Now Reading
Bayifutha bejeqeza onondweba
Dark Light

Bayifutha bejeqeza onondweba

Ukuba unompempe ezigabeni eziphansi kunzima njengoba usuke usengcupheni yokuthola induku kwazise kudlalwa ezinkundleni okungena noma ubani futhi abomthetho abavamile ukubakhona.

IBAYEDE ikhulume noBhekani Zitha ongunompempe odlalisa kulezi igaba, othe naye useke wazithola ebhekana nolaka lwabadlali nabalandeli.

“Iqiniso lithi usuke ungakavuthwa uma ungunompempe udlalisa ezigabeni ezincane ungakaze uzithole ujahwa elinye la maqembu. Sekuke kwangehlela lapho kwakutholene  iKwaDukuza United neKwaDabeka United ayegijima ku-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal. Lo mdlalo wawuseSJ Smith Stadium, eWema, ngesizini yangowezi-2018/19. Lo mdlalo wagcina unqotshwe iKwaDabeka United,” kusho uZitha.

Inhlangano ephethe ibhola kuleli, iSouth African Football Association (SAFA), siyayinxusa ukuthi izame ukuba iqinise ezokuphepha ikakhulukazi emidlalweni ye-ABC Motsepe okuhlezi kunezigigaba kuyona,” usho kanje.

Lo nompempe oneminyaka yobudala engama-30 waphothula isikole eKusasalethu High School eMtubatuba. Uqale ukudlalisa ngonyaka wezi-2008 lapho ayeneminyaka yobudala eli-18.

IBAYEDE imbuza ukuthi njengoba ayeneminyaka eli-18, iminyaka imvuma ukuthi adlale kungani ayengadlali?

“Unobhutshuzwayo umdlalo engiwuthanda ngenhliziyo yami yonke, ngeke ngakufihla ukuthi ngangifisa ukuwudlala kodwa kwala khona. Ingakho ngathatha isinqumo sokuba ngunompempe ngoba ngangifuna ukuhlezi ngisenkundleni, ngicabanga ukuthi isinqumo engasithatha saba ngesiphusile,” kunaba uZitha obukela ku-Eugene Mdluli.

Usedlalise imiqhudelwano eminingi ehamba phambili lapha eNingizimu Afrika okubalwa iProvincial Kay Motsepe School, iNdamase Cup lapho kusuke kuhlonishwa izinkakha, iCoca Cola National Championship, iMcDonald, i-Engen, iDanone.  Akagcini lapho ubuye adlalise imidlalo yeSAB League, i-ABC Motsepe League aphinde adlalise umqhudelwano oba njalo ngoZibandela obizwa ngeSouth African Local Government Association (SALGA). 

Ebuzwa ngokuthi njengoba edlalisa ngabe uhola kanjani, uthe: “Sisesigabeni sokukhula lokho okuchaza ukuthi asiholi kodwa sithola imali yokuthi sithenge izinto zokugcoba kanye nokuthenga insipho. 

Kwesinye isikhathi kuke kube nzima ukuthi sifike enkundleni, okwenza lokho imali sisuke singenayo kodwa sigcine sifikile ngoba awukho umdlalo ngaphandle kwethu thina onompempe.”

Njengoba imidlalo imisiwe ngenxa yokhuvethe kunzima ukuxosha ikati eziko kuZitha njengoba kuyiwona kuphela umsebenzi aziphilisa ngawo ukuba ngunondweba.

See Also

Esonga uthe: “Isifiso sami ukuthi ngelinye ilanga ngibalwe nonompempe abahamba phambili kuleli, ngidlalise kuPremier Soccer League (PSL). Okunye ukuthi ngibe usomabhizinisi ozimele.”

IBAYEDE iphinde yakhuluma nomunye unompempe uBuyani “Koya” Mchunu, naye ovumelana noZitha ukuthi kumele kube khona okwenziwayo ezigabeni eziphansi ukuze onondweba bezophepha. 

“Ngeke ngaqamba amanga ngithi sengike ngashaywa okanye ngajahwa ngidlalisa, kodwa ngeke sakuphika ukuthi kuyaba khona ukuhluthuka kwezinhliziyo kubaphathi nakubalandeli bamaqembu bagcine sebenza okuphambene nomthetho. Siyadinga ukuba siphephe ngoba uma sidlalisa sisuke singaphephile.” kusho uMchunu.

UMchunu udlalisa kuDurban Central Local Football Association (DCLFA) nakuSAB League.

Nyakenye ku-ABC Motsepe League kulesi sifundazwe kwaba nesigameko esaba sematheni lapho unompempe uMongezi Mpungela azithola ehlaselwa, kulowo mdlalo kwakutholene phezulu iSummerfield ne-X1 Experience.

Scroll To Top