Now Reading
Ivukana kwezepolitiki eZimbabwe nezinhlelo zokungenela ukhetho
Dark Light

Ivukana kwezepolitiki eZimbabwe nezinhlelo zokungenela ukhetho

Ubuholi beqembu elisha lezepolitiki eZimbabwe okuyi-United Zimbabwe Alliance bathi bazimisele ukuqalisa ukubusa kwezombusazwe kuleli lizwe futhi bazolungenela ukhetho lwangonyaka ozayo. UMengameli waleli qembu u-Elisabeth Valerio, uhambele eNingizimu Afrika  ukuzohlanganisa amakhanda nabantu baseZimbabwe abakuleli. UValerio uthi iZimbabwe ibhekene nezinselelo eziningi futhi akungatshazwa ukuthi kuyadingeka ukuba kwenziwe uguquko. 

“IZimbabwe yizwe elihle ngakho ngiyazi ukuthi zikhona izingqinamba esibhekana nazo. Sesimi ngomumo, ikakhulukazi enkundleni yezepolitiki. Kuyadingeka ukuthi sikusukumele lokhu okwenzekayo ngoba izimo azibekezeleleki. Izidingo eziyisisekelo azinakekelwa. Sinezakhamuzi eziningi ezishiyayo futhi zibalekela kwamanye amazwe ziyofuna impilo encono,” kusho uValerio. 

Leli qembu lizongenala ukhetho oluzobanjwa ngonyaka ozayo lapho linethemba lokuthi abavoti bazolamukela. Njengoba ubuholi baleli qembu bulapha eNingizimu Afrika  ukuzama ukuzokhulumisana nabaseZimbabweni abakulelizwe uMengameli waleli qembu uthe. “Sikhathazeke kakhulu yingakho silubeka eqhulwini lolu hambo.

Kuyinkinga yezwekazi. Bheka abantu baseNingizimu Afrika njengamanje babona sengathi abalutholi usizo, uhulumeni waseNingizimu Afrika uthwele kanzima. Kungumsebenzi kahulumeni waseZimbabwe ukwenza isiqiniseko sokuthi izakhamizi azibaleki ziyofuna impilo encono  ngaphandle kwezwe,” kusho uValerio. 

See Also

Uphinde waphawula nangemali okufanele ikhokhwe ngabafuna ukungenela ukhetho lapho ethe “Kuyakhathaza ngoba lokhu kuqeda ukuthembeka. Ngikholwa ukuthi iZEC ithole igunya lokuqinisekisa ukuthi ukhetho lukhululekile futhi lulungile ukuze izakhamizi zibambe iqhaza ngokukhuthala noma zifuna ukungenela ukhetho kuhulumeni olandelayo. Lolu khetho luzosihlukanisa, izakhamizi ngeke zibambe iqhaza ngokukhululeka,” uyanezela. 

Abeqembu baveze banazo  izinhlelo namaqhinga  ezomnotho anamandla okushintsha  isimo esibi somnotho esihlasele iZimbabwe.

Scroll To Top