Amanye amadodana kaMbuzo nenzalo kaQwabe



USolwazi uMaphalala ungungoti womlando kaZulu nama-Afrika nombhali wamabhuku.
Umbuzo wazala uNtshingwayo, uNtshingwayo wazala uKlwana ozala uMuntumuni. Nayo le ndlu ingeyaseGazini
UMUNTUMUNI nabalandeli bakhe balwa namahutho kaMntwana uHhamu ayeyalwe ngamaNgisi ngowe-1881 nowe-1882 ukushaqa zonke izinkomo zesizwe sikaMnyamana Buthelezi ayethi zazisiswe yiSILO uCetshwayo kuye singakadingiswa kanye nazo zonke izinkomo okwakusolwa ukuthi zisiswe yiSILO uCetshwayo kwabanye abantu. Baba ngelinye ithimba elahlangana nabasoZweleni, kwaGuqu naseZembeni laya kuJ. Y. Gibson imantshi yakwaNongoma mhla zili-17 kuNcwaba ngowe-1892 ngemuva kokushona kukaMnyamana Buthelezi, beyogcizelela ukuthi indlalifa yakhe kwakunguTshanibezwe. Lokhu babekwenza ngoba babengaphansi kwendawo eyayingaphansi kwesizwe sakwaButhelezi. Undunankulu kaDinuzulu uMankulumana yena uthi wayehlala eZimfabeni eduze kwasoZweleni okwakungesinye sezigodlo zeSILO uCetshwayo.
NgokukaMankulumana izindawo zasoZweleni, kwaGuqu naseZembeni zaziyizindawo zeSILO uCetshwayo ezathathwa nguHulumeni wamaNgisi wazinikeza inzalo kaMnyamana owayengundunankulu kaCetshwayo. Uthi eZembeni kulapho kwakuhlala khona uLangazana owayengomunye wabafelokazi beSilo uSenzangakhona. Leyo ndawo nayo yanikezwa inzalo kaMnyamana kwathi ingxenye yayo yanikezwa uShibilika kaSibhukula Ndebele owabekwa ngowe-1894 wabayinkosi eMahlabathini. Ngaphambi kwalokho wayeliphoyisa nesithunywa semantshi yakwalNongoma.
UNdaba waphinde wazala uSithayi yena owazala uMbopha Thubelisa owayeyinceku yeSILO uShaka nowabamba iqhaza ekubulaweni kwayo kwaDukuza, ethengwe yisandla esinoboya sedlanzana lamaNgisi ayenikezwe indawo eSibubulungu. Wayakhe imizi yakhe eGumeni naseGumaneni eningizimu yomfula iNsuze ezansi kwasehlathini iKhombe eQhudeni eNkandla. Wayemude engaphezulu kwamafidi ayisithupha futhi eqatha. USithayi wazala noNkunga owayengumnawabo kaMbopha engomunye wamaqhawe amakhulu kwaZulu. UNkunga uzala uMlandu. Nguye uMlandu owayemele uTshanibezwe kuKhomishane kaG. A. Mills eMelmoth eyayicwaninga ngembangela yeMpi YakwaMthashana mhla ziyisi-6 kuNhlaba ngowe-1902.
UMgushwa kaNdaba wazala uNodade, uNkukhula nabanye. Waphinde wazala uMutsha ongukhokho kaNonzamo Biyela. UNobhongoza enye indodana kaJama kaNdaba. Yena wazala uMqundane owazala uNtabatha. Kuthe sekubusa uMaphumzana uNobhala wakhe kwaba uGilibethe kaNgcongcwana kaMqundane kaNobhongoza kaJama. UQwabe wazalelwa kwaNkomonye isigodlo esidala kunazo zonke ngaseMfuleni iNgwegweni enhla noMhlathuze. athutha lapho waphikelela ngasoNgoye eNdlayangubo lapho wazala izizukulwane zakhe eziningi ezabizwa ngesizwe sakwaQwabe. Kuthe sekubusa uPhakathwayo kaKhondlo wakha umuzi wakhe awuqamba ngokuthi kuseMthandeni eduze komfudlana iMtilombo. Wayephuma emzini omkhulu kayise uKhondlo wasoDwini. Ithuna likaPhakathwayo lisempumalanga yentatshana iHlokohloko. ElikaKhondlo limaqondana nomuzi kaYamela Shange eNkanini. ElikaMncinci lilapho umfudlana iNwaku ingenela khona emfuleni iMatigulu. ULufutha wangcwatshwa eMatigulu. Kuthe sekubusa iSILO uDingane sakha umuzi waso wakwaKhangela emanxiweni aseMthandeni. Kukulesi sigodlo lapho izithole eziyikhulu zathathwa khona nguNxagwana kaZivalele Zuluno Mathunjana Nkwanyana zayonikezwa uMntwana uMpande eMlambongwenya eduze kwasemfudlaneni iMamba ngowe-1839. Amanxiwa aseMlambongwenya angasemfudlaneni iMamba eNtumeni.
