Amajita asethubeni lokuzibekelela umlando omusha kwiNdebe YoMhlaba
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi wa-Amajita uRaymond Mdaka kanye nalo lonke iqembu lakuleli basethubeni lokuzibekelela umlando omusha kwiNdebe YoMhlaba.
Elakuleli selibe yingxenye amahlandla amane kwiNdebe YoMhlaba yabaneminyaka engaphansi kwengama-20, okungekuhle ukuthi alikaze lifike kwimidlalo yamaQuarter-Finals. Ukugcina ukwenza kahle kwabe kungunyaka wezi-2009 lapho lawashiswa ijezi selikwiLast 16.
Kweminye iminyaka liwasha ijezi lisadlale imidlalo yamaqoqo lokho kwenzeke ngowe-1997, ngowezi-2017 kanye nangowezi-2019.
Namuhla lizodlala umdlalo weLast 16 lapho lizobhekana neColombia, lo mdlalo kulindeleke uqale ngele-21:30.
EzikaMdaka ziya kulo mdlalo nokukhulu ukuzithemba njengoba zikwaze ukuhlula i-USA ebingagayelwa mphako kwimidlalo yamaqoqo.
Amajita aqede endaweni yesibili kwiqoqo E, abe namaphuzu ayisithupha ngokulingana ne-USA kanye neFrance umehluko kube amagoli. IColombia nayo iqede endaweni yesibili kuqoqo F lapho ibineNorway, iNigeria neSaudi Arabia.
Kumazwe asezibekisele indawo kumaQuarter-Final, iSpain esihlule i-Ukraine ngegoli elilodwa eqandeni, kube iMexico ebhaxabule iChile engosokhaya ngamagoli amane kwelilodwa.

