Now Reading
Indlala yonozinti abangumsinsi ibhincisela nxanye elesizwe
Dark Light

Indlala yonozinti abangumsinsi ibhincisela nxanye elesizwe

ENingizimu Afrika ebholeni likanobhutshzuwayo sibhekene nenkinga enkulu. Leyo nkinga ngeyonozinti, abangabokuzalwa lapha abagijima kuligi enkulu iDStv Premiership.
Ngeledlule umqeqeshi weqembu lesizwe iBafana Bafana ubememezela iqembu elizotholana phezulu neZimbabwe kanye neGhana, emdlalweni yokuhlungela iNdebe YoMhlaba ezokuba seQatar ngonyaka ozayo.

Baningi abazibuze ukuthi kungani uBroos ebize uBruce Bvuma ekubeni elizwa ngendaba ijezi eqenjini lakhe iKaizer Chiefs, kanti yena lo mqeqeshi baningi abadlali angababizi ngenxa yokuthi abadlali emaqenjini abo. Omunye oyisibonelo nguNjabulo “Road Block” Ngcobo wayo iChiefs uqale wangambiza kweminye imidlalo ngoba elizwa ngendaba ijezi. Kube kuningi ukukhuluma bethi kungani engabizwa ekubeni kunguye ophethe umklomelo wesitobha esivelele.

Ngokwami okukaBvuma kuyezwakala ngoba kumele eqenjini lesizwe kube khona onozinti abathathu. Lo nozinti ezikhathini eziningi ubebizwa eqenjini lesizwe unalo ulwazi okungathi noma kuthiwa kwenzakalani kuRonwen Williams weSupersport United noma uVeli Mothwa wa-AmaZulu FC angakwazi ukuthi abe sezintini.

Kulihlazo ukuthi njengoba amaqembu eli-16 kuDStv Premiership, amaqembu ali-11 onozinti abavimbayo abaqhamuka ngaphandle lapho ngibala namaqembu okuthiwa makhulu. UHugo Nyawe weRoyal AM owaseCameroon, uDennis Onyango weMamelodi Sundowns owase-Uganda, uRichard Ofori we-Orlando Pirates waseGhana, uHugo Margues weCape Town City owase-Angola, uToaster Nsabata weSekhukhune United udabuka eZambia, uDaniel Akpeyi owaseNigeria, u-Ismail Watenga ovimba kwiChippa United owase-Uganda, uWashington Arubi weMarumo Gallants owaseZimbabwe, uVasilije Kolak weTS Galaxy udabuka eBonisia Herzegovina kube uVirgil Vries weSwallows FC yena odabuka eNamibia.

Lokhu kusho ukuthi AmaZulu FC, iLamontville Golden Arrows, iStellenbosch, iSupersport United neBaroka FC kuphela abavinjelwa ngonozinti bakuleli.

Okungiphatha kabuhlungu ukuthi selehlile izinga lokuvundululwa kwamakhono kuleli. Uma kuqala isizini ubona iqembu lithula unozinti omusha oqhamuka ngaphandle lithi uneminyaka yobudala engama-26 afike avimbe ngobani uyathenjwa uqhamuka ngaphandle phela, kodwa owalapha eNingizimu Afrika kuthiwa kusamele akhule.

Ezikhathini eziningi ngiyayibuka imidlalo ye-ABC Motsepe League neyeGladAfrica Championship, uma kungathiwa sinazo izinhloli ngabe sinabo onozinti abaseqophelweni eliphezulu ngoba likhona kakhulu ikhono kulama ligi. Into esibulalayo asifuni ukuthuthukisa ikhono sikholelwa ekutheni sifuna umuntu ngoba kuthiwa owangaphandle.

Yize ekhona uWilliams njengonozinti esithi useqhulwini kuleli kodwa ngikholelwa ukuthi ukube wajoyina iPirates eyayimfuna uthuli ngabe wenza ezibukwayo impela, lapha kwiSupersport United akukho ukuncintisana kuhlezi kuvimbe yena akekho umuntu osemva kwakhe asindwa izigi zakhe. Engashayelwa amagoli amathathu namhlanje, nasemdlalweni olandelayo kodwa kowesithathu kuzobe kuvimbe yena.

See Also

Kwesinye isikhathi ukhula ngokuthi kube khona umuntu obanga naye, uWilliams ukenze amaphutha obona kahle ukuthi uliqedile impela iqembu kodwa aphinde avimbe.

Onozinti namanje engisasho ukuthi iNingizimu Afrika kumele iziqhenye ngabo ekubakhiqizeni eminyakeni edlule u-Itumeleng Khune nomufi uSenzo Meyiwa. Kubuhlungu ke okwaMeyiwa ngoba wahamba emhlabeni ngesikhathi esegila izimanga.

Ngisho iChiefs imbala iyona edume ngokukhiqiza onozinti kodwa lokho ayisakwenzi kwagcina ukwenzeka lokho kukhona uRainer Dinkelacker owaqeqesha onozinti kuleli qembu. Eminyakeni edlule leli qembu belingamthengi unozinti ubeqhamuka ngaphakathi kulona ezinkuliseni, buka nje ino-Akpeyi, yathenga uVries owafike wabhedelwa izinto.

Isixazululo salokhu ngokubona kwami izinhloli azihambele amaligi amancane, ngiyakholelwa ukuthi ilapho okugcwele khona amakhono ayi onozinti kuphela nabadlali baphakathi imbala.

Scroll To Top