Sekwenze muphi umehluko ukuhlumelelisa emajele akuleli?
UMusa KMB Mpanza ungumfundi weziqu zobuDokotela kumkhakha wezokuXhumana e-University of…
Ngabe indlela esetshenziswayo ezindaweni okugcinwa kuzo iziboshwa iyaphumelela, uma kunjalo kungani zigcwele?
Izwe iNingizimu Afrika ibhekene nengwadla yokugcwala ngokweqile kwamajele, ukuputshuka kwamavidiyo emikhuba eyenziwa ojele neziboshwa, ukusolakala kwenkohlakalo enuka phu kwamanye amajele. Iyothiwani le nkiyankiya? Isisombululo kungaba yini?
Esikhathini esingengakanani esedlule izigcwelegcwele zaziboshwa ngenxa yokugcweleza abantu, bese ziboshwa ngenhloso yokuzijezisa. Emveni kokuqala kukaHulumeni wentando yeningi, kwaguqulwa kwathiwa izigcwelegcwele aziboshwe ngenhloso yokuzihlumelelisa izimilo. Ingabe le ndlela yokujezisa ngenhloso yokuhlumelelisa isimilo iyasebenza na? Uma kuwukuthi iyasebenza kungani amajele egcwele ephuphuma? Kungani futhi izigebengu esezike zaboshwa zaphinde zaphuma bese zibuyela ebugebengwini?
Ngiyazi ukuthi indlela yakudala yayibuhlungu ngoba kwakukhona ngisho isigwebo sentambo esasibukeka sigadla kakhulu kwaboHlanga. Namanje isizwe sisazikhotha amanxeba ngamaqhawe afana noKgosi Mampuru owahengwa esidlangalaleni ngowe-1883, noSolomon Kalushi Mahlangu naye owalengiswa ngowe-1979 emuva kweminyaka ecishe ifike kwelikhulu uHulumeni walengisa uMampuru. Bobabili balengiswa uHulumeni ngenhloso yokubajezisa. Okubuhlungu ngabo ukuthi babengezona izoni ezigadla ziphindelela kubagilwa.
Ngaphesheya konyaka wezi-2000 sekukhona izinkinga ezintsha ezinjengezigebengu ezidlwengula ziphindelela, zibulale abantu besifazane nezingane, izimoto ezithwala imali nama-ATM kushaywa ngeziqhumane emini kwabha. Pho sophuma kanjani njengesizwe kule nkinga? Injobo enhle ithungelwa ebandla bakwethu, angeke silwe nobugebengu obusha sisebenzisa indlela endala yokwenza izinto.
Uma kuwukuthi siyoke sifike lapho khona abasolwa ngokwenza okubi beyojeziswa khona ngesilinganiso esifana nalokhu abakwenza kubagilwa babo, kuyofanele kwenziwe isiqiniseko sokuthi ngempela yibo abenzi bobubi. Kuyobaluleka kakhulu ukuthi lingenzeki iphutha lokuthi umuntu ajeziswe kanzima bese kuthi emuva kwesikhathi eside kuvele ukuthi kwajeziswa umuntu okungesiye.
Olwami uvo luthi, uHulumeni neqembu elibusayo kuzomele baqinisekise ukuthi abantu abadlwengulayo, ababulali, ababamba inkunzi kuhlonyiwe, ababulala amaphoyisa, abantshontsha izimoto, ukubamba inkunzi kuhlonyiwe bajeza kanzima. Sonke siyazi ukuthi inkunzi emancushe kodwa esiqala ukuba uhlupho iyathenwa ukuze amandla ayo asisebenzele sonke emasimini. Ngakho-ke umuntu odlwengulayo akathenwe ithuluzi lelo alisebenzisa kungafanele bese kuthi ababamba inkunzi baphinde babulale amaphoyisa nabo benziwe lokhu abakwenza emaphoyiseni. Kuvele kube khona umthetho othi iso ngeso.
Uma kuwukuthi nalapho uHulumeni uyehluleka sekomele kubuyekezwe uhlelo lokuhlumeleliswa kwezimilo lwenziwe kabusha. Uhlelo lokuhlunyeleliswa kwezimilo lungasebenza kahle, into edingekayo ukuthi mhla umuntu ephuma ejele akalandwe abantu bakubo ejele. Inkinga njengamanje ukuthi umuntu uthi ekhishwa ejelwe avele ashiywe edolobheni langakubo bese ezibonela njengechwane lenyoka.
Omunye ethi uyafika ekhaya athole ukuthi abazali sebashona bonke noma laba bantu abakhona ekhaya abamfuni nalapho ehambe khona. Umuntu owaboshwa ngenxa yokuthi wawona umndeni maningi amathuba okuthi mhla ephuma ejele athi uyafika ekhaya athole ukuthi akafunwa muntu. Ikakhulukazi emindenini emikhulu kunezinkinga ezinkulu zakhona othola ukuthi ingane yomunye umama yone eyomunye bese uhlukana phakathi umndeni. Kwesinye isikhathi uthola ukuthi umuntu wenza isigameko esiduma sonke isigodi sangakubo, lapha indaba yakhe isingeyomphakathi mhla ephuma ejele uthole ukuthi kukhona abathi naye makenziwe lokhu naye akwenza abanye ngaphambi kokuthi aboshwe.
