Ngabe sekuyizo izithelo zeBrics?
Cishe ezimotweni ezingama-20 ezidlula emigwaqeni yaseNingizimu Afrika kulezinsuku, enye yazo kusuke kungeyohlobo lwaseShayina. Ngesikhathi izimoto zaseShayina ziqala ukutheleka kuleli, kube nemvunge, bebodwa ababuza ukuthi zizohlala isikhathi esingakanani. Kukhona abangakufihlanga ukuthi ngeke zilibone elidlalayo kuzinkunzimalanga esezizinzile njengamaJalimane akhiqiza i-Audi, iVW, iMercedes, namaJapan agadla ngeToyota, iSuzuki.
Emuva kweminyaka emibili engenise okomlilo wequbula amaShayina eNingizimu Afrika sekuyaqala ukuzwela. Izinkampani ezinkulu zezimoto ezinomlando omude ezweni seziqalile ukuyivuma induku.
Izinyanga ezingu 18 ezedlule zibe ngezimatasa kakhulu emkhakheni wezimoto kuleli. Kusuka ekwethulweni kwezimoto ezintsha sha, ezingama face lift kuze kuyoshaya kwezishaya
ibuya. Akungatshazwa ukuthi okwenze kwaba matasa kakhulu ukutheleka kwezinkampani zezimoto zaseShayina ezifike zaguqula ikhasi kule mboni. Ibe nkulu imvunge ekuthelekeni kwazo wena owabona kungena umakoti omusha emzini. Kimina imoto yamaShayina engigeze igilo iGAC Emkoo neyakwabo i-Emzoom.
I-GAC Emkoo
Uma siqala ukubheka i-Emkoo akuyona imoto entsha kwazise sekuphele unyaka ikhona emakethe futhi yenza kahle. Emuva konyaka i-Emkoo yethulwa kuleli ligcine lifikile elingayilo lokuyivivinya. Ngenxa yemibuzo eminingi ebengihlangana nayo ngesikhashana nje ngihamba nge-Emkoo kungiphoqile ukuba ngithi ukuma kancane ngibuyele emuva ngcwaningisise kahle kahle ngayo. Into yokuqala nje abantu abafuna ukuyazi ukuthi: Ingeyakuphi, igama i-Emkoo lisho ukuthini nokunye okuningi. Ngokolimi lwseShayina igama i-Emkoo lisho ukuthi Yingku okuchaza, into esezingeni futhi enesizotha.
Emkoo ne-Emzoom yizimoto zandawonye kanti kuleli zenganyelwe inkampani ebizwa ngeSalvador Caetano, engaphansi kweGAC Motors. Isakhiwo salezimoto sixoxa indaba futhi akubuzwa ukuthi ziqondiswe kuhlobo lwabantu abathanda isitayela nezinto ezithe thuthu ngezinga. Isakhiwo se-Emkoo yiso kanye iGAC Motors ethi bayidayi ngaso, nalapho ngivumelana nabo ngokungangabazi ngoba abashayanga eceleni. Yize sekuphele unyaka yatheleka ezweni, namanje isawujija umqala. Lapho iqhamuka khona iyahluka kwezinye izimoto. Ingaphambili kufgrille lixoxa indaba.
Ishaya ngamalambu asuka kubhonethi aze ayogamanxa kugrille ethi ayibe zazisefo bese phakathi nendawo bayithi chwa ngophawu lakwaGAC. Iphuma namalambu ematrix LED ongacisha ngisho inaliti uma ekhanya. Indaba yamalambu ihamba ize iyogamanxa ngemuva kuma taillights ayi LED abukeka njengophawu luka X. Siyawadonsa amehlo ispoiler sakhona esizishaya iMecha esihambisana ncamashi namalambu.
Engikuqaphelile ukuthi ngaphandle nje kokuthi sengeza ubuhle siphinde siqinisekise nokuphepha ngoba umshayeli oza ngemuva kwe-Emkoo ukwazi ukuyibona isekude.
Ngaphakathi angeke usinike esiboni
Ishaya ngezihlalo zesikhumba ezigqize ngento oyoze uyilahle yestich. Kuphinde kube nenxanxathela yamabhathini ngakudashboard okukhona nelilawula umoya. engikubone kuwuvala ngaphakathi ama screens amathathu okukhona kuwo iscreen esingu 10.1 inch se infotainment esisebenza ngokuthi usichofoze mbijana, esinye esingu 10 inch digital instrument bese ivala ngeHead-Up Display (HUD).
Angeke nangengozi zikudide, uzithole usususa amehlo emgwaqeni. Indlela iHead-Up Display abayihlele ngayo yenza ugcine usukhohliwe ukubheka ijubane ohamba ngalo kuDashboard futhi igqamile yase iba nkulu okuyinto ongeke uyithole kwezinye izinhlobo zezimoto. IPanoramic Sunroof ewugabagaba itholakala kuzona zonke izinhlobo ze-Emkoo ne-Emzoom. Into yokuqala undodana wami uNhlamvuyelenga ayiqaphelile kulezimoto zombili ukuthi iSunroof ivuleka ize iyogamanxa ngemuva, okwenza nabahleli ngemuva bawuzwe umuzwa wayo.
E-Emkoo iphuma nenjini engu 1.5 litre TGDI edonsa ngamagiya angu 7 iyi dual clutch transmission. Ikhiqiza amandla angu 130kW betorque engu 270Nm. Angilisho iqiniso emgwaqeni iphathana kahle ikakhulu uma uzoyidedela kuthelawayeka.Ngiyibone idla amalitha angu 7.1 kuya ku 7.9 ngebanga lika 100km. Amasondo angu 19 inch ayayilekelela ezindaweni ezingezinhle njengale ekhaya kwaShozi Mazungu eMishini e-Adams. ubude bayo obungu 1 901, yase iluleka ngo 2 750 mm kwenza abagibeli bahlale ngokukhululeka.
Intengo ye-Emkoo isukela kuR519 900 kodwa lena ebesiyivivinya yohlobo lwe-executive Plus ingu R559,900.

