Kubukeka bengazange balwenze ucwaningo


ITHWETSHULWE kahle ngokwesithombe ingqayi iShe is King okuvulwe ngayo iKZN African Film Festival (KAFF) 2017 esikhungweni sezobuciko KwaMashu, Ekhaya Multi Arts Centre. Le ngqayi isebenzise ngokuyikho izindawo zasemakhaya zesifundazwe ezingaphandle kwedolobha iTheku njengaseMzinyathi. Iphinde yahloma ngabalingisi abaningi abanamava nokho okungacacanga ukuthi ngabe bebenzani nokwenze abanye babo babonakala bengayisizanga. Lokhu akulona iphutha labalingisi – kodwa uma iscript sinezinkinga kwasona ayikho nabalingisi into abangayenza ngisho ungalanda uWill Smith nomaCharlize Theron.
Okuhlalukile kuShe Is King kubukeka sengathi ucwaningo alwenziwanga kwagxilwa kakhulu njengoba olunye lolwazi oluvezwayo luyaphikisana nomlando – njengokuvezwa kokuthi iLembe labekwa esihlalweni nguMntwana uMkabayi. Lokhu okuyiphutha ngoba iNkosi yakwaMthethwa uDingiswayo yiyo eyalekelayo – kwathi yize abakwaZulu babehlungu ngendlela iLembe elathatha ngayo kodwa uMkabayi wathokoza ngeLembe ngoba ethi manje isizwe sikayise sesizophathwa umuntu onesibindi njengaye.
Okunye okuphawulekayo ngeShe Is King ukuthi kunezindaba ezifike ziqalwe bese zingaqedelwa ezinye zazo ezibuye zidide ngokwenzeka kwazo. Akucaci ukuthi yini eyaxabanisa ubaba kaKhanyi (odlalwa nguGugu Zulu) nonina agcina ngokumthola eGoli eye kunhlolokhono womdlalo weshashalazi – kanye nokuthi babuyisene kanjani njengoba babonakala sebebobabili ngelanga lokuvulwa komdlalo. Ekuqaleni kuvela sengathi unina kaKhanyi washona – kanti ngokukanina kuvezwa sengathi kukhulu olwabaxabanisayo – nokwenza uKhanyi adinwe ngokungatshelwa iqiniso.
Indlela uKhanyi ashintsha ngayo njengentombazane yakwaNongoma aphile ngokwasesilungwini ayicaci kahle. Okunye okushiya imibuzo ukuthi abaqondisi nabakhiqizi bomdlalo bakwazi kanjani ukubhala umdlalo baze baqashe abalingisi kuthe sekuphakathi bese bethola olunye ulwazi ngabakwenzayo – nokufika noKhanyi ebaxoxela ngoMkabayi nokuyinto abekade bengayazi kodwa benza umdlalo ngaye. Lokhu kuveza isithombe sokuthi kusengathi kusheshe kwaphuthunywa lungakenziwa kahle ucwaningo.
Okuhle nokho ukuthi olunye ulwazi ngoMkabayi lubekwe ngokuyikho njengokuthi nguye owahamba wayoshelela uyise uJama intombi yakwaSibiya, uMthaniya ukuze kuzalwe indlalifa uMntwana uSenzangakhona.
AbeNgabadi kumele babhukule ekuzibambeleleni ekubhaleni okungabo nomlando wabo nasekuphenduleni lokhu imisebenzi yengqayi. Uma izindaba zethu zisazoqhubeka zikhiqizwe abaMhlophe kusekude phambili ngoba baphethe inkence nebanikeza amandla – bese kuphanjaniswa umlando negugu lethu.
Omunye umdlalo wengqayi otshengiswe ngoLwesithathu, Inxeba – The Wound – kanti okwawo-ke kudabukisa kakhulu. Lokhu kubonakala ngokuhlanekezela isiko lokusoka lakwaXhosa libukeke njengento ewumkhuba wokukhuthaza ukuthandana ngokobulili kwabesilisa baze balalane. Konke lokhu kuvezwa bukhoma kule ngqayi kanti kunaphaza ngodaka leli siko. Lenza labo ababheka amakhwetha babukeke njengababona “izintombi” kubona. Nakuyona le ngqayi kuhamba phambili abakhiqizi abaMhlophe.
Uma izinto ziqhubeka ngale ndlela kusekuningi okuzokonakala ngegugu nomlando wethu. Kuyomele sizisole thina – kodwa futhi sikhale ngalabo abanikeza izimali zokwenziwa kwengqayi kuleli – ukuthi kanti bona ababhekisisi yini ukuthi ingqayi iwalekelela ngemali yabo acwaningiswe kahle. Kuyomele bashaye amakhala njalo uma kunabaMhlophe abahamba phambili njengabakhiqizi. Uma kwenziwa umlando woDe La Rey ngeke ubone aboMdabu behamba phambi – kanti futhi uma kungase kubhalwe okungeyikho kungaba nemibhikisho efuze ekaBlack Monday. Kwezethu izinto kuyehlela kuphinde kuthuleke.
Umsebenzi omuhle weKalushi kaMandla Dube awuzange unikezwe ukuxhaswa ngendlela yize usezingeni eliphezulu kakhulu – ngenxa nje yokuthi uveza isithombe esiyiso ngoSolomon Mahlangu nokuphila komndeni wakhe phansi kwencindezi yobandlululo eyayehlukanisa imindeni Phakathi eminye ihlakazeke kuze kube inamhlanje. Ngisho lo msebenzi sewungene emasinema wacwiliswa washudulelwa phansi ngabomu, ukuze usheshe ukhishwe kwathiwa amathikithi awo awathenga yize ungazange nakanye umakethwe njengoba kwenziwa engqayini yabaMhlophe.
Mhlawumbe abaqondisi nabakhiqisi beNgabadi sekuyisikhathi sokuthi bazisungulele esabo isikhwama sokuxhaswa kwemisebenzi yabo yengqayi ngoba imisebenzi yabo yeqiniso isacindezelekile.
Okuhle ukuthi iKAFF inikeza ithuba kubabukeli nabathandi bengqayi ukuthi bazibonele le ngqayi futhi babeke imibono ngokungeqeni nangemizwa yabo ngabakubonayo. Njengoba kuza iBRICS nje ngonyaka ozayo kuzobaluleka ukubamba iqhaza kwabeNgabadi futhi babhukule basebenzise ithuba lokuveza imisebenzi yabo yobuciko ngokuyikho nangaphandle kokuzenyeza. Ukusabalaliswa kwale misebenzi ezindaweni nasemiphakathini yabeNgabadi yikho kanye okuzobenza babambe iqhaza futhi bazibonakalise ngegugu lobuciko babo. Ngeke nje sibone imisebenzi yabaseChina inokuncetheza nokushendeza – ize yenziwe nangolimi lwabo ngaphandle kokuzinyeza. Lokhu kumele kube isifundo kwabeNgabadi bakhiqize ezobuciko babo ngokungabi namahloni. Ukukhula kweKAFF kusiza abaningi nalabo abasafisa ukuba ngabakhiqizi ngemisebenzi yethu nangolimi lwethu ngokweqiniso.