Now Reading
IKomidi lezokuPhepha lifuna kungenelele uGeneral Sitole
Dark Light

IKomidi lezokuPhepha lifuna kungenelele uGeneral Sitole

IKOMIDI lePhalamende loMnyango Wezamaphoyisa oholwa uNgqongqoshe uMnu uBheki Cele izolo likhiphe isitatimende lapho lithe liyiqaphelile imibiko yabezindaba eveza ukuthi uHlaka  LukaHulumeni olusebenza Ngezobuchwepheshe iState Information Technology Agency (Sita) lusabisa ngokuphazamisa ukusebenza kwezinto ezithinta ubuchwepheshe kuHulumeni ngoba lukhala ngokuthi alukhokhelwe.

USihlalo Wekomidi laloMnyango uMnu uFrancois Beukman, uthe uma benza lokhu kuzothumela umyalezo omubi ophikweni lwamaphoyisa kuphazamise nokusebenza kwawo amacala athile abucayi.“Lesi yisimo esingabekezeleleki kuzodingeka ukuba abasezikhundleni eziphezulu emaphoyiseni bangenelele ngokukhulu ukushesha,” kusho uBeukman.

Uqhube wathi beyikomidi bakholelwa ukuthi izinga lobuchwepheshe ophikweni lakwa South African Police Services (SAPS) liphansi kakhulu yingakho bebona ukuthi kunesidingo sokuba kungenelele iziphathimandla.

Uthe uMkhuzi wamaphoyisa uGeneral Khehla Sitole kumele kube nguye wokuqala ukungenelela kanjalo noMnu uBheki Cele njengoNgqogqoshe.

See Also

Uthe ezinye zezivumelwano ezasayinwa sokusebenzisana phakathi kweSAPS neSeta zibucayi kakhulu futhi zithinta nezokuphepha ezingeni eliphezulu. “Kumele kube khona okwenziwayo ukuvimbela ukuphazamiseka kokusebenza okuthinta ezobuchwepheshe namabhizinisi.

Uthe muva nje kunokuningi okungahambi kahle abakubonile kwezinye izivumelwano zokusebenzisana okuvele ngesikhathi abe-Independent Police Inspectorate Directorate benza ucwaningo ngalezi zivumelwano. “IKomidi lilindele ukuba uMkhuzi wamaphoyisa amemezele ukuqala kophenyo mayelana nakho konke lokhu okuvelayo oluzothinta lenkampani, iSAPS nazo zonke izinhlaka ezithintekayo. Okunye okusolwa ukuthi bekuwumkhonyovu kuvele ngesikhathi kukhona abathi izinkampani ezinikwa umsebenzi kumele zilandelwe kabanzi. Kulindeleke ukuthi iKomidi lenze izethulo zalo maduze nje.

Scroll To Top