Now Reading
UBroos uvikela uMakgopa kulaba abamungabazayo
Dark Light

UBroos uvikela uMakgopa kulaba abamungabazayo

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uzivikele ngokuthi kungani ebize umgadli we-Orlando Pirates u-Evidence Makgopa.

UMakgopa ubizwe emva kokuthi kuhoxe u-Iqraam Rayners ngenxa yokungabi sesimeni sokuba adlale.

Lo mgadli ugcine ukuba abizelwe eqenjini lesizwe ngoLwezi nyakenye.

“Abantu abaningi bayamungabaza uMakgopa, engingakusho akayena uMessi okanye uRonaldo kodwa ungumdlali ongalilekelela kakhulu iqembu. Eminyakeni emibili edlule kwimidlalo ye-Afcon waqhamuka umbuzo othi ufunani lo mgadli (uMakgopa) esikwatini kodwa wafike wenza kahle” kusho uBroos.

Uthe ngesikhathi kuhoxa uRayners akacabanganga kabili ukuthi ambize uMakgopa ngoba ungumdlali omqoka.

IBafana Bafana izotholana phezulu neZimbabwe kumdlalo omqoka njengoba kungowokuhlungela iNdebe YoMhlaba, lo mdlalo uzoqala ngele-18:00 kusihlwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UBroos uthe bazolwisa okwamabhubesi ukuze nakanjani bewunqobe lo mdlalo.

See Also

“Umdlalo omqoka kakhulu lona emva kweminyaka engama-24 edlule, ngoba iminyaka iBafana Bafana eyagcinna ukuba ikwazi ukuzibekisela indawo kwiNdebe YoMhlaba. Sizilungiselele kakhulu kusukela kuqale isonto. Ngeke kuze ube lula kodwa nakanjani kumele sinqobile. Siyadinga ukuba sinqobe lo mdlalo nalona ozayo ukuze siye kweYoMhlaba. Okumele sikwenze ukulwisa okwamabhubesi enkundleni, siphokophele phambili”.

IBafana Bafana iya kulo mdlalo inesilonda njengoba yaphucwa amaphuzu amathathu okusho ukuthi ilingana neBenin ngamaphuzu ali-14 umehluko igoli elilodwa.

Ebuzwa uBroos ukuthi ngabe kumqoka kangakanani ukuthola amagoli amaningi kulo mdlalo uthe: “IZimbabwe nayo ize kulo mdlalo ngenhloso yokuzonqoba, ngakho ngeke sivele sithi sifuna ukuyibhudluza ngamagoli kalula kanjalo. Okumqoka kunakho konke ukunqoba umdlalo”.

Scroll To Top