Now Reading
Abantu baseNingizimu Afrika kufanele babumbane phakathi kwezingxabano zomhlaba: uRamaphosa
Dark Light

Abantu baseNingizimu Afrika kufanele babumbane phakathi kwezingxabano zomhlaba: uRamaphosa

UMengameli uCyril Ramaphosa useveze ukubaluleka kokubumbana njengezwe phakathi kwezingxabano zomhlaba.

Ephendula amaqembu ezepolitiki ePhalamende ngemuva kwenkulumo-mpikiswano yeNkulumo yeSizwe (SONA), ukhulume ngokubaluleka kokuxazulula izinkinga zangaphakathi ezweni esikhundleni sokufuna usizo emazweni angaphandle.

Lokhu kungemuva kokuba inhlangano elwela amalungelo abamabhunu i-AfriForum icele usizo kwiMelika mayelana nokushaywa komthetho we-Expropriation Act lesisenzo esigcine siholela ekutheni iMelika inqamula usizo elithumela eNingizimu Afrika.

See Also

“Sifuna ukuhlalisana ngokuthula, ukuzwana nokulingana. Sifuna ukubona izwe lethu liphumelela futhi likhula. Akumele sivumele abanye ukuthi basichaze, kodwa okubaluleke kakhulu, ukuthi basehlukanise. Esikhathini esinjengalesi, sidinga ukuma sibumbane njengesizwe, ikakhulukazi manje lapho sibhekene nomoya onamandla womhlaba wonke. Lesi akusona isikhathi sokuthi noma ngubani phakathi kwethu aphuthume emazweni angaphandle ayofaka izikhalo ngezinkinga esingazixazulula thina lapha kuleli.”

Scroll To Top