Asicophelele ukuthuthukisa imvelaphi yethu zisuka nje
UKhoza ungungoti kwezomculo wesiNtu abuye abe ngumsunguli weMbuso Khoza Centre…
Bandla eliphakathi nakhu sekushayeke ibuya lapha exhibeni lakwethu phela ekhaya akuvaleliswa, yingakho noma sekuphele konke emaxhibeni izalukazi ziye zikhiphe amahluzo zixhaxhazise.
Sengithubeleze emathafeni ezwe leNdlovukazi uMthaniya kepha yalokhu ithaphuke njalo inkondlwana yeBayede sengisho impepha yasekhaya ephunga layo liyisinqandabuli.
Ngibuya ngenkankatho edinga ukudidingwa kuhle kwenkunzi ishuphulwa,lapha ngisho indlela esivuselela ngayo imvelaphi yethu.
Kunomehluko phakathi kokubungaza nokulonda kunomehluko phakathi kwesikhetho esingene saphebeza amakhoba namakhavilithi kanye naleso esingene sagoqoza inzika, amadoda alelizwe aphuza izibhidi nezilazela nje kungenxa yokunyanyalata kwesikhetho enzikeni sidla obuhlehlisa izigiqila isilazela uqobo.
Ngakho lengosi izophenduka isipopolo ezihlokweni ezahlukene kepha ezinqala ezithinta lokho okuyimvelo yethu.
Esingakubheka nje namuhla yindlela esihlela ngayo imibungazo yethu uma sithi sivuselela okungokwethu, sekuthanda ukuhambisana nephango ngoba kusukela ngosuku esathola ngalo intando yeningi savele sadloba ngompenge lwamadili uma ungabheka izindodla eseza chithwa eminyakeni edlule ngabe sinezigcina magugu ezingabaleki mhlampe nezikole ezimbalwa ezingabe zikhiqiza ulwazi olunzulu ngathi, inkinga enkulu ngomoya wamadili ushiya abantu nombhobe lapho besala bengazazi izimpande zabo begcine ngobumnandi kepha izifundo zingekho ngathi.
Njengoba kuqala unyaka kumele sizame ukucophelela siqhamuke nezindlela ezintsha ukuthuthukisa imvelaphi yethu, ngoba kuzoba yinkinga ukuthi sihlangane minyaka yonke sivukelwe wusinga kodwa asinamthelela ngisho kwezemfundo asinaso isifundo sobuchwepheshe ngolimi lwethu, izinsimbi zezinqola sisazibiza ngolimi lwabezizwe okwethu nje wukusina siqephuze bese kuthi dwe!!
Uma ungabheka into elula umculo wasezikoleni Amahubo’ nemibholoho asaculwa ngendlela engahlelekile ukuthi ingane ezalwe izolo isheshe izwe ukuthi kwenzakalani, awukho umqulu onamahubo kaZulu ochaza kusukela liphuma ibutho liyoncinda liyothabela, umuzwa, nomuzwa uhlamvu nohlamvu namanje siyaphumputha size siphikisane silwe sodwa ngenxa yokuthi kuganene imithuthwane.
Sengathi singazicabangela ngokwanele izingane singazi shiyi nemijwaqu abanye bedla amatifi ezwe lakithi.
Okubuhlungu kakhulu ithi intombi noma insizwa ivunule iconsa ize yabipha uphoxeke uma uthi uyibuza ngokhokho wayo odumile emilandweni kuvele kuqhume izinhlansi zomthombothi, abantu banamuhla abasazi mahluko phakathi kwesibongo isithakaseli, isithopho nesiteketiso.
Kuvele kube sengathi Umuntu umubuyisela emuva uma umkhumbuza ngeziko lakhe kanti umubuyisela kuye uqobo.
Bakwethu kuyoba nzima ukunqoba izimpi zikamoya uma sehluleka wukwamukela amafa okhokho bethu kamoya, lemichitha cala esithi siyenzela ukukhumbula okwethu iyophenduka izishizi mgelinye makuxakaziswe kuqiniswe izikhonkwane zemfundo ngoba yilapho sithakatheka khona singanakile sibe sithi siya phambili, uma kunganda izifundo ezingakhokhelwa ezidlangalaleni ngemvelaphi kube sengathi siyahlanya emakhanda sishumayele okwethu hleze umahluko siwubone.
Enye indawo engabamba elikhulu iqhaza yizigcina magugu ngoba ayisisebenzeli isizwe indaba yokuthi kuqoqwe onke lamagugu ukuthi ahlale nje abukwe azikho izifundo zanyanga zonke ngemvelaphi ukuze kuzokhuthazeka ulwazi ngathi, bakwethu zinkobe eziklayekile lezi ezimanzi ziyeza ngomcengezana.
Ushicilelo lokuqala lube mhla zingayi-20 kuMasingana wezi-2023