Now Reading
Abazali abangayekethisi kodwa ababambisane kukhuliswa izingane
Dark Light

Abazali abangayekethisi kodwa ababambisane kukhuliswa izingane

“Njengenjwayelo, uthe uma engena endlini ebuya esikoleni ngambuza ukuthi belunjani usuku lwakhe kanye nokuthi ufundeni esikoleni? Impendulo anginike yona kube yimpendulo ebengingayilindele futhi engangijabulisanga. Uthe usuku lwakhe lumosheke lonke ngenxa yontanga bakhe afunda nabo, abamenze wazizwa engamukelekile, okumenza azizwe engafuni ukuya esikoleni ngakusasa. 

Ngiyacabanga ukuthi njengomzali, nanjengesakhamuzi kuleli, usuke wahlangabezana nokucishe kuthi akufane nalokhu engihlangabezane nakho. Uma ngimbuza ukuthi kwenzakaleni esikoleni, ungitshele ukuthi ontangabakhe afunda nabo bayamchwensa bathi mfushane futhi abafuni ukudlala naye.”

Ngithe sengibona umfanekiswano ocoshwe yizingane zesikole, lapho enye yamantombazane ishaya enye, inhliziyo yami ivele yadabuka ngenxa yokuhlukumezana kwabantwana esikoleni. Ngithe ngisezwa ubuhlungu bokubona abantu bakithi behlukumezana bona bodwa ngadumala uma ngizwa ukuthi le ntombazana ebishaywa kulo mfanekiso izibulele. 

Njengomeluleki wentsha ngempilo kanye nemfundo, ngiyadabuka ukubona aboHlanga begqilazana, beshayana futhi bebulalana bodwa. Ukuhlukumezeka komntwana esikoleni akumphazamisi kuphela ezifundweni zakhe ngaleso sikhathi kodwa kudala umonakalo omkhulu. Ngiyazi ujahe ukuzwa owami umbono kanye nesisombululo kule nkinga, kodwa ngiyafisa ukuthi siqale ngokubuka imbangela yalesi sihlava esikhungethe ezemfundo emazingeni aphansi. Ngaphambi kokuthi ngenabe kabanzi ngezimbangela zalo mkhuhlane ohlasele izikole zethu, ngifisa ukucacisa ukuthi angiqondile ukukhomba abathile kanye nokubakhipha inyumbazana kulesi sigatshana. Engifisa ukukuveza ukuthi abantwana abakufundi esikoleni ukwedelelana kanye nokungahloniphani. Isikole siyindawo lapho bethola ithuba lokuveza ukuthi bangabantu abanjani futhi baphuma ekhaya elinjani. Mancane amathuba okuthi ingane ifike esikoleni idelele uma iphuma ekhaya elinemfundiso noma iphuma emphakathini onemfundiso. 

Enye yezinto ezidala ukuhlukumezana kwezingane esikoleni, ukuhlukumezeka kwabantwana emakhaya lapho besuka khona. Ingane ephuma ekhaya elingenamsindo, elinokuthula ayivamisile ukuthi ifike esikoleni idale umonakalo. Kodwa ingane ephuma ekhaya elinenhlamba kanye nomsindo, ifika esikoleni iqhubeke nendlela ekhuliswe ngayo ekhaya, ukungahloniphi kanye nokungabazi abanye abantu. Abanye babantwana abazi ukuthi uyini umuntu omdala ngoba ekhaya abafundisiwe kahle. Abazali bahleba omakhelwane phambi kwezingane. Ingane ikhula yazi ukuthi umakhelwane akasilutho ngaphandle kwento ehluphayo. Izingane eziningi zihlukumezekile emakhaya futhi lokho ukubona ngendlela ezenza ngayo izinto esikoleni. 

Isisombululo sale nkinga esibhekene nayo ezikoleni, okungeyona eyokuhlukumezana kwezingane kuphela, ukulungiswa kwemindeni. Inkinga enkulu esibhekene nayo ukufa kwamakhaya kanye nemindeni. 

Singabazali asiklami indima yethu ekukhuliseni abantwana ngendlela efanele. Isimilo kanye nenkuliso eqotho ayisekho kwaboHlanga. Ingane ilawula abantu abadala kungabi indaba yalutho. Uzwa umzali ethi uphonse ithawula enganeni yakhe bese uyamangala ukuthi njengoba eliphonsa lizocoshwa ngubani? Singabazali asiziniki isikhathi esanele nezingane zethu futhi asinandaba ukuthi ingane yenzani esikoleni. Ezinye zezingane ezishaya ezinye izingane esikoleni zikufunda ekhaya ukushayana. 

See Also

Izingane eziningi zizalwa yizingane kulesi sikhathi samanje, okwenza kungabi lula ukuthi ingane ifundise enye ingane. Abantwana abangakafiki ngisho ebangeni leshumi sebenezingane abazizala bazishiye nogogo emakhaya. Ingane ithi ikhula nje ididekile ekhanda, ibiza ugogo ngomama, umama ngegama kanye nokhokho ngogogo. Ugogo wayo uthethisa umama wayo phambi kwayo, okwenza ingane ibone umama elingana nayo ngoba naye ethethiswa njengayo. Ukufa kwemindeni eminingi kwenze izikole zaba yindawo lapho kumele kuhlumeleliswe futhi kukhuliswe umntwana ngokwengqondo ngaphambi kokuthi afundise. Ukulwa phakathi kwabantwana nothisha kubangwa yikho ukungafundiseki kwabantwana. Okubuhlungu ukuthi akekho ofuna ukuthatha isinyathelo alungise le nkinga esibhekene nayo. Uma uthi uyazama njengomzali ukuqondisa umntwana uHulumeni uyangenelela ufune ukukubopha njengomzali. Uma uthisha ezama ukususa ubulima obusentanyeni yomntwana, elithe iBhayibheli bususwa ngoswazi, uHulumeni ubavikela kakhulu abantwana futhi ubatshele namalungelo abo. 

Uma sekunomonakalo esikoleni, akubhekwa zonke lezi zinto eziyimbangela yalo monakalo. Yiloyo naloyo uzama ukuvikela owakhe umsebenzi. Izinyunyana ezimele othisha zidla izimali zabo mahhala ngoba azifuni ukusukuma zikhulumele othisha. Zigijima kuqala ziyobophisa uthisha obezama ukwelekelela nokulima indima yomzali. Okubuhlungu ukuthi thina aboHlanga sikhuliswe ngenhlonipho futhi sashaywa uma sigangile kodwa sifuna izingane zethu zingashaywa futhi zingaqondiswa izigwegwe uma zenze umonakalo. 

Uma kusekhona izikole lapho abantwana beziphethe kahle kusho ukuthi izinto zingalunga. Okusemqoka ukuthi sisukume singabazali sizilungisele thina. Asikwazi ukuletha abantwana emhlabeni bese behlula thina. Okusemqoka ukuthi sibambisane singabazali. Akungabi nengane eyenza izinto ezimbi phambi kwakho uthule nje. Asiyeke ukugijima siye ezinkundleni zokuxhumana siyokhala ngento esingakwazi ukuzilungisela yona.

Scroll To Top