Kweyomkhumulajezi kusengenzeka noma yini – Broos


IBafana Bafana sekuphele iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili yagcina ukuphakamisa isicoco se-Africa Cup of Nations (Afcon).
Ngowe-1996, iBafana yakhala yemuka nesicoco se-Afcon iqala ukuba yingxenye yalo mqhudelwano owawubanjelwe eNingizimu Afrika.
Elakuleli lalikade lidingisiwe ukudlala emidlalweni yamazwe ngenxa yezimpi zobandlululo. Labuyiselwa emidlalweni yamazwe ngowe-1992. Lahluleka wukuzibekisela indawo kwelaseTunisia ngowe-1994.
Kwathi ngowi-1996 langena ku-Afcon ngenxa yokuba ngosokhaya balo mqhudelwano.
Kowamanqamu, iBafana yaqumba phansi iTunisia ngo 2-0 wamagoli kaMark Williams eFNB Stadium ngaphansi kobuholi bukaClive “The Dog” Barker osanda kudlula emhlabeni.
Kusukela lapho, iBafana ayikaze iphinde idle ubhedu kulo mqhudelwano. NgoLwesithathu, iBafana izibekisele indawo kwi-last 16 ye-Afcon. Izobhekana neMorocco ngoLwesibili ebusuku eStade de San Pedro ngehora le-10 ebusuku.
“Uma usudlulele esigabeni somkhumulajezi kusuke sekungenzeka noma yini. Isifiso sethu bekuwukufinyelela esigabeni esilandelayo somqhudelwano futhi sesikwazile ukufeza lesi sifiso. Njengoba sizobhekana neMorocco kumele silwe ngokuphindiwe ngoba sizoba sidlala nezwe eliseqophelweni eliphezulu. Sinezinsuku ezine zokuphumula nokulungiselela umdlalo olandelayo. Sizohlela kahle ukuze kushaye usuku lomdlalo simi ngomumo,” kuchaza uBroos exoxa nabezindaba ngemuva komdlalo.
Izolo iBafana ibambane neTunisia ngo 0-0 emdlalweni wokugcina wamaqoqo. Igcine iqede endaweni yesibili kuqoqo E ngamaphuzu amane emidlalweni emithathu. Ilobole iNamibia ngo 4-0 yase idliwa yiMali ngo 2-0 kowokuvula.
“Angidingi ukuchaza ukuthi njengamanje kukhuluma umqeqeshi ojabule ngendlela eyisimanga. Umqeqeshi ugculiswa wukubona abadlali bakhe bezinikela. Okwesibili umqeqeshi uphinde athokozele ukubona abadlali abasebhentshini beseka abasenkundleni engathi nabo bayadlala. Konke lokhu ngikubone ngamehlo ami namuhla (izolo). Ngibone umndeni. Ngibone iqembu elifuna ukufela enkundleni,” kubeka uBroos.
IBafana ibhekene nomqansa wokukhipha iMorocco efinyelele kowandulela amanqamu eNdebe yoMhlaba ebiseQatar ngowezi-2022.
“ITunisia siyihlaziye kahle ngaphambi kokuthi singene enkundleni. Senze isiqiniseko sokuthi siyaziqoqa. Asizange sidlala ngesivinini esiphezulu. Besiqonda ukuthi babenezinsuku eziningi zokuphumula kunathi. Iqhinga lethu lisebenzile. Uzinzo beluluhle emuva. ITunisia ayizange ibe yingozi emdlalweni wonke. Silitholile idlanzana lamathuba. INingizimu Afrika kuyifanele ukudlulela emzuliswaneni olandelayo,” kuphetha uBroos.