Now Reading
Ikahle kosomabhizinisi nabanemindeni emikhulu i-Eeco
Dark Light

Ikahle kosomabhizinisi nabanemindeni emikhulu i-Eeco

Uma uzoyithi nhla ungacishe uzitshele ukuthi yilolu hlobo lwakudala lwezimoto ezaziqoqa ilondolo emalokishini kanti phinde i-panel van yakwaSuzuki eyethulwe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.

Akubuzwa ukuthi i-Eeco osomabhizinisi bazosuka bahlale kuyo kwazise nentengo yayo ithi “ngithenge” Iqoqekile ubude bayo bungama-3, 675, ukuya ezinhlangothini bungama-1, 475. Esiminyaminyeni ayikhulumisi ngoba kulula ukuyichushisa ilekelelwa umzimba wayo omncanyana. KwaSuzuki lana bakhe imoto yokusebenza ngempela ngoba ungena nje phakathi ithi ayiphathe isitayela esidala sezimoto. Amawindi akhona ayakulufwa, i-airconditioner nakhona yileso, nengaphambili layo i-ơn board computer isobala nengane encane ingeze yadideka, bese kuba izipikha ezimbili. Okuhle abakwenzile ukuyifa amasensa angemuva alekelela uma upaka.

Injini namandla
Injini yale panel van ingu-1.2 litre bese idonsa ngamagiya amahlanu ashintshwayo. Le njini ikhiqiza amandla afinyelela kuma-59kW kanye ne-torque eli-104Nm. Angikusho ukuthi ukuze ushibilike kahle ngayo kuyadingeka ukuthi ulokhu uyixova wehlela emagiyeni angezansi njengelesine nelesithathu ukuze ithole amandla. Okunye okuhle ngayo ukuthi ayizweli noma ilayshile njengoba inesikhala sokulayisha ngemuva esingamumatha umthwalo oyisisindo esingama-615 kg kungabi ndaba zalutho. Ilekelelwa i-suspension ngaphambili iMacpherson nè-axle yangemuva okuyiyo eyenza ikwazi ukuthwala umthwalo onamandla.

Imakwabo idonsa ngamasondo angemuva, angu 13 inch. Ngasekuphakameni ngiyayivuma ngoba ingu 160mm, ngaphambili kunesikhala somshayeli nephasenja kuphela. Ngemuva ingudedangendlale, futhi ukungena nokuphuma kulula ngenxa yezicabha ezivuleka ugabagaba ezinhlangothini, ama-sliding doors, kuphinde kube ne-tailgate ongakwazi nokungena kuyo noma uyisebenzise ukulayisha impahla. Yize ingathembisi uma uzoyithi nhla ngeso, kodwa uzomangala ukuthi kwaSuzuki abazange nakancane bawathathe amashansi kwezokuphepha. Bheka nje ngoba ngaphambili inama-airbags amabili okungeyomshayeli nephasenja, ngaphezu kwalokho iphuma ne-ABS, EBD ne ESP.

Ingacishe izidlisele ogageni izimbangi zayo ezinjengeRenault Triber, iMahindra KUV, iHyundai Grand i10 nezinye ngoba kwaSuzuki bayakwazi ukukhangisa nokumaketha imoto yabo.

See Also

Intengo: R199 900.

IWaranti: Iminyaka emithathu okanye ibanga lama 100 000km.

Scroll To Top