Limi ngothi kubasebenzi nohulumeni kuleli
UKhumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi.
NJENGOKUJWAYELEKILE, kuleli sonto izinkulungwane zabasebenzi nasemhlabeni jikelele zizobungaza uSuku lweziSebenzi. Lolu suku oluba njalo ngolokuqala kuNhlaba lunomlando omude nomyalezo oqondile kubasebenzi emhlabeni wonke jikelele. Umlayezo uthi abasebenzi ababe yimbumba ekulweleni amalungelo abo
Kulo nyaka eNingizimu Afrika lolu suku lufike ngesikhathi esinzima. Okokuqala, usuku lufike ngesikhathi kunokungqubuzana enhlanganweni enkulukazi yabasebenzi i-Congress of South African Trade Union (COSATU). Okwesibili lufike elakuleli ligubuzelwe yifu lokubhekana ngeziqu zamehlo kwabakuleli nabokufika. Phakathi kokuthiwa kuyabangwa wumnotho wendawo namathuba omsebenzi. Okwesithathu nokumqoka, wukuthi njengoba kubungazwa uSuku lweziSebenzi nje umbango ushisa phansi ngamaholo ezisebenzi zihulumeni.
Sishicilele kusekwangqingetshe ngezingxoxo ezibheke phambili. Eqhulwini izisebenzi zikahulumeni zifuna ukunyuselwa imihlomulo nochatha oxhasweni lwezezindlu. Izisebenzi ngomlomo wezinyunyana zazo zikhala ngomqashi onguhulumeni okuthiwa akabenzi ubulungiswa nxa kufika odabeni lwamaholo.
Kwinhlabaluhide yezinyunyana ezingaphansi kwe COSATU okuhlanganisa i- NEHAWU, SADTU, POPCRU, DENOSA, SASAWU, PAWUSA, kanye neSAMA iCOSATU ikhiphe uhlu lwezikhalazo egameni lamalunga ayo lapho ithe: “Simele izinkulungwane zezisebenzi ezingamalunga ethu kanye nabantu abaqhamuka emiphakathini abengenelisiwe yindlela okuqhubeka ngayo izingxoxo. Kafushane sithi lokhu kuqhutshwa ngonoqhakala kwamaholo obugqila enza impilo yezisebenzi ezingamalunga ethu ingaphucuki ngeke kusabekezelelwa. Ukuqhutshwa kwezingxoxo ngumqashi ngokungethembeki nokuma ngenkani komqashi emaphuzwini okungavunyelwana ngawo sithi akuphele. Uma kungenjalo sizophoqeka ukuphumela emgwaqweni sazise umhlaba ngobuntamolukhuni bukahulumeni othi enayo imali kodwa adlule ahlukumeze abasebenzi ngokungafuni ukungena nabo esivulwaneni esizokwenza izimpilo zabo zibe ngcono. Size lapha ngenhloso yokuzonxenxa uHulumeni ukuthi aphuthume alungise isimo esiphakathi kwakhe nezisebenzi ngokushesha ukuze sikwazi ukuhambisela imiphakathi yakithi, ikakhulukazi entulayo izidingo.
Uhlu lwezikhalazo luqhubeke lwathi: “Uhulumeni akavumi ukulalela izikhalo zezisebenzi. Izingxoxo seziqhubeke izinyanga eziyisikhombisa sizama ukuthi kube nokwenziwa ngcono isimo sokusebenza namaholo aphilisayo. Kuze kube manje umqashi usabeke etafuleni u-5, 8% wokwenza ngcono amaholo; no-R1100 oyisibonelelo sezindlu kuzo zonke izisebenzi zikahulumeni. Ngakolunye uhlangothi izisebenzi zifuna ukukhushulelwa amaholo ngo-10% kuphela nesibonelelo sezindlu esingu R1500 ngenyanga.”
Uhulumeni yena ngakolunye uhlangothi ushaya amakhala ngalokhu, ukhala ngokuthi uma engase avume lokhu okufunwa ngabasebenzi kungasho inhlekelele ngoba seyiyonke imali okungamele itholwe ngabasebenzi ingabalelwa ezi-R 157.4 billion. Okwamanje imali uhulumeni ayikholela izisebenzi iyizi-R400 billlion kanti kulindeleke ukuthi ibe yizi-R430-billion kulonyaka wezimali. Lokhu ngokwamaphesenti kusho ukuthi umholo nje wezisebenzi zikahulumeni udla amaphesenti angama-35.5 ekhulwini.
Ngokwemibiko esize saya koshicilela ingaqinisekisiwe, emhlanganweni obe khona ezingeni likaHulumeni kube khona isichibiyelo kulokho obekubekwe etafuleni ngumqashi. Lokhu kuthiwa kwenziwe emhlanganweni obuhanjelwe phakathi kwabanye, nguNgqogqoshe weZimali uMhlonishwa uNhlanhla Nene, owe-Zempilo uMhlonishwa Aaron Motsoaledi kanye naloyo obambe njengoNgqogqoshe wMnyango wokuPhathwa kweZisebenzi zikaHulumeni, emuva kokudlula emhlabeni kuka Mhlonishwa Collins Chabani, uMhlonishwa uNathi Mthethwa.
Izinkomba zithi enye yezinto eyenza izisebenzi zingavumi ukugoba uphondo wukukhuphuka kwezindleko zokuphila okudalwa wumnotho ontengayo ofaka ukukhuphuka kwentengo yezinto ezifana nokudla, ezempilo, ugesi kanye nokuba khona kwezinto ezifana nama e-toll esifundazweni sase-Gauteng. Lapha abasebenzi bakhala ngokuthi kwenzeka konke nje lokhu akunyakazi lapha emiholweni yabo.
Kunokwesaba ukuthi uma kungekho egoba uphondo elakuleli lingase libe nesinye isiteleka esingathatha isikhathi eside njengoba kwenzeka embonini yezokumbiwa phansi. Okunye okusatshelwayo wukuthi isiteleka singase siphazamise ukufunda njengoba othisha abaningi bengase babeke phansi oshoki bangene emgaqweni.
Ingozi ye-COSATU exhugayo
Okuzokwenza kube lukhuni ukukhuluma ngasohlangothini lukahulumeni wukuthi i- COSATU okuyiyo emele izisebenzi eziningi iyaxhunga njengoba kunemibango yangaphakathi. Inkinga ye-COSATU exhugayo wukuthi ingase iphoqeleke ukuthi iqinise ngoba ifuna ukuthi kucace ukuthi iseyisikhondlakhondla kanti futhi lokhu iyokwenza ngoba yazi ukuthi izimbangi zayo ziyibhekile okungathi uma ingenza iphutha bese zona zenza kangcono njengoba kwenzeka e-Marikana.
Lesi sithombe siqinisekiswe wukuthi kule nhlabaluhide ebisePitoli abaholi abaphezulu be-COSATU okubalwa noMengameli wayo uMnu Sdumo Dlamini bebekhona nezinqotho. Enkulumweni yakhe nabezindaba uDlamini kakufihlanga ukuthi lokhu abebekwenza ePitoli kuqinisekisa khona ukuthi i-COSATU le akusiyona ingcuba njengoba abanye besebeqala besho. Umyalezo kaDlamini ubusobala kungowokuthi abaqashi uma becabanga ukuthi i-COSATU iyisimaku bayobe benze iphutha. Kubukeka uhulumeni we-ANC kuzoba yiwo owokuqala ukuhlangana nezimbila zithutha ngesikhathi lomfelandawonye uvuka uzithatha.