Now Reading
Injabulo ebholeni iyophelela uma kunjani
Dark Light

Injabulo ebholeni iyophelela uma kunjani

INKULU inkinga ekhungethe iqembu lesizwe iBafana Bafana. Uma kungenjalo ibikwa ithiweni indaba yokuthi selihluleke amahlandla amaningi ukuyosimela kweyomhlaba nasezwenikazi i-Afrika uqobo?

Sikubeke eceleni ukuthi ngesikhathi iqembu liphethwe nguTed Dimitru ongasekho laya kosimela kuNdebe Yase- Afrika kodwa lapho lahluleka kwakushaya ngisho elilodwa nje igoli lokuthi nalo iqembu kade lihlanganyele namanye amazwe.

Kwabe elakuleli ligcine foco ukuyomela abantu bakuleli. Okwaze kwasiza kwaba yikhona ukusingatha kwaleli lizwe iNdebe Yomhlaba yowezi-2010.

Nakhona lapho emdlalweni wokuvula le midlalo elakuleli elabhekana kulo nezwe iMexico uSiphiwe Shabalala washaya udilikantaba weshodi zahlanya izihlwele. Kwabe kugcinile.

Yathi iphela imidlalo elakuleli labe likade laliwasha ijezi selibukela amanye amazwe ebanga iNdebe okungehlonishwa umhlaba wonke. Okwafike kwadumaza du wukuzwakala kwezindaba ezafika kamuva ukuthi kanti nasekugunyazweni kwelakuleli ukusingatha le midlalo kwaba nokungaqondile kahle.

Ikhona indaba yokuthi le midlalo ayizanga kuleli ngemigudu efanele. Futhi kucishe kukholakale ngoba izikhulu okuyizona ezazikhuthalele ukuthi isingathwe kuleli le midlalo eziningi zazo sezaxoshwa yiFIFA okuyiNhlangano eyengamele iBhola Lomhlaba.

Nakhona kuleli kunezikhulu esezinesikhashana impela zagcina ukubonakala emicimbini yeBhola loMhlaba ngoba ikhona ingozi yokukhalelwa ngamasongo kaSigonyela uma zingake nje zibonakale kwamanye amazwe angamelani nhlobo nokuziphatha okungaqondile. Konke njalo lokhu kuyazidumaza izinkumbi zabantu bakuleli ezithanda unobhutshuzwayo.

Okwaleli sonto eliphelayo-ke khona kuthande ukuqeda amandla nje. Injabulo eyaba khona ngoMgqibelo owedlule iBafana Bafana ibhuquzisa iSeychelles ngamagoli ayisi-6 eqandeni bese kukade abantu bakuleli bayigcina.

See Also

Indlela isikimu esasithakwe ngayo nangendlela abadlali ababebukeka beshesha ngayo akekho owaba nokungabaza ukuthi nasezweni layo iSeychelles yayizolotsholwa ngembudlu yamagoli. Lokhu bekuqinisa idolo kunoma ubani othanda izwe lakuleli ukuthi nakanjani kulokhu kuyayiwa eCameroon. Kuphi khona?

IBafana Bafana yenze edume ngazo yayobanjwa yiSeychellers ngeqanda nhlangothi. Uthe uyachaza umqeqeshi ukuthi kuphinde konakalaphi wavele wangezwakala nje.

Bakithi, ngoba ngempela engase aliphinde futhi elakuleli uStuart Baxter ahluleke ukuyisa elakuleli eCameroon ngonyaka ozayo? Kanti kwakhala nyonini ebholeni lakuleli? Kanti abalandeli bebhola bakuleli injabulo yabo iyophelela uma kunjani?

Umuntu ucabanga amaSuper Eagles ezwe eshaywa uvalo oluncane. Nokho siyabethemba ABAFANA ukuthi basengenza kangcono kekujatshulelwe ukuthi nelakuleli liyohlanganyela namanye amazwe ase-Africa. iBafana Bafana keyenze njengeBanyana Banyana kube kanye nje.

Scroll To Top