Now Reading
UMbeki unethemba lokuthi ubuholi obusha be-AU buzobhekana nezinselelo ezibhekene nezwekazi
Dark Light

UMbeki unethemba lokuthi ubuholi obusha be-AU buzobhekana nezinselelo ezibhekene nezwekazi

OwayenguMengameli waphambilini eNingizimu Afrika uThabo Mbeki usehalalisele uSihlalo weKhomishana ye-African Union (i-AU) osanda kukhethwa, uMahmoud Ali Youssouf kanye nesekela lakhe, iNxusa u-Selma Haddadi. UMbeki uthi unethemba lokuthi ubuholi obusha buzobhekana nezinselelo ezinzima ezibhekene nezwekazi.

UYoussouf uthathe izintambo njengosihlalo weKhomishana phakathi kwezicelo ezikhulayo zokuthi kuqedwe ukulwa eMpumalanga yeDemocratic Republic of Congo, isimo esibi eSudan kanye nobushokobezi esifundeni saseSahel. Losomaqhinga wase-Djibouti ufunge wagomela ukuthi uzoyisa i-AU ezindaweni eziphakeme futhi abe maphakathi noguquko ezwenikazi.

UMbeki uthi unethemba lokuthi ubuholi obusha be-AU buzolwela ubumbano nentuthuko ezwenikazi. Ubuye wengeza ngokuthi izingxabano eziningi ezikhungethe izwekazi zidinga ukunakwa nokuxazululwa ngokushesha ukuze kuqinisekwe ukuthi intuthuko yase-Afrika ingaqala ngempela.

UMengameli wangaphambilini uthe usihlalo we-AU uYoussof kanye nesekela lakhe u-Haddadi kumele banikeze ubuholi obucacile, obunojuqu obudingekayo ukuze kuqinisekiswe ukuthi izinqubomgomo namasu alungile ayasetshenziswa ukuze kuzuze wonke amazwe ase-Afrika kanye nabantu bawo.

See Also

UMbeki uqhube wathi ukubheke ngabomvu ukusebenzisana nomphathi we-AU nabanye abadlali ababalulekile ekukhuthazeni inhlalakahle, isithunzi nenqubekela phambili yabo bonke abantu base-Afrika.

Scroll To Top