Now Reading
Kuningi okuzocaca njengoba isiya ngokugoqwa isizini kuDStv
Dark Light

Kuningi okuzocaca njengoba isiya ngokugoqwa isizini kuDStv

Kuzocaca okuningi kuDStv Premiership kule mpelasonto yokugcina emaqenjini amaningi agijima esigabeni esikhulu eNingizimu Afrika.

Intatheli yelaboHlanga, uZipho Singela ibheka izinto ezine ezibhekwe ngamehlo abomvu kule mpelasonto emqoka yemidlalo yeligi kuleli.

Impi yezembe

Mathathu amaqembu alengela engozini yokugawulwa yezembe kuDSTV Premiership. La maqembu singabala iBaroka FC, iSwallows FC neTS Galaxy FC.

iBaroka FC

Iyona ebambe ibhuleki kulogi yeDStv Premiership ngamaphuzu angama-25 ngemuva kwemidlalo engama-29. Idinga amaphuzu amathathu uma isibhekene neMaritzburg United emdlalweni wokugcina eHarry Gwala Stadium kusasa ngele-3 ntambama. Uma ingaphumelela ukuguqisa iTeam of Choice bese kuthi iTS Galaxy ishaywe yiChippa United neSwallows ikhale ngaphansi kuKaizer Chiefs, leli qembu laseLimpopo lizosinda ezembeni.

iSwallows FC

ISwallows ihlezi endaweni ye-15 kulogi ngamaphuzu angama-25 ngemuva kwemidlalo engama-29. Ihlukaniswe umehluko wamagoli neBaroka FC. Izinyoni zizobhekana nabakhaya bazo abadala iChiefs emdlalweni wokugcina kusasa ngele-3 ntambama eFNB Stadium. Uma zishaya iChiefs bese iTS Galaxy ithelwe othulini yiChippa United eNelson Mandela Bay Stadium kuzosho ukuthi Izinyoni ziyasinda ezembeni kungakhathelele ukuthi iBaroka iyanqoba noma iyahlulwa yini.

iTS Galaxy FC

Konke kusezandleni zawo amaRockets. Adinga ukushaya iChippa United eGqeberha bese eyasinda ezembeni ukuthi kwenzakalani kweminye imidlalo lokho akusathi shu kuwona. Kungenjalo uma edlala ngokulingana bese iBaroka ishaye iTeam of Choice neSwallows iguqise Amakhosi kobe kuphelile ngeGalaxy. Wonke amaqembu ayophelele emaphuzwini angama-28 bese iGalaxy igawulwa yizembe ngenxa yomehluko wamagoli. Enye into iGalaxy ezoyithandazela uma ihlulwa wukuthi neZinyoni neBaroka banganqobi noma badlale ngokulingana.

Kungani iMaritzburg ibukeka isisindile ezembeni?

Umehluko wayo wamagoli muhle ngendlela eyisimanga (-9) uma uwuqhathanisa neSwallows (-14), iBaroka FC (-17) neGalaxy (-17). Njengamanje iTeam of Choice inamaphuzu angama-28 emidlalweni engama-28. IBaroka neSwallows angeke basakwazi ukudlula lesi sibalo samaphuzu kodwa basangafinyelela kusona. Lokhu kusho ukuthi iMaritzburg kumele ishaywe ngembudlu yamagoli uma isibhekene neBaroka ne-Orlando Pirates bese iBaroka, iSwallows neTS Galaxy banqobe ngembudlu yamagoli emidlalweni yabo yokugcina.

Okwesibili, irekhodi likaCollins “Ntofontofo” Mbesuma

Ngowezi-2004/05, umgadli weKaizer Chiefs uMbesuma washaya amagoli angama-25 emidlalweni yeligi. Namanje leli rekhodi lisamile kodwa umgadli weMamelodi Sundowns uPeter Shalulile usethubeni elihle lokulephula. Njengamanje lo mgadli odabuka eNamibia usehlohle amagoli angama-22. Udinga amagoli amane kowokugcina abazowudlala neRoyal AM kusasa ngama-3 ntambama eChatsworth Stadium bese ephathe leli rekhodi. Uma engashaya amathathu uzolifica leli rekhodi. Wonke amehlo azobe ethe njo kuShalulile kule mpelasonto ekutheni alinganise leli rekhodi. Kule sizini, uShalulile useke wayibhakuzisa inethi amahlandla amathathu emdlalweni owodwa. Babebhekene neqembu KwaZulu-Natal, iLamontville Golden Arrows. Nakusasa babhekene nelinye iqembu laseKZN.

See Also

Okwesithathu, umbango wokuzibekisela indawo kuMTN8

Lo mbango uphakathi kwamaqembu kweLamontville Golden Arrows neSuperSport United. IMamelodi Sundowns, iRoyal AM, iCape Town City, iKaizer Chiefs, iStellenbosch FC, AmaZulu ne-Orlando Pirates bavele sebezibekisele indawo kuMTN8. Sekusele isikhala seqembu elilodwa. Amaqembu abangayo Amatsatsantsa A Pitori naBafana Bes’thende. Womabili amaqembu abambene ngamaphuzu angama-37 ngemuva kwemidlalo engama-29. Ahlukaniswe umehluko womagoli. Amatsatsantsa azovala neZimnyama mhla lulunye kuNhlangulana bese Abafana Bes’thende bavale noSuthu kusasa ngele-3 ntambama eMoses Mabhida Stadium. I-Arrows izothandazela ukuthi iPirates ishaye iSuperSport noma badlale ngokulingana bese yona iguqisa Usuthu. Uma idlala ngokulingana bese iSuperSport ishaywa yiPirates kuzosho ukuthi i-Arrows izoqeda ibalwa namaqembu ayisishiyagalombili aphezulu.

Okwesine, isiphithiphithi sokulwela indawo emiqhudelwaneni yeConfederation of African Football (Caf)

Uvutha bhe umbango wokuzibekisela indawo kuCaf Champions League nakuCaf Confederation Cup. ICape Town City, Royal AM, Kaizer Chiefs neStellenbosh FC bonke balwela ukuzibekisela indawo kweyeCaf.

Caf Champions League neCaf Confederation Cup

ICitizen, Amakhosi neRoyal AM bonke basethubeni lokujoyina iMamelodi Sundowns kuChampions League. Ama-Brazilians avele asezibekisele indawo kuChampions League. ICity ihlezi endaweni yesibili ngamaphuzu angama-49 emidlalweni engama-29 bese kuthi iRoyal AM ilale isithathu ngamaphuzu angama-46 emidlalweni engama-28.  IChiefs isiqoqe amaphuzu angama-46 emidlalweni engama-29. ICity izovala isizini ngomdlalo wabakhaya neStellenbosch kusasa ngele-3 ntambama. ICity idinga amaphuzu amathathu azoyithatha ayibeke emaphuzwini angama-52. Lokhu kuzophoqa iRoyal AM ukuthi inqobe imidlalo yayo emibili yokugcina ezoyidlala neSundowns ne-Orlando Pirates. Ukunqoba kweCity kuStellenbosch kuzochaza ukuthi iChiefs kumele ikhohlwe ngeChampions League. Amakhosi kuzophoqa ukuthi athandazele ukuthi iRoyal AM ishaywe emidlalweni yayo emibili yokugcina yona bese ishaya iSwallows kusasa. Ngaleyo ndlela izozibekisela indawo kuCaf Confederation Cup.

Scroll To Top