinduna enkulu yempi yeLembe. Sizobuye sichaze kabanzi ngabesende likaNgqengelele ngemuva kokuchaza ngendlunkulu kaKhoboyela kaMvulane owazala inkosana yakhe uKlwana.

UKlwana wayengenye yezinduna ezinkulu zeziNgonyama uShaka noDingane. Walwa izimpi eziningi zalezi zingonyama. Wayekhona empini yasemaMpondweni eyayiphakwe yiNgonyama uShaka. Wayekhona empini yaseMaqonqo elwa ngaseNgonyameni uDingane.

Kwathi iNgonyama uDingane amabutho eseyibeke kwaNyawo, uKlwana kaKhoboyela wathatha enye ingxenye yawo waphikelela nayo emzini wakhe waseMpongompongweni lapho okwakusele khona ezinye izimpahla zeNgonyama uDingane. Kuthe ekubuyeni kwakhe eMpongompongweni kwatholakala ukuthi amaSwazi asebulele iNgonyama uDingane ngokuyiciba ngemikhonto.

Ubantubensumo kaKlwana

Ngemuva kokufa kukaKlwana kaKhoboyela, walandelwa yindlalifa yakhe uBantubensumo. UBantubensumo wayengenye yamakhosi asebaQulusini. Kodwa wonke amakhosi akuleyo ndawo kwakungamakhosi ngegama nje ngoba yonke indawo kusukela amaBhunu enze isivumelwano neNgilandi ngoMfumfu 1887, yabe isiyiNew Republic. Amakhosi ayehlala ezindaweni zamaBhunu futhi engavunyelwe ukuhlawulisa abantu nokuthetha amacala.

Isizathu esasibekwa ngamaBhunu amapulazi ngesokuthi babungekho ubulungiswa uma amakhosi evunyelwa ukuthetha amacala ngoba ayengakhiphi maresidi ngemuva kokuhlawulisa ababenamacala.

Kuthe uma kuqubuka impi yamaNgisi namaBhunu ngowe 1899-1902, amasotsha amaNgisi ahlasela yonke indawo yaseVryheid agcina eyifake ngaphansi kwawo ngo-1900. UBantubensumo ngaleso sikhathi wayakhe epulazini lika-JJ Vermaak.

UVermaak watshela iKhomishini ka-GA Mills ngowe-1902 ukuthi uBantubensumo waba lusizo olukhulu emaBhunwini ngokukhoselisa izinkomo zawo ngenkathi wona eyokulwa. Ukuba uBantubensumo wayengazange azikhoselise izinkomo zamaBhunu amasotsha amaNgisi ayezozidla ngoba yonke indawo yase-Vryheid yabe isilawulwa yiwo ngokwezempi kusukela ngowe-1900. Ngakho-ke ubudlelwano bukaBantubensumo namaBhunu babubuhle.

UBantubensumo wayephinde abe yinyanga eyayaziwa kakhulu. Ngesikhathi iNdlovukazi uNgqumbazi igula kakhulu kwaMinya, uMntwana uNdabuko eneSilo uDinuzulu eSt. Helena ekudingisweni, wabhala incwadi ukuthi kuyiwe kuBantubensumo lapho okwafikwe kwatholwa khona usizo.

Ungqengelele kamvulane

Uma sibuyela odabeni lukaNgqengelele kaMvulane kwathi ngenxa yohlonze lwakhe wanikezwa indawo enkulu yiNgonyama uShaka ayezokuba yiso layo kuyo. Leyo ndawo yayisuka eMahlabathini ize iyokwedlula eSimdlangentsha ePiet Retief,  ikapakele lapho sekuyisifundazwe khona saseMpumalanga kwazise isizwe sakwaMahlobo esisesifundazweni saseMpumalanga sasikade singaphansi kwendawo eyayinikezwe uNgqengelele njengezwe lakhe lesihlangu lokukhonza kwakhe kwaZulu. Ngakho-ke lapho sekuyisizwe sakwaZungu eMahlabathini kwakuyindawo yesizwe sakwaButhelezi okwathi ngesikhathi amaNgisi eklama iziqinti eziyi-13 enza kuyo isiqinti asinikeza uMfanawendlela Zungu.

See Also

Indawo eyaklanyelwa uMntwana uHhamu kaMpande ngemuva kwempi yaseSandlwana ngowe-1879, kwakungeyakwaButhelezi. Isiqinti esanikezwa uNtshingwayo kaMahole Khoza ngesikhathi kuklanywa iziqinti eziyi-13 ngamaNgisi eMphangisweni okumbandakanya oZweleni nakwaGuqu yayingaphansi kwesizwe sakwaButhelezi. Ngakho-ke abaQulusi babengaphansi kukaNgqengelele Buthelezi.

UMnyamana kaNgqengelele

Ukuklama iziqinti ezazixova umphakathi wamaZulu ngamaNgisi ngemuva kwempi yaseSandlwana ngowe-1879, yikhona okwenza ukuthi indlalifa kaNgqengelele, uMnyamana owayekade enguNdunankulu wezwe ngesikhathi iNgilandi ihlasela uMbuso wakwaZulu, angazihlanganisi nokuthatha isiqinti amaNgisi ayezama ukumnikeza sona ethi kungelunge umuntu owayebaluleke kangakho asale ngaphandle kokulawulwa yiwona amaNgisi.

UMnyamana wagcina esekela amashoshozela ayelwela ukuthi iNgonyama uCetshwayo ibuyiselwe esikhundleni sayo kwaZulu. Lawo mathimba ayephikelela kubabusi bamaNgisi ePhithamarizbheki ayeholwa ngabaNtwana baseNdlunkulu oNdabuko, Shingana nabanye kanye nezinye izikhulu zezwe kusukela ngowe-1881.

UNgqengelele waba nesandla ekusindiseni abantu ababebulawa ngemuva kokushona kweNkosikazi uNandi, unina weSilo uShaka. Kwabakhona abantu ababesetshenziswa yisandla esinoboya nababehamba bebheka ukuthi ngobani ababengakhali izinyembezi ekufeni kweNkosikazi uNandi. Laba bantu bathatha umthetho bawubeka ezandleni zabo kwazise iSilo uShaka sasisemanzini ngoba kusona unina wayeyizinto zonke. Ngisho izintelezi zempi zazihlala eMkhindini emzini kanina khona eNdlayangubo lapho ithuna likhona. Ngakho-ke izigilamkhuba zabulala abantu abaningi.

Yilokho uNgqengelele akukhuza kanye noGala kaNodade Biyela owayakhe eduze komfudlana iSilambowa owaya ngqo eNgonyameni eyokhuza umkhuba owawenziwa. ISilo uShaka samxoshisa ngezinkomo kwaphela ukubulawa kwabantu ngemizamo yakhe uGala noNgqengelele. UNgqengelele nguye owasungula indlela yokulwa mahlanze. Lokhu kwalandelwa yisisho sokuthi impi yadumelana mahlanze uma kuliwa.

Ukubulawa kweNgonyama uShaka kwaDukuza mhla zingama 24 kuMandulo 1828 ngokusetshenziswa kwabaNtwana oMhlangana, Mbopha noDingane yisandla esinoboya sedlanzana lamaNgisi elalinikezwe iziza eSibubulungu ngowe-1824, kwamphatha kabi uNgqengelele.

Yena noMntwana uMnkabayi kaJama, ubabekazi weSilo uShaka, benza uphenyo mayelana nokuthi phakathi kwalaba baNtwana abathathu ngubani owayemgwaze wafa uShaka. Bathola ukuthi ababegwaze iNgonyama uShaka bayijuqa ngemikhonto kwakungabantwana oMhlangana noMbopha.

UDingane noma naye wayekhona kubulawa iSilo kodwa yena akazange achithe gazi. Ngakho-ke uNgqengelele noMnkabayi banquma ukuthi uMhlangana okwakunguyena okwakufanele abe yiNgonyama ngemuva kokukhothama kweSilo uShaka kuhle abulawe noMbopha.

UMhlangana wabulawelwa emfudlaneni iMbekamuzi, eMahlabathini. Lokhu kwalandelwa yihlambo leSilo uShaka kwase kubekwa iNgonyama uDingane esihlalweni sobukhosi ngonyaka we-1830. UNgqengelele washona ngawo Iowa nyaka esemdala ezishonela nje ngokugula. Walandelwa yindlalifa yakhe uMnyamana eyayiyinceku eSigodlweni seSilo uDingane eMgungundlovu.

Isekela ukamasiphula kaMamba Ntshangase

Ekungeneni kwengonyama uMpande esikhundleni sobukhosi ngemuva kwempi yaseMaqonqo ngoMasingana 1840, uNdunankulu wezwe kwaba nguMasiphula kaMamba. UMnyamana kaNgqengelele waba yisekela lakhe futhi kunguyena owayephethe esibayeni esikhulu sebutho uThulwana okwakukulo abantwana abaningi beSilo uMpande kumbandakanya noCetshwayo. UQethuka Magwaza yena wayephethe ohlangothini oluncane loThulwana. Kuthe ekungeneni kukaCetshwayo kaMpande esihlalweni sobukhosi uMnyamana kaNgqengelele waba nguNdunankulu wezwe, emdala ngeminyaka eSilweni uCetshwayo simhlonipha njengoyise. UMnyamana wakha umuzi wakhe omkhulu eKushumayeleni entshonalanga yomfula iSikhwebezi.

ISilo uCetshwayo sangena esihlalweni sobukhosi amaNgisi efuna ukuwuketula uMbuso wakwaZulu. Umzamo wawo wokuqala wokubeka uMntwana uMbuyazi kaMpande esihlalweni sobukhosi wabhuntsha mhla zi-2 kuZibandlela 1856 empini kaMbuyazi eyayesekelwa nguCaptain Walmsely, oJohn Dunn nabanye abelungu.

UWalmsely nguyena owayemele iKoloni yamaNgisi aseNatali eqaphe umngcele phakathi kweNatali noMbuso wakwaZulu ookwakuthiwa yiBonds Drift oThukela.

Kuleyo mpi uMnyamana noNdunankulu uMasiphula kaMamba besekela uMntwana uCetshwayo. UMbuso wamaNgisi waqala phansi wenza amasu okuqumba phansi uMbuso wakwaZulu.

Empeleni ngenxa yokuthi uMpande wabe esemdala kakhulu ngemuva kwempi yaseNdondakusuka okwakudingeka kwenziwe esizweni kwase kwedluliswa kuCetshwayo ngenxa yokuba manzonzo kwesimo sokuqapha ukuhlasela kwamaNgisi ayefuna lonke izwe lamaZulu.

  • Lo mlando ucashunwe encwadini: Umlando Wamakhosi Esifundazweni saKwaZulu, Umqulu I. Uma ufisa ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi Maphalala kule email: maphalalajs@vodamail.co.za; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918
Scroll To Top