Udaba lokuhlunyeleliswa kwezimilo lumqoka kakhulu ngoba iyona ndlela okufanele ngabe kwenziwa ngayo isiqiniseko sokuthi oseke waboshwa akaphindeli ukuyobhadla ejele ngenxa yokuthi umndeni namalungu omphakathi amcwase waze waphindela ebugebengwini. Manje kungaqalwa kuphi? Asiqale sibambisane noHulumeni ekuhlumeleliseni izimilo ngokuthi abazali bazivakashele izingane zabo uma zisaboshwe okokuqala. Kuphindwe kuqinisekiswe ukuthi akekho umuntu ohlala ejele ishumi leminyaka kodwa mhla ebuya akanaso ngisho isitifiketi sikamatikuletsheni.
Ngaphezulu kukamatikuletsheni abantu abasemajele kungakuhle bafundele amakhono afana nokulungisa izimoto, ukwakha imizi, ukucula, ukulingisa, ukuloba izinkondlo, ukudlala okhehlegume neminye iminxa engenza ukuthi umuntu akwazi ukuziphilisa ngekhono lakhe. Lokhu ngikusho ngoba sengike ngabona abantu bephuma emajele neziqu ezingawudingi umlando wokuthi umuntu uke waboshwa. Imisebenzi imfimfa ngisho kubantu abangakaze baboshwe kodwa abaneziqu zemfundo ephakeme, kangakanani-ke kumuntu oseke waboshelwa amacala okuhlukumeza abesifazane nezingane noma ukubamba inkunzi kuhlonyiwe.
UNgqongqoshe Wezobulungiswa uMnu uRonald Lamula kuyofanele abuyekeze yonke imfundo etholakala ngaphakathi emajele akuleli zwe. Uma umuntu oboshiwe efunda ngaphakathi ejele kubalulekile ukuthi umndeni mhlawumbe nomphakathi bazi ukuze inqubekela phambili yakhe yaziwe nalapho ephuma khona.
Ngaleyo ndlela kuyokwazeka ukuthi usezimisele kangakanani ukushintsha. Uma lolu hlelo lwemfundo luhlinzekwa ngaphandle komndeni kanye nomphakathi izoqhubeka imfundo yangaphakathi ejele nokuthela imbijana yezithelo.
UHulumeni uma engathola indlela engcono yokubambisana nemiphakathi ekuhlinzekeni ngemfundo namakhono cishe isibalo sabantu abangaphakathi ejele kodwa esebake badedelwa phambilini babuye bona singehla. Nanokuthi uma umuntu esezodedelwa sengathi imindeni eyahlukunyezwa umsolwa ingaziswa engakaphumi ikakhulukazi emacaleni athinta ukubulala ngoba uma umndeni usuzwa ngabasiki bebunda ukuthi umenzi wobubi uphumile abanye bayaye bafise ngisho nokuziphindiselela.
Sekucacela ingane ekhasela eziko ukuthi alikho ikhambi elingelapha lesi simo lilodwa ngoba kuningi kakhulu okudingekayo. Into esingayenza yikho ukubambisana noHulumeni senze isiqiniseko sokuthi umuntu onengane eboshiwe noma umlingani wakhe uyamnaka. Uma singaqala ekutheni senze yonke imizamo yokuthi umuntu oseke waboshwa akaphindi aboshwe (recidivism) kungabangcono. Omunye umzamo ilona esengiwubalulile ngenhla wokusebenzisana kwethu singamalungu omndeni, uHulumeni kanye nomphakathi (reintegration). Uma kuzozonke lezi zinhlaka kukhona uhlaka oluhudula izinyawo umphumela kuba ukubuyela kwesoni ejele.
Angikholwa ukuthi ukhona umndeni ongathi wona awukaze ube naye umuntu oseke waboshwa emlamdweni wawo. Ngalawo mazwi ngithi kungakuhle nayo imindeni lapho abasolwa bephuma khona bangabavuni ngoba kungenzeka abasolwa bazitshele ukuthi bona bahlakaniphile futhi bangamaqili akwazi ukuzikhotha emhlane. Isigebengu kumele sitshelwe ezikabhoqo ngemikhuba yaso emibi kodwa futhi sazi ukuthi umuntu akalahlwa.
Uma kwenzeka ukuthi umuntu ubugebengu ubenza ephindelela, uphuma engena ejele lokho kusho khona ukuthi izinhlelo zokuhlunyeleliswa kwesimilo zehlulekile. Uma izinhlelo zokumhlumelelisa sezehlulekile mhlawumbe isixazululo yikho ukuthi naye enziwe lokhu akwenze abagilwa. Uma edlwengula ephindelela akathenwe. Uma engumalugaju nakuye ishoba alilale amazolo.