Now Reading
Uyedwa owazi ngesidalwa sakhe esingumuntu
Dark Light

Uyedwa owazi ngesidalwa sakhe esingumuntu

Mina ngibona ukuthi munye kuphela umuntu ongakwenza ukuba ube nenhlanhla noma ube nebhadi. Munye kuphela umuntu ongenza ukuba ukwazi ukuphila emhlabeni ngaleyondlela akwabele ukuba uphile ngayo.

Munye kuphela umuntu okwaziyo ukuthi usibanibani lona uyozalwa nini, aphile isikhathi esingakanani emhlabeni, nokuthi uyophila kanjani, afe nini, futhi efa kanjani. Konke lokhu akekho umuntu okwaziyo, ngisho nomzali wakho uqobo lwakhe akazi ukuthi uzelwe nje, uyokhula uze uxhegule na; uzelwe njena uyokuba ngumuntu onjani na; uzelwe njena uyokuba yinto ethile; uzelwe njena uyokuba nenhlanhla, ube yisicebi, ube ngumfundisi, ube nguthisha, ube ngudokotela, ube yiphoyisa, ube yisotsha, ube yisigebengu, ube yilokho okuyobonakala usuyikho.

Inkinga yikuthi naye umzali uphila ngokwethemba nangokufisa ukuthi umntanakhe abe yinto ethile emhlabeni. Nemizamo yakhe yokuhlahlela umntwana wakhe indlela yokuphila kangcono, kwesinye isikhathi igcina isifane nezithukuthuku zenja eziphelela eboyeni.

UNkulunkulu kuphela lowo muntu owazi konke ngesidalwa sakhe esingumuntu. NguYe owaziyo ukuthi umntwana ozelwe uyophila isikhathi esingakanani, noma uyophila amaviki amabili edlule, noma iminyaka eyikhulu, aze axhegule. NguYe owaziyo ukuthi umuntu uyokuba yini emhlabeni, ekwenza lokho ngentando yaKhe. NguYe futhi owaziyo ukuthi lowo muntu ambekile emhlabeni uyokumsusa nini kuwona, futhi amsuse ngayiphi yona indlela. Nguyena kuphela owaziyo ukuthi lowo amvumele ukuba aphile leso sikhathi ambekele sona emhlabeni uzophila ngokuyinhlanhla yini noma uyophila ngokuyibhadi.

Kukaningi kwenzeka ukuthi abazali bazimisele ukuba abantwana babo babengokuthile emhlabeni. Uzwe umzali ethi, “Indodana yami lena, ngifuna ukuba ibe ngumfundisi.” Impela ekusho ngoba eyibona ukuthi inomoya wentobeko, futhi ingumntwana ongawathwele amehlo. Kuthi-ke uma isifundile, sekufanele iye esikoleni sobufundisi njengesifiso sabazali, isuke ibaxake manje, izihambele ngendlela yenhlanhlatho, kuthi esikhundleni sokuba yenze imisebenzi yokulunga, yenze imisebenzi yobubi.

Ubezwe abantu sebethi, “Kodwa uzibanibani lona, njengoba wayekhule eyisithuli njena, sekwakhala nyonini esengubhulukhasi nje?”

Kukhona abanye abangakuxoxela indaba ende yokuthi ukuze bacebe njena kwasukela kuphi. Omunye wake wangixoxela indaba eyangizwisa ubuhlungu, ethi wazalwa ngabazali ababehluphekile kakhulu, namhla ayezalwa wazalelwa emkhukhwini, lapho ababefihle khona amakhanda. Uthi, unina wayedabula amalokwe akhe ukuze ambincise wona, kuthi noma egula ephethwe umkhuhlane, akhwehlele aze akhonkobale, ingekho imali yokumusa kudokotela, uze uziphelele wona ngokwawo umkhuhlane lowo.

See Also

Uthi-ke uma eyiqhuba indaba yakhe, okuyiyona into eyafika kuyena kuqala uma esenamehlo, yikuthi wezwela abazali bakhe ubuhlungu, waba nesifiso sokuba abasize kulezizinhlupheko abaphezu kwazo. Lolosizi olwamdabula inhliziyo yakhe, kwaba yisona sisekelo sokuba azame ukuba azimisele ukuba yinto ethile emhlabeni.

Uthi-ke, waqala ngokuqoqa amabhodlela alahlwa ngabantu abangawadingi, wayowathengisa esitolo seSulumane elalithenga amabhodlela. Waqoqa amathambo, wayowathengisa esitolo seJuda elalithenga amathambo, liwathumela eThekwini ukuba ayogaywa kwenziwe ngawo umanyolo. Konke lokho kwakuyinsini kwabanye, bemhleka usulu, besho khona ukuthi, kungathi ezalwa ngomacoshela esiswini, yena acabange ukuthi ngokuthengisa kwakhe amabhodlela namathambo angaba umuntu ophilile.

Kodwa-ke ngoba umuntu uzalwa nayo inhlanhla, ayiphiwe nguNkulunkulu onguMdali wakhe, lomfana wagcina esakhele abazali bakhe indlu, lapho ababehlala khona ngokuthokomala.

Scroll To Top