Ukhomoza ukubambisana emazweni omhlaba uMengameli waseChina
UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
UMengameli waseChina uXi Jinping usegqugquzele ukubambisana phakathi kwamazwe omhlaba, egxeka nokuthi kube nezwe eliwundlovukayiphikiswa liphinde ligxambukela ezindabeni zakwelinye izwe.
UXi ukhulume kanje engqungqutheleni ehlanganisa osomabhizinisi, abashayimthetho nabatshalizimali iBoao Forum esifundazweni iHainan esiyisiqhingi esiseningizimu nezwe.
Usebenzise lesi sithangami ukugqugquzela ukusebenzisana phakathi kwamazwe omhlaba ekuthathweni kwezinqumo ukubhekana nezinselelo ezisezingeni lomhlaba, waphinde wathi kumele kuvikelwe uhlelo lwamazwe ngamazwe oluholwa iNhlangano Yezizwe.
UXi yize engazange abalule magama, kodwa iBeijing isigxeke iphindelela i-USA ngokulandela eyayo yodwa imithetho ezindabeni ezisezingeni lomhlaba, ukugxambukela ezindabeni zaseChina kanye nezenzo zayo zokuhola umkhankaso wokudweba isithombe esibi ngeChina ukuze ukhishwe inyumbazana ngamanye amazwe ahambisana neWashington.
“Izindaba ezisezinngeni lomhlaba kumele kubhekwane nazo ngokubambisana. Ikusasa lamazwe omhlaba kumele kuthi kube yilelo okufinyelelwa kulo kube nokuxoxisana.
“Kumele singakuvumeli ukuthi imithetho ebekwa yizwe elilodwa noma ambalwa ifakwe ngenkani kwelinye izwe, noma sivumele izinqumo ezithathwe yizwe elilodwa kube izona ezilawula inqubekela phambili yomhlaba wonke,” kusho uXi.
Enkulumeni yakhe, uMengameli waseChina uphinde wagcizelela ukungahambisani nobuqhwaga kanye nokuthi kube nezwe elibusa phezu kwamanye.
Uthe ubhubhane ukhuvethe selukubeke kwacaca ukubaluleka kokuthi abantu emhlabeni kumele bawuchithe umqondo wokuthibelana kanye nesimo lapho abanye bezuza khona ngokulahlekelwa kwabanye.
“Ubuqhwanga kanye nokugxambukela ezindabeni zamanye amazwe ngeke neze kudale ukwesekwa,” kusho uXi.
Kamumva, i-USA kanye namazwe edlelana nawo basole iChina ngokuhlukumeza amalungelo esintu esifundeni iXinjiang enabantu besizwe sama-Uyghur abalandela inkolo yobuSulumane, nokuyizinsolo iBeijing ezichitha njengezingenasisekelo sobufakazi.
IWashington ibe isihola la mazwe ekufakeni unswinyo iChina, nokube isinyathelo esiphoqa iBeijing ukuthi nayo iphendule ngolwayo unswinyo.
IBeijing iphinde yatshela i-USA ukuthi izinuke yona amakhwapha ngodaba lokuhlukunyezwa kwamalungelo esintu njengoba ikhungethwe imibhikisho elwisana nokubulawa kwabantu boHlanga ngamaphoyisa, kanti iphinde futhi ihole izimpi esezithathe izigidi zemiphefumulo emazweni ahlukene.
Nokho kuzo zonke lezi zinsolo ezenziwa i-USA ngeChina, iWashington isaqhubeka nokusebenzisana neBeijing, yize isimo sisamazonzo kubudlelwano babo kwezohwebo ngenxa yonswinyo olwasungulwa wuloyo obenguMengameli uDonald Trump, nolusaqhubeka namanje phansi kukaMengameli omusha uJoe Biden.