Umuzi omusha wesizwe sakwaQwabe waseMthandeni wagcina wakhiwe nguMeseni kaMusi kaGodolozi kwaMaphumulo wawuvusa umuzi kaPhakathwayo waseMthandeni eNdlayangubo. UMeseni kaMusi waboshwa kanye noNdlovu kaThimuni ngokuzibandakanya eMpini yeNtela yaMakhanda ngowe-1906. Wadingiselwa eSt. Helena waze wakhululwa ngowe-1909 wadingiselwa esifundeni saseXobho lapho ashonela khona. Isizwe sawalanda amathambo akhe wagcina ethunwe eMthandeni khona kwaMaphumulo. Isigodlo seSILO uDingane sakwaKhangela sasibhekene nentaba iMaqhwakazi khona eNdlayangubo. Isizwe esase sibizwa ngoQwabe eNdlayangubo sazibandakanya ngokugcwele noMbuso wakwaZulu owawuhlanganiswa yiNgonyama uShaka. Ngaleso sikhathi indawo ebizwa ngokuthiwa kuseMakhosini yase ivele ikhona isetshenziselwa ukuthuna iZingonyama zakwaZulu.
Amadodana amabili eSilo uMalandela , uKhanyile noMchunu nawo ayakhe khona ngaseNkandla. Kwathi uma sekufanele kukhethwe owayezokuba yinkosi phakathi kwawo, kwahlatshwa inkomo yakhishwa izitho. Kwathiwa uKhanyile okwakunguyena owayemdala makakhethe phakathi komlenze wenkomo eyayihlatshiwe nensonyama okuyinyama eyemboza izimbambo kodwa ehlinzwayo isuswe kuzo. UKhanyile wadumela umlenze enziwa ngubuningi babantu emndenini wakhe. Abantu besifazane ababekhona kwenzeka lokhu bezwakala bememeza bethi sebumphunyukile ubukhosi. UMchunu owathatha insonyama wenziwa inkosi ngoba kuthiwa wayezobanakekela kangcono abantu. Wakha eMalakatha ngaseQhudeni eNkandla waze wasuka ngenkathi iNgonyama uShaka isihlanganisa izizwe. AbasemaChunwini nabakwaKhanyile behlukana eGolokodo khona eNkandla. Kunamakhosi amabili akwaKhanyile akhe eNkandla enye yaziwa ngokuthi uKhanyile uNgwane enye uKhanyile uLanga. Induna enkulu yeNgonyama uShaka, uMdlaka kwakungowakwaKhanyile engxenyeni yabakwaLanga. Umuzi wakhe wawakhe ngasemfuleni iNsuze eNkandla. Igama lawo kuseNhlonga. Omunye umuzi wakhe kwakuseKhwibi. Le mizi yayisabonakala ngonyaka we-1914. Inkosana kaMdlaka nguNdwandwe. Ibutho lakhe kwakunguNdabakawombe. UNdwandwe wasala enkundleni esigodlweni sasoNdini mhla uZibhebhu egebenga izikhulu mhla zingama-21 kuNtulikazi ngowe-1883. Washiya amadodana akhe ayesaphila ngowe-1914. Izizukulwane zakhe ziseNkandla esizweni sakwaKhanyile engxenyeni yakwaLanga.
- Lo mlando ucashunwe encwadini: IZingonyama naBantwana baseNdlunkulu kusukela endulo. Uma ufisa ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi Maphalala kule email: maphalalajs@vodamail.co.za; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918