Now Reading
Abaqashi bashaya indiva imali yeholo eyisisekelo: Cosatu
Dark Light

Abaqashi bashaya indiva imali yeholo eyisisekelo: Cosatu

Umfelandawonye wezinyunyana iCongress of South African Trade Unions (Cosatu) uthi sekunokubukelwa phansi kwemali yeholo eliyisisekelo (minimum wage) likazwelonke ngabanye abaqashi kanti lo mfelandawonye uxwayisa ngokuthi akukho emthethweni ukuthi abaqashi bakhokhele abasebenzi babo ngaphansi kwama-R27.58 ngehora.

Ucwaningo olwenziwa yi-National Minimum Wage Commission luthole ubufakazi bokuthi abanye abaqashi abayithobela imithetho noma bayithobela ngokwengxenye.

Umxhumanisi weCosatu ephalamende, uMnu uMatthew Parks, uthe uMnyango Wezokuqashwa Nezabasebenzi kumele uqinise ukuhlolwa kokulandelwa kwalomthetho.  UParks uthe, “Umthetho Wehholo eliyisisekelo (minimum wage) ngokwawo uhlinzekela ukukhululwa kubaqashi ngokuvamile abangakwazi ukukukhokhela.”

See Also

“Ngakho-ke uma inkampani, umqashi, engakwazi ukuyikhokhela, bekufanele enze izinto ezintathu: eyodwa kufanele abonisane noma axhumane nabasebenzi babo, izinyunyana zabo, bangakwazi ukufaka isicelo sokukhululwa eMnyangweni Ukuqashwa kanye Nezabasebenzi, futhi kufanele nje banikeze ubufakazi bobunzima babo bezezimali. Ngakho kungaba isitatimende sasebhange, isitatimende sezimali nokunye. Futhi uma bengafakazela ukuthi yebo ngempela abakwazi ukukukhokhela, bazonikezwa i-exemption ngonyaka wezimali owodwa kuze kufike kuma-10% weholo elincane eliphansi, futhi cishe ingxenye yezinkampani ezifake isicelo sokukhululwa zasiyitholile.”

Scroll To Top