Unswingo lwezohwebo luhlanganisa ukuvalwa kokusetshenziswa kwemikhiqizo yezinkampani zethekhnoloji zaseChina ezifana nesikhondlakhondla iHuawei ebihola umkhankaso wokufakwa kohlelo olusha lobuchwepheshe bezokuxhumana i-5G.
Phakathi kwalabo abahambele ingqungquthela yeBoao kubalwa nezikhulu zezinkampani ezahlukene zaseMelika, okubalwa leyo eyakha izimoto iTesla kanye ne-Apple, ezisaqhubeka nokuba nemakethe enkulu eChina.
Enkulumweni yakhe, uXi wethembise ukuthi iChina izoqhubeka nokwenza izwe libe indawo ekhuthaza isimo esihle sokusebenza kwamabhizinisi ukuze iqhubeke nokuheha izinkampani zangaphandle.
Uthe iChina izoqhubeka nokwelekelela amazwe asathuthuka ukulwa nokhuvethe kanye nokusebenzisana namanye ukukhuthaza uhwebo nokutshalwa kwemali.
Ngonyaka odlule, iChina idlule i-USA njengezwe elihehe izinkampani eziningi zangaphandle, kanti ngokwezibalo zesigaba sokuqala sonyaka wezi-2021, kubonakala leli zwe lisalandela ukhondolo olufanayo.
“Ukuvuleleka kubalulekile ukuze kube nentuthuko kanye nenqubekela phambili. Iyona ndlela ezodala ukuvuseleleka kokukhula komnotho,” kuchaza uXi.
Uthe iChina inxusa amazwe ase-Asia kanye nakuwo wonke emhlabeni ukuthi asabele ikhwelo lokuba munye ekulweni nobhubhane ukhuvethe.
Uphinde wathi izinkampani zaseChina seziqalile ukusebenzisana namazwe afana neBrazil, i-Indonesia, iMalaysia, iPakistan, iTurkey kanye ne-United Arab Emirates phansi kohlelo lweBelt and Road Initiative (BRI) ukukhiqiza imigomo yokhuvethe ngokubambisana.
UXi wethembise ukuthi izwe lakhe lizoqhubeka lisebenze ngendlela evulelekile liphinde liqinise ukusebenzisana namanye amazwe ngaphansi kohlelo lweBRI.
“Sizoqhubeka nomoya wokusebenzisana nalawo mazwe afuna ukuba ingxenye yohlelo ukuze senze iBRI ibe iyona ndlela yokuqeda ububha, nokuzosiza ukudala intuthuko yawo wonke umuntu emhlabeni,” kuchaza uXi.
Lolu hlelo lokuthuthukiswa kwengqalasizinda luhlose ukusisa amazwe ayingxenye yalo kukhishwe abantu abayela ezigidini eziyisishiyagalombili nakhungethwe ububha obunzima, kuphinde kusizwe abayizigidi ezingama-32 ababhekene nesimo sobubha esingesibi kakhulu kulesi sikhathi esingangeminyaka emihlanu esizayo.
Kulo nyaka wezi-2021, iqembu elibusayo iCommunist Party of China (CPC) ligubha ikhulu leminyaka lasungulwa.
UMengameli waseChina uthi kule minyaka eyikhulu edlule leli qembu likwazile ukufukula izwe ngokuletha uguquko ukuze libe elicebile, elinamandla nelizimele, ngokunjalo likwazi nokuba nomthelela obonakalayo ekuletheni intuthuko emhlabeni.
“Nokho, noma ingakhula kangakanani, iChina ayisoze yafuna ukubusa phezu kwamanye amazwe, noma ukwandisa imingcele yayo kanye nesizinda somthelela wayo. Futhi ayisoze yangenelela umbango wokwakha izikhali,” kuqhuba uXi.
Uthe iChina izibophezele ukuthi iqhubeke ekudaleni ukuthula emhlabeni, ukuletha intuthuko kanye nokugcina inqubo yamazwe omhlaba.

