Now Reading
Uvele ohlwini losaziwayo abasematheni e-Afrika owanqoba iBig Brother
Dark Light

Uvele ohlwini losaziwayo abasematheni e-Afrika owanqoba iBig Brother

Kuyinto ejwayelekile ukuba sematheni kosaziwayo ngenxa yezigameko ezihleze zenzeka ezimpilweni zabo, ezishiya abalandeli bekhexile, bejabule noma bejabhile. Empeleni yikho kanye lokho okubenza baziwe futhi bathandwe noma bazondwe yizinkumbi zabalandeli.

Kamumva iTop Chart Africa, okuyinkampani ebheka okwenzeka ezweni kwezokuxhumana imizuzu nemizuzu ikhiphe uhlu losaziwayo okukhulunywe ngabo kakhulu masonto onke e-Afrika kusukela ku-16 kuya ku-24 kuNhlangulana. Kulohlu kukhona osaziwo abangama-50 abahlonishwayo ezwenikazi nokubalwa kubo abaculi uWizkid noTyla, osopolitiki okubalwa umholi weqembu uMkhonto Wesizwe uMnu uJacob Zuma noMnu uJulius Malema ohola i-Economic Freedom Fighters. U-Akhonamathemba “Sweet Guluva” ube kwinombolo yesibili kuloluhlu edlulwa nguMnu uBola Ahmed Tinubu onguMengameli waseNigeria. Abanye balabo saziwayo behleze beba kuloluhlu, kuye ngokusuke kwenzeka ngaleso sikhathi.

Ngemva kokuvezwa kwaloluhle kuchwaze abalandeli bakaSweet Guluva abazibiza “ngamaSweet G’s” ezinkundleni zokuxhumana kwaba inqaba.

Okuyikho obekuthokozisa abalandeli ngokuvela kwakhe kuloluhlu ukuthi akuzona izizathu ezimbi ezenza abe sematheni kepha imiphumela yokuzikhandla nokuzimisela kwakhe kwakwenzayo okuhleze kukhulunywa ngakho.

USweet Guluva waba sezinhlizweni zabaningi ngenxa yogazi analo mhla eba sohlelweni lukamabonakude olwaziwa ngeBig Brother Mzansi yesihlanu ekuqaleni kwalonyaka. Kuloluhlelo wayeqhakambisa ubuyena nemvelaphi yakhe ngendlela enamancoko. Ekupheleni kwalokuhlelo wahlomula ngomklomelo wezigidi ezimbili. Kusukela lapho abalandeni bakhe abawuvali umlomo ngalensizwa yaseNquthu eneminyaka engama-23.

See Also

Ngaphambi kokuvela kokuba semehlweni abantu, u-Akhonamathemba ongumfundi waseCape Peninsula University of Technology ubengumgundi wezinwele aphinde abe umculi nesifiso sokuba umlingisi. Njengamanje uyinxusa lesikhondlakhondla sezokusakaza ngezomoya iMzansi Magic, kanti uphinde asebenzisane nezinkampani eziningi njenge-Influencer.

Usanda kukhipha ingoma ebizwa ngokuthi “Sweet Guluva” ayihlanganise noNdloh Jnr, Nokwazi Dlamini kanye noDJ Zinhle ongomunye wosaziwayo abahlinishwayo endimeni yomculo eNingizimu Africa.

Scroll To Top