Now Reading
Isala kutshelwa sibona ngomopho – kwaba kanjalo naseNdlovukazini yamaNgisi
Dark Light

Isala kutshelwa sibona ngomopho – kwaba kanjalo naseNdlovukazini yamaNgisi

Kuqhubeka kushicilelo olwedlule
Umkhumbi kaCetshwayo wafikela ogwini lwasePlymoth. Base bengena esitimeleni sabo esabathatha sayobabeka maphakathi neLondon lapho kwakunabantu ababebaningi befisa ukuzibonela iNkosi yamaZulu ngamehlo.

Wehla esedlubhe ezase-Europe zikanokusho. Bahlaliswa e-18 Melbury Road, eKinsington, eLondon kanti imihlangano noHulumeni wamaNgisi yayibanjelwa eSigodlweni saseKensington esasibuqamama. Izixuku nezixuku zabantu zazihlala ngaphandle kwalapho.

UCestwhayo waphoqeka ukuba aphumele phandle eme kumphemeni ophezulu abingelele izixuku ezazimthanda ziphansi emgwaqeni kaningi ngosuku. Ukuthandwa kwakhe ngabantu kwakufakazelwa yinqwaba yezincwadi ayezithola mihla namalanga ezazifikela eSigodlweni saseKensington.

Amaphephandaba abika ukuthi uCetshwayo wayekhombisa izimpawu zokuphatha komuntu owayengumbusi kanti labo ayekhuluma nabo wayebashiya bekhexekile. Bemangazwa ubugagu kanye nekhono nobuhlakani ezingxoxweni zakhe kwaba sengathi babelinde okwehlukile.
Yize izingxoxo ngaphakathi zaziyindendende futhi zinendelelo kodwa ithimba lamaZulu kalizange liphelelwe yinhliziyo, lalilokhu ligxile njalo. UVictoria wamema uCetshwayo ukuzophuza naye itiye e-Osborne House, e-Isle of White mhla ziyisi-7 kuNcwaba ngowe-1882.
Wadlubha isudu nesigqoko indlu ivalile ayekugqoke mhla eshiya KwaZulu esikhundleni sesicoco. Umehluko phakathi kwamasiko kwabonakala izingxoxo zingakaqali nakuqala.

UCetshwayo watshela uVictoria ngomhumushi wakhe uLazarus Xaba ukuthi wayefuna ukuxoxa ngenkululeko yakhe nomyeni wakhe hhayi yena ngoba wayengumuntu wesifazane.
Kwathi eseliphimisile, kwathi cwaka kanti amehlo kaCetshwayo ngaso leso sikhathi eyethe njo phansi. Yize uVictoria wayengumfelokazi kodwa kwakunamahlebezi okuthi wayezwana nesinye sezisebenzi zakhe esasingumuntukazana uJohn Brown.

UVictoria wabheka uCetshwayo engakholwa wasemtshela ngokweyisa kwamaNgisi adume ngayo, ukuthi wayeyiNdlovukazi yaseBritain jikele. Ngakho-ke wayephoqelekile ukuxoxisana naye, wathi futhi ukungabi namyeni kwakhe kwakungelona iphutha lakhe. Waqhubeka wathi uCetshwayo makambuke emehlweni lapho bexoxa.

See Also

Kodwa uCetshwayo wenqaba, wasemxwayisa ngokungahle kwenzeke uma wayengambuka emehlweni. Lapho uVictoria ephikelela uCetshwayo wawavusa amehlo akhe, wambuka ngqo okwathi amehlo abo ehlangana wopha uVictoria okwamisa izingxoxo khona manjalo.

Lesi sehlakalo senzeka isonto lonke waze wavuma uVictoria ukukhuluma noCetshwayo ngaphandle kokuthi babhekane emehlweni. Izingxoxo zazizinde futhi zilukhuni phakathi kwababusi naphakathi kukaCetshwayo noHulumeni kaGladstone.

Scroll To Top