Now Reading
Abantu nezinhlanga okwabadabuka e-Atlantis
Dark Light

Abantu nezinhlanga okwabadabuka e-Atlantis

AKUSIBONA aboHlanga baseKhemethe kuphela abaqhamuka ezwekazini elabhubhayo i-Atlantis, kodwa izinhlanga zonke zadabuka kuyo i-Atlantis, zabe sezihlakazeka umhlaba wonke. Lokhu kuvezwa nguJ.S. Gordon encwadini yakhe enohlonze esihloko sayo sithi “Esoteric Egypt” eshicilelwe ngowezi-2001 kuya kowezi-2015 e-United Kingdom. Lo mbhali udume kakhulu ngemibhalo yakhe ekhuluma ngokusungulwa kweKhemethe, kunokubhala ngokwenzakalayo ngemva kokuba isisunguliwe. Asike simulalele ebeka ngokocwaningo lwakhe, engibona mina ukuthi labo abenza izifundo eziphathelene nemvelaphi kanye nentuthuko yaseKhemethe, bazokuthokozela lokhu okushiwo yilo mcwaningi.

Ngake ngabhala kule ngosi ngaphambilini ukuthi kusesekhona ukudideka okukhulu ukuthi ubani futhi evelaphi owakha amaPyramid neSyphinx laphaya eGiza, eKhemethe. Ngahlabela phambili ngathi uThoth kumbe uHermes, wakhona eKhemethe, uyaveza embhalweni wakhe ukuthi nguye uqobo kanye nozakwabo, njengoba babevela e-Atlantis, abakha amaPyramids aseGiza. UThoth lo kwakungowoHlanga, ofana nami nawe. Kufana neNkosi uSolomoni, uMozisi, iNkosi uDavide, nabanye, abantu nje laba abafana nami nawe. Okuxakayo akushiwo ukuthi ngabantu laba ababgama-Afrika. Abacwaningi abaningi bathi uThoth waqhamuka e-Topiya, abanye bathi amaPyramids akhiwa yiNkosi uKhufu. Sekuyavela manje, kancane kancane, uma ulandela imibhalo yabacwaningi abaningi, ukuthi lithni iqiniso. Akulula ukuthola iqiniso eliphelele uma ubhala ngomlando wasemandulo ngaphandle uma uzocobelela kubabhali basemandulo abanjengoHerodotus nabanye, bona ababebhala izinto ababezibona ngamehlo abo, hhayi ngokufunda imibhalo yabanye abantu.

Ngakhoke ekuchazeni ngale nkiyankiya ngizothembela kuGordon noKameme. UKameme yena ubhale incwadi ethi ‘Spirituality Before Religion’, yashicilelwa ngonyaka wezi-2019. Bobabili bakhuluma into efanayo, kodwa akubona bodwa ababhale ngale nto, baningi abanye asebabhala ngale nto ngaphambilini.

Ngenkathi uMvelinqangi ethumela amadodana akhe emhlabeni ukuthi azokwenza umsebenzi othize, la madodana akhetha ukwehlela ezwekazini laseNtshonalanga, elalimamaphakathi nolwandlekazi i-Atlantic Ocean. Abe esekhetha indawo yawo ayenza ikomkhulu labo, le ndawo ayibiza nge-Atlantis. Leli zwekazi labe seliduma ngokuthi yi-Atlantis. Uma la madodana efika la emhlabeni akhohlwa yilokho ayethunywe kona kodwa angenela amantombazane ngesinene abantu abafica kule ndawo. Yilapho kwaphuma amaNdiya ase-USA, kwaphuma aboHlanga base-Afrika, kwabe sekuphuma izinhlanga eziningi, kodwa thina sizobheka umkhakha wama-Afrika.

Leli zwekazi lalixube indawo yaseMiddle East, iNigeria, iNiger, iCongo, iMorocco, ne-Alexandria. Kafushane nje yonke iWest Afrika kanye neMiddle East, kuyongena phakathi e-Atlantic Ocean. Ngalezo zikhathi izwe eliningi lalisagubuzelwe ulwandle.  La madodana kaNkulunkulu kuthiwa ayehlakaniphe ngendlela exaka ukwenza, kwazise ayenikezwa ubuhlakani obabuthe xaxa. 

Ngenxa yokudinwa izenzo zamadodana akhe uNkulunkulu wathukuthela kakhulu. Nawo amadodana azishaya izifuba zawo, evuma ezisola ngokwenza izinto angathunywanga zona nokungawulaleli umthetho kaMvelinqangi.  Konke lokhu kwenzeka ngemva kokuba uNkulunkulu eseqedile ukwakha iZulu nomhlaba, futhi esewakhile umphefumulo nenyama yomuntu, futhi umuntu esexhumana neZulu (iKosmos) ngokwamaChakras asemzimbeni. 

See Also

Ngokubona umonakalo owenziwa amadodana akhe, uMvelinqangi wathukuthela kakhulu ngoba manje lwanakala uhlelo lwakhe ayeluhlosile.  Okwenzakalayo ngemva kwalokho kwaba ukubhidliza okwasekwakhiwe. Kwadingakala ukuba izwekazi yonke i-Atlantis ayibhubhise, aqale phansi. Ngokuzwa ngabaProfethi ukuthi izwekazi lizocwila lonke, nokuthi ke uNkulunkulu bakhona akhuluma nabo ngaleli lisu. Uma ufunda incwadi ka-Enoch, engafakwanga eBhayibhelini ngamasibomu, kuningi okutholayo ngenhloso kaNkulunkulu ngaboHlanga base Atlantis. Ungaboni sithule nje, kuningi esikwaziyo. Lokhu kwenza ukuba abantu abaningi bajokole, bafuduke, babalekele kwezinye izindawo. Yingakho nje sibona ama-Red Indians eMelika, nezinhlanga eziningi ezahlukahlukene.   AboHlanga bangena e-Afrika, basabalala neWest Afrika, ne-East Afrika, neMiddle East, neNorth Afrika, njalo njalo.  Ukucwila kwe-Atlantis kwaguquka izinto eziningi.

Kodwa kukhona leli thimba elathunyelwa futhi eKhemethe ukuthi liyoqhubeka nokwakuhloswe uNkulunkulu eKhemethe.  Phakathi kulabo bantu kwakukhona lo muntu namhlanje esembiza ngoThoth noma uHermes, engikhulume kancane ngaye ngaphezulu.  Abantu abaningi ababephuma e-Atlantis bazinza ko-Indonesia, kuze kuzofika e-East Afrika, kakhulukazi e-Topiya. UThoth nethimba lakhe bafikela e-Ethiopia, basukela e-Ethiopia sebeyoqhubeka nababekuthunyiwe eKhemethe. Ngakho ke, iKhemethe yakhethwa njengendawo yesibili, ngemva kokuwa kwe-Atlantis, emhlabeni ukuba ibe yisizalo soluntu lonke lomhlaba.  Siqhamuka lapho ke isisho esithi: ‘Thina boHlanga siyindlalifa yomhlaba jikelele’.  Ngamanye amazwi kudingeka siziqhenye ngobuthina. Singalingisi ezinye izinhlanga, ngale kwalokho uMvelinqangi uzosijezisa.

Siyazi ukuthi uMvelinqangi waqala ngokwakha umphefumulo womuntu, ohlukene amahlandla ayisikhombisa, wagcina ngokwakha inyama nomzimba womuntu. Esekuqedile lokhu kwadingeka ukuba akhe umthetho-sisekelo ozolawula lesisidalwa sikaNkulunkulu, wabe esakha umthetho obizwa ngeMaat, thina beNguni esiyibiza ngoBuntu. Konke lokhu, uMvelinqangi wayezokwakhela e-Atlantis, kodwa kwaphoqa ukuba ayokwenzela eKhemethe, lapho yonke imfundiso  kaNkulunkulu yehliselwa khona ukuba idluliselwe kulolonke uluntu. Yingakho ke nje abacwaningi beshaya amakhala ngokuthi kwenziwa yini iKhemethe kube sengathi yaqhamuka emhlabeni isithuthukile, isinakho konke, kanti kuthatha isikhathi eside ukuba izwe lithuthuke. Okungaziwa ke ukuthi ebalazweni lonke lase-Afrika, yakhethwa kanjani iKhemethe ikhethwa nguMvelinqangi kunazo zonke izindawo ezikhona e-Afrika. Leyo yimfihlo kaMdali.

Scroll To Top