Now Reading
Bayanda abagaqele izigidi zikamufi uMabuza emndenini
Dark Light

Bayanda abagaqele izigidi zikamufi uMabuza emndenini

Udadewabo wowabe eyiSekela likaMengameli wezwe uMnu uDavid DD Mabuza uthe isikhathi sokuthi bangahlala phansi bengumndeni bakhumelane umlotha ngombango wefa likamfowabo sesiphelile, bakuzamile lokho ngaphambilini kwanhlanga zomuka nomoya.

UNks uZandile Mabuza ukhulume kanje emuva kwezincomo ezenziwe uMehluleli uJohannes Hendrickus weNkantolo eNkulu eMpulanga ophakamise ukuthi umndeni uhlale phansi uludingide lolu daba. Uthe umndeni wawungenakho ukuxhumana okukhulu nonkosikazi kaMabuza uNkk uPatience Mnisi. Nguye ukaMnisi owayebekwe uMabuza njengomuntu okumele ahlomule emafeni akhe. 

UMehluleli uHendrickus uthe ngaphambi kokutholakala kwesixazululo uzokumisa ukwabiwa kwefa lezigidigidi ezingama-R44,7 zikaMabuza. “INkantolo inomthwalo wokwenza izixazululo nokugqugquzela ukubuyisana kodwa kumele kube khona onqobayo nokhala ngaphansi. Okunye okube nomthelela esinqumweni sami ukuthi umshuwalensi awuzange uchaze ukuthi lemali yefa kamufi eyempesheni yini okanye eyomshuwalensi,”

See Also

Inkantolo ibe isinquma ukuthi inkampani yomshuwalensi ikhokhe izindleko zenkantolo ngaleli cala. Udaba luze luye enkantolo nje yingenxa yendodakazi kaMabuza ayithola engazalwa uPatience eshaya phansi ngonyawo ukuthi umama omncane wakhe angatholi lutho ezimalini zikayise.

Scroll To Top