Now Reading
USekela-Mengameli waseZimbabwe akavumelani nokwandisa ihlandla likaMnangangwa
Dark Light

USekela-Mengameli waseZimbabwe akavumelani nokwandisa ihlandla likaMnangangwa

USekela-Mengameli waseZimbabwe uConstantino Chiwenga usethumele umlayezo oqinileyo kwabanye abantu ezweni abafuna ukwengezelelwa ihlandla likaMengameli Emmerson Mnangagwa kuze kudlule kowezi-2028.

Abanye ezweni bayahambisana nokuthi uMnangagwa  aqhubeke ahole leliyalizwe. Ilunga leZanu-PF ephalamende nowayenguMsekeli kamphathintambo wogatsha lwezolwazi kanye nezamandla uMutodi nguye ohola isiphakamiso sokuthi kuguqulwe umthethosisekelo wezwe kanye nokususwa komthetho obeka ukuthi umengameli ahole amahlandla amabili kuphela.

Lemizamo yokuchibiyela umthethosisekelo ingase ibhekane nokuphikisana okukhulu phakathi eqembini  iZanu PF kanye nasemaqenjini aphikisayo.

Scroll To